Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indaba Yokuphila

UJehova Ungibusise Ngokuningi Kakhulu

UJehova Ungibusise Ngokuningi Kakhulu

Ngangineminyaka engu-17 nje kuphela futhi njengabo bonke abantu abasha kwakunezinto engangizifisa nezazingikhathaza. Ngangikuthanda ukuhlala nabangane bami, ukubhukuda nokudlala ibhola. Kodwa ngolunye usuku kusihlwa ukuphila kwami kwashintsha ngokuphazima kweso. Ngaba sengozini enyantisayo yesithuthuthu eyangishiya ngikhubazeke kusukela entanyeni kuye ezansi. Lokho kwenzeka eminyakeni engu-30 edlule futhi kusukela ngaleso sikhathi bengilokhu ngiyinto yombhede.

Ngakhulela edolobheni lase-Alicante, ogwini olusempumalanga yeSpain. Umndeni wakithi wawunezinkinga eziningi, ngakho ngesikhathi ngisemusha ngangichitha isikhathi esiningi ngisemgwaqweni. Ngasekhaya kwakunendawo elungisa amasondo ezimoto. Ngaba umngane noJosé María, owayesebenza lapho. Ngokungafani nabantu basekhaya, wayengumuntu onothando futhi enginaka. Lapho ngicindezelekile, wayefana nomfowethu—umngane weqiniso, nakuba ayemdala kunami ngeminyaka engu-20.

UJosé María wayefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngabona ukuthi wayelithanda iBhayibheli futhi wayevame ukungixoxela amaqiniso ayewafunde eBhayibhelini. Ngangimlalela ngenhlonipho, kodwa ngangingenandaba nalokho ayekusho. Njengoba ngangisemusha, inhliziyo yami yayigxile kwezinye izinto. Nokho, lokho kwakuzoshintsha.

INGOZI EYASHINTSHA UKUPHILA KWAMI

Angithandi ukukhuluma kakhulu ngaleyo ngozi. Engingakusho ukuthi ngangiyisiwula ngokushayela budedengu. Ngosuku olulodwa nje, ukuphila kwami kwashintsha ngokuphelele. Ngasuka ekubeni osemusha onobungqabavu, ngazithola ngikhubazekile futhi ngivaleleke esibhedlela. Kwakunzima kakhulu ukwamukela isimo sami. Ngangilokhu ngizibuza, ‘Ngisaphilelani?’

UJosé María weza ezongibona futhi ngokushesha wahlela ukuba oFakazi BakaJehova bakuleyo ndawo bangivakashele esibhedlela. Ukungivakashela kwabo ngokuqhubekayo kwangithinta inhliziyo. Ngemva nje kokuba ngiphume egunjini labagula kakhulu, ngaqala ukufunda iBhayibheli. Ngafunda iqiniso ngokuthi kungani abantu behlupheka futhi befa nangokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuba izinto ezimbi zenzeke. Ngafunda nangezithembiso zikaNkulunkulu ngekusasa, lapho wonke umhlaba uyogcwala abantu abaphelele futhi kungekho muntu oyothi: “Ngiyagula.” (Isaya 33:24) Ngokokuqala ngqa ekuphileni kwami, ngaba nethemba ngekusasa.

Lapho ngiphuma esibhedlela, ngathuthuka ngokushesha ekufundeni kwami iBhayibheli. Ngosizo lwesihlalo sabakhubazekile esikhethekile, ngakwazi nokuya kweminye yemihlangano yoFakazi BakaJehova futhi ngaba nengxenye emsebenzini wokushumayela. Ngo-November 5, 1988, ngineminyaka engu-20, ngabhapathizwa ngokucwiliswa emanzini kubhavu okhethekile. UJehova uNkulunkulu ungenze ngaba nombono omuhle ngokuphila. Kodwa ngangingakubonakalisa kanjani ukubonga enginakho?

UKUBA NENGXENYE NAKUBA NGIKHUBAZEKILE

Ngangizimisele ukungavumeli isimo sami singivimbele ukwenza konke engingakwenza enkonzweni kaJehova. Ngangifuna ukuthuthuka. (1 Thimothewu 4:15) Ekuqaleni, lokho kwakungelula ngoba umndeni wakithi wawumelene nenkolo yami entsha. Kodwa babekhona abafowethu nodadewethu abangokomoya. Babeqikelela ukuthi angiphuthi emihlanganweni futhi ngihlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela.

Nokho, njengoba isikhathi sihamba, kwaba sobala ukuthi ngizodinga ukunakekelwa okukhethekile ubusuku nemini. Ngemva kokucinga isikhathi eside, ekugcineni ngathola isikhungo esifanelekayo sabakhubazekile edolobheni laseValencia, eliqhele ngamakhilomitha angu-160 enyakatho ye-Alicante. Lesi sikhungo saba ikhaya lami.

Nakuba ngihlale ngisembhedeni, ngizimisele ukuxoxa nabanye ngokholo lwami

Nakuba ngangihlala ngisembhedeni, ngangizimisele ukuqhubeka ngikhonza uJehova. Ngisebenzisa impesheni yami yokukhubazeka kanye nenye imali engangiyithola, ngathenga i-computer futhi yaxhunywa eduze kombhede wami. Ngathenga nomakhalekhukhwini. Manje, njalo ekuseni umuntu onginakekelayo uvula i-computer nomakhalekhukhwini wami. Ukuze ngisebenzise i-computer ngisebenzisa i-joystick engiyiqondisa ngesilevu. Ngiphinde ngibe nothi engilisebenzisa ngomlomo. Lolu thi lungisiza ngikwazi ukubhala amagama nezinombolo kumakhalekhukhwini wami.

Ngicofa izinombolo kumakhalekhukhwini wami ngothi lokucofa

Ziye zangisiza kanjani lezi zinto zobuchwepheshe? Okokuqala, zingenza ngikwazi ukungena kuyi-jw.org nakuyi-Watchtower ONLINE LIBRARY. Yeka indlela la mathuluzi abe usizo ngayo kimi! Ngivame ukuchitha amahora amaningi usuku ngalunye ngitadisha futhi ngicwaninga ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini ukuze ngiqhubeke ngifunda ngoNkulunkulu nangezimfanelo zakhe ezinhle. Noma nini lapho ngizizwa nginesizungu noma ngidumazekile, kuhlale kunokuthile okungikhuthazayo engosini.

Ngisebenzisa le computer, ngiyakwazi ukulalela nohlanganyela emihlanganweni yebandla. Ngiyakwazi ukuphendula, ukuthandaza, ukubeka izinkulumo ngisho nokufunda INqabayokulinda lapho nginesabelo sokufunda. Nakuba ngingakwazi ukuya kuleyo mihlangano, ngizizwa ngiyingxenye yebandla.

Ukuba nomakhalekhukhwini ne-computer kungenza ngikwazi ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela. Yiqiniso, angikwazi ukuya endlini ngendlu njengoba kwenza oFakazi BakaJehova abaningi, kodwa lokho akungivimbi ukuba ngishumayele. Ngisebenzisa la mathuluzi, ngiyakwazi ukuxoxela abanye ngokholo lwami. Empeleni, ngiyazijabulela izingxoxo engiba nazo ngocingo kangangokuba abadala basebandleni baye bangicela kuba ngiqondise imikhankaso yokushumayela ngocingo. Le mikhankaso iye yaba usizo kakhulu emalungwini ebandla angakwazi ukuya endlini ngendlu.

Ngiqhuba isifundo seBhayibheli

Ukuphila kwami akugxilile kwezobuchwepheshe kuphela. Usuku nosuku abangane bami abathandekayo bayangivakashela. Beza nezihlobo zabo nabantu ababajwayele abathanda ukwazi ngeBhayibheli. Ngokuvamile, baye bangicele ukuba ngihole ezingxoxweni esiba nazo. Ngezinye izikhathi, imindeni iyangivakashela futhi ingicele ukuba ngihlanganyele nayo ekukhulekeleni komkhaya. Ngijabula kakhulu lapho izingane ezincane zihlala eduze kombhede wami bese zingitshela ukuthi kungani zimthanda uJehova.

Ngijabulela ukukhulekela komkhaya nabangane kusihlwa

Ngiyakwazisa ukuba nezivakashi eziningi kangaka. Igumbi lami lihlale ligcwele abangane abazongibona abasuka kude naseduze. Njengoba ungase ucabange, lokhu kunakekela kothando kuyazimangaza izisebenzi zakulesi sikhungo. Usuku ngalunye ngiyambonga uJehova ngokungivumela ukuba ngibe ingxenye yobuzalwane obuhle kangaka.

NGISAZABALAZA

Noma nini lapho umuntu engibingelela bese engibuza ukuthi nginjani ngimane ngithi: “Ngikhona, ngisazabalaza!” Yiqiniso, ngiyazi ukuthi angingedwa kulo mzabalazo. Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene naziphi izimo noma izithiyo sonke njengamaKristu siyalwa—“ukulwa okuhle kokholo.” (1 Thimothewu 6:12) Yini eye yangisiza ngaqhubeka ngizabalaza iminyaka eminingi kangaka? Usuku ngalunye ngiyathandaza ngibonge uJehova ngokwenza ukuphila kwami kube nenjongo. Ngizama ukuhlala ngimatasa ngangokunokwenzeka ekukhonzeni uNkulunkulu, ngigcina amehlo ami egxile ethembeni eliphambi kwami.

UJosé María

Ngivame ukucabanga ngezwe elisha nangokuthi kuyoba njani ukuphinde ngigxume ngigijime. Ngezinye izikhathi ngiye ngizincokolele nomngane wami omkhulu uJosé María—ophethwe uvendle—ngokugijima emqhudelwaneni ndawonye. Ngiye ngimbuze ukuthi: “Ubani ongaphuma phambili?” Uphendula athi: “Akunandaba ukuthi ubani ongaphuma phambili. Okubalulekile ukuba khona ePharadesi, ukuze sigijime.”

Bekungelula ngami ukwamukela ukukhubazeka kwami. Ngiyazi ukuthi ngesikhathi ngisemusha, ngenza into ewubuwula eyangilimaza kakhulu. Nokho, ngiyajabula ngokuthi uJehova akazange angilahle. Ungiphe okuningi—umndeni omkhulu ongokomoya, isifiso sokuphila, injabulo yokusiza abanye nethemba elihle lekusasa. Uma bekungathiwa angifinqe indlela engizizwa ngayo bengingathi uJehova ungibusise ngokuningi kakhulu.