Dlulela kokuphakathi

Iziguli EzingoFakazi Zivame Ukululama Masinyane

Iziguli EzingoFakazi Zivame Ukululama Masinyane

E-AUSTRALIA: Iziguli ezingoFakazi BakaJehova ezisesibhedlela—ezingavumi ukumpontshelwa igazi ngenxa yezinkolelo zazo—empeleni ziyashesha ukululama kunezinye iziguli,” kubika iphephandaba i-Sydney Morning Herald langomhla ka-2 October 2012.

Lo mbiko ucaphuna uJames Isbister onguProfesa Wezokwelapha eSydney Medical School, e-University of Sydney. “UProfesa Isbister wathi oFakazi BakaJehova belashwa kangcono odokotela abazama ukonga igazi labo [oFakazi]. Ngenxa yalokho maningi amathuba okuba basinde futhi bahlala isikhathi esifushane esibhedlela nasendaweni yokunakekela iziguli ezibangwa nezibi uma beqhathaniswa nabantu abampontshelwa igazi lapho behlinzwa,” kubika leli phephandaba.

Baningi abantu abacabanga njengoDokotela u-Isbister. Ikhuluma ngeziguli ezingoFakazi ezihlinzwa inhliziyo, i-Archives of Internal Medicine yango-August 13-27, 2012, ithi: “OFakazi baba nezinkinga ezimbalwa futhi bahlala isikhathi esifushane kuneziguli ezimpontshelwa igazi.”