Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 5

Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?

Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?

1. Kungani uNkulunkulu adala umhlaba?

UJehova wanika abantu umhlaba. Uyikhaya lethu. Ngakho abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, babengadalelwanga ukuphila ezulwini—uNkulunkulu wayesezidalile izingelosi ukuba ziphile ezulwini. (Jobe 38:4, 7) UNkulunkulu wathatha indoda yokuqala wayibeka epharadesi elihle elibizwa ngokuthi insimu yase-Edene. (Genesise 2:15-​17) Wanika u-Adamu nenzalo yakhe ithuba lokuba baphile phakade emhlabeni.—Funda iHubo 37:29; 115:16.

Ekuqaleni, kwakuyinsimu yase-Edene kuphela eyayiyipharadesi. Abantu bokuqala ababili kwakumelwe bagcwalise umhlaba ngenzalo yabo. Ngokuhamba kwesikhathi, kwakumelwe bawunqobe bawenze ipharadesi. (Genesise 1:28) Umhlaba awusoze wachithwa. Uyohlale uyikhaya labantu.—Funda iHubo 104:5.

Bukela ividiyo ethi Kungani UNkulunkulu Adala Umhlaba?

2. Kungani umhlaba ungelona ipharadesi manje?

U-Adamu no-Eva abazange bamlalele uJehova, ngakho wabaxosha ensimini. Ipharadesi lalahleka futhi akukho muntu oye wakwazi ukulibuyisela. IBhayibheli lithi: “Umhlaba ngokwawo unikelwé esandleni somubi.”—Jobe 9:24.—Funda uGenesise 3:23, 24.

Ingabe uJehova uyilahlile injongo yakhe yasekuqaleni ngesintu? Cha! Unawo wonke amandla. Akehlulwa yilutho. (Isaya 45:18) Uyosibuyisela isintu esimweni ayesihlosile.—Funda iHubo 37:11, 34.

3. Liyobuyiselwa kanjani iPharadesi?

IPharadesi liyobuyiselwa emhlabeni phakathi nokubusa kukaJesu njengeNkosi emiswe uNkulunkulu. Empini ebizwa ngokuthi yi-Armagedoni, uJesu uyohola izingelosi zikaNkulunkulu abhubhise bonke abaphikisa uNkulunkulu. Ngemva kwalokho, uJesu uyobopha uSathane iminyaka eyinkulungwane. Abantu bakaNkulunkulu bayosinda embubhisweni ngoba uJesu uyobaqondisa futhi abavikele. Bayothola ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni.—Funda isAmbulo 20:1-3; 21:3, 4.

4. Kuyophela nini ukuhlupheka?

UNkulunkulu uyobuqeda nini ububi emhlabeni? UJesu wasinika “isibonakaliso” esasiyobonisa ukuthi ukuphela kusondele. Izinto ezenzeka emhlabeni namuhla zisongela ukuphila komuntu futhi zibonisa ukuthi siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’—Funda uMathewu 24:3, 7-14, 21, 22.

Phakathi nokubusa kukaJesu kweminyaka eyinkulungwane, ebusa phezu komhlaba esezulwini, uyoqeda konke ukuhlupheka. (Isaya 9:6, 7; 11:9) Ngaphandle kokukhonza njengeNkosi, uJesu uyoba uMpristi Ophakeme asule zonke izono zabantu abathanda uNkulunkulu. Ngakho, ngoJesu, uNkulunkulu uyoqeda ukugula, ukuguga nokufa.—Funda u-Isaya 25:8; 33:24.

5. Obani abayophila ePharadesi elizayo?

EHholo LoMbuso uzothola abantu abathanda uNkulunkulu, abafuna ukufunda izindlela zokumjabulisa

Abantu abalalela uNkulunkulu bayophila ePharadesi. (1 Johane 2:17) UJesu wathuma abalandeli bakhe ukuba bafune abathobekile, babafundise ukuthi bangamukeleka kanjani kuNkulunkulu. Namuhla, uJehova wenza izigidi zabantu zilungele ukuphila ePharadesi elizayo emhlabeni. (Zefaniya 2:3) EmaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova, abantu bafunda ukuba amadoda nobaba abangcono nokuba amakhosikazi nomama abangcono. Izingane nabazali bakhonza ndawonye futhi bafunde ukuthi izindaba ezinhle zingabazuzisa kanjani.—Funda uMika 4:1-4.