Dlulela kokuphakathi

Ngingayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?

Ngingayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?

Impendulo YeBhayibheli

Ukuze liveze umehluko phakathi kwalabo abasenkolweni yeqiniso neyamanga, iBhayibheli lifanekisa ngale ndlela: “Niyobazi ngezithelo zabo. Abantu abawakhi neze amagilebhisi emeveni noma amakhiwane emakhakhasini, akunjalo?” (Mathewu 7:16) Njengoba kulula ukubona umehluko phakathi kwesihlahla samagilebhisi nesameva, ungakwazi ukubona umehluko phakathi kwenkolo yeqiniso neyamanga ngezithelo zayo noma ngalezi zici ezilandelayo.

  1. Inkolo yeqiniso ifundisa iqiniso elisekelwe eBhayibhelini hhayi kumafilosofi abantu. (Johane 4:24; 17:17) Lokhu kuhlanganisa amaqiniso enkolo ngomphefumulo nethemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:29; Isaya 35:5, 6; Hezekeli 18:4) Iphinde iwembule ngokucacile amanga enkolo.—Mathewu 15:9; 23:27, 28.

  2. Inkolo yeqiniso isiza abantu bazi uNkulunkulu, lokho kuhlanganisa ukubafundisa igama lakhe elithi Jehova. (IHubo 83:18; Isaya 42:8; Johane 17:3, 6) Ayifundisi ukuthi uNkulunkulu akaqondakali noma akafinyeleleki, kunalokho ifundisa ukuthi ufuna sibe nobuhlobo naye.—Jakobe 4:8.

  3. Inkolo yeqiniso iqokomisa ukuthi uNkulunkulu usisindisa ngoJesu Kristu. (IzEnzo 4:10, 12) Amalungu ayo alalela imiyalo kaJesu futhi alwela ukulandela isibonelo sakhe.—Johane 13:15; 15:14.

  4. Inkolo yeqiniso ibheka uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu. Amalungu ayo atshela abanye ngalowo Mbuso.—Mathewu 10:7; 24:14.

  5. Inkolo yeqiniso ikhuthaza uthando olungenabugovu. (Johane 13:35) Ifundisa ukuba kuhlonishwe bonke abantu futhi yamukela abantu abavela kuzo zonke izinhlanga, amasiko, izilimi nezizinda. (IzEnzo 10:34, 35) Ngenxa yothando analo ngabanye, amalungu ayo awahlanganyeli empini.—Mika 4:3; 1 Johane 3:11, 12.

  6. Inkolo yeqiniso ayinaye umfundisi okhokhelwayo futhi ayiniki amalungu ayo iziqu zenkolo ezikhethekile.—Mathewu 23:8-12; 1 Petru 5:2, 3.

  7. Inkolo yeqiniso ayithathi hlangothi kwezombusazwe. (Johane 17:16; 18:36) Nokho amalungu ayo ayabahlonipha ohulumeni lapho ehlala khona ngokuvumelana nomyalo weBhayibheli othi: “Buyiselani okukaKhesari kuKhesari, kodwa okukaNkulunkulu kuNkulunkulu.”—Marku 12:17; Roma 13:1, 2.

  8. Inkolo yeqiniso iyindlela yokuphila hhayi isiko noma inqubo ethile. Amalungu ayo alalela izindinganiso eziphakeme zeBhayibheli kuzo zonke izici zokuphila. (Efesu 5:3-5; 1 Johane 3:18) Kunokuba akhungatheke, ayakujabulela ukukhulekela ‘uNkulunkulu ojabulayo.’—1 Thimothewu 1:11.

  9. Bambalwa abantu abasenkolweni yeqiniso. (Mathewu 7:13, 14) Ngokuvamile amalungu enkolo yeqiniso abukelwa phansi, agconwe futhi ashushiswe ngenxa yokwenza intando kaNkulunkulu.—Mathewu 5:10-12.

Inkolo yeqiniso ayinqunywa indlela umuntu azizwa ngayo

Kuyingozi ukulawulwa imizwa lapho sikhetha inkolo. IBhayibheli labikezela ngezikhathi lapho abantu ‘beyozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe.’ (2 Thimothewu 4:3) Ngokuphambene nalokho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba silandele “indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu,” ngisho noma leyo nkolo ingadumile.—Jakobe 1:27; Johane 15:18, 19.