Dlulela kokuphakathi

Yini Engakusiza Uqonde IBhayibheli?

Yini Engakusiza Uqonde IBhayibheli?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli ngokwalo liyasisiza ukuba siliqonde. Kungakhathaliseki ukuthi ukhuliswe kanjani, umyalezo kaNkulunkulu oseBhayibhelini “awulukhuni neze kuwe, futhi awukude.”—Duteronomi 30:11.

Izinto ezingakusiza uqonde iBhayibheli

  1. Yiba nesimo esihle sengqondo. Yamukela iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu. Yiba othobekile ngoba uNkulunkulu umelene nabazidlayo. (1 Thesalonika 2:13; Jakobe 4:6) Noma kunjalo, akufanele ukholelwe kunoma yini—uNkulunkulu ufuna ukuba usebenzise ‘amandla akho okucabanga.’—Roma 12:1, 2.

  2. Thandazela ukuhlakanipha. UmBhalo wezAga 3:5 uthi: “Ungenciki kokwakho ukuqonda.” Kunalokho, ‘qhubeka ucela kuNkulunkulu’ ukuhlakanipha ukuze uqonde iBhayibheli.—Jakobe 1:5.

  3. Lifunde njalo. Kuningi oyokuzuza eBhayibhelini uma ulifunda njalo kunokuba ulifunde ngankathi.—Joshuwa 1:8.

  4. Lifunde ngokwezihloko. Ukulifunda ngokwezihloko, okusho ukuhlola lokho iBhayibheli elikushoyo ngendaba ethile, kuyindlela ezuzisayo yokuthola lokho elikufundisayo. Qala ngezimfundiso ezilula, udlulele ezimfundisweni ezijulile. (Hebheru 6:1, 2) Uzophawula ukuthi ungakwazi ukuqhathanisa imiBhalo futhi ungasebenzisa eminye imiBhalo ukuze uchaze ngisho ‘nenzima ukuyiqonda.’—2 Petru 3:16.

  5. Cela usizo kwabanye. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba samukele usizo kubantu abaliqondayo. (IzEnzo 8:30, 31) OFakazi BakaJehova bafundela abantu iBhayibheli mahhala ngendlela ayenza ngayo amaKristu okuqala. Basebenzisa imiBhalo ukuze basize abanye ukuba baqonde lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela.IzEnzo 17:2, 3.

Izinto ongazidingi

  1. Ukuhlakanipha okukhulu noma imfundo ephakeme. Abaphostoli bakaJesu abangu-12 babeyiqonda imiBhalo futhi bafundisa abanye ngisho noma abanye abantu babebabheka njengabantu “abangafundile nabavamile.”—IzEnzo 4:13.

  2. Imali. Ungafunda lokho okufundiswa iBhayibheli mahhala. UJesu watshela abafundi bakhe: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.”—Mathewu 10:8.