Dlulela kokuphakathi

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Impendulo YeBhayibheli

UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni ongokoqobo omiswe uJehova uNkulunkulu. “Umbuso kaNkulunkulu” uphinde ubizwe nangokuthi “umbuso wamazulu” eBhayibhelini ngoba ubusa usezulwini. (Marku 1:14, 15; Mathewu 4:17) Ufana ngezindlela eziningi nohulumeni babantu, kodwa ungcono kakhulu kunabo ngazo zonke izindlela.

  • Ababusi. UNkulunkulu umise uJesu Kristu njengeNkosi yoMbuso futhi umnike igunya elingaphezu kwanoma yimuphi umbusi ongumuntu. (Mathewu 28:18) UJesu usebenzisa amandla akhe ukuze enze okuhle kuphela, njengoba esezibonakalisile kakade ukuthi unguMholi onokwethenjelwa nonesihawu. (Mathewu 4:23; Marku 1:40, 41; 6:31-34; Luka 7:11-17) Eqondiswa uNkulunkulu, uJesu uye wakhetha abantu abavela kuzo zonke izizwe abayobusa naye ezulwini “njengamakhosi phezu komhlaba.”—IsAmbulo 5:9,10.

  • Isikhathi. Ngokungafani nohulumeni babantu, abangahlali isikhathi eside, uMbuso kaNkulunkulu ‘ngeke neze uchithwe.’—Daniyeli 2:44.

  • Izikhonzi. Noma ubani owenza lokho uNkulunkulu akufunayo angaba isikhonzi soMbuso kaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi ungowaluphi uhlanga nokuthi wazalelwaphi.—IzEnzo 10:34, 35.

  • Imithetho. Imithetho (noma imiyalo) yoMbuso kaNkulunkulu yenza okungaphezu kokuvimbela ukuziphatha okubi. Iphakamisa izindinganiso zokuziphatha zezikhonzi zayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’” (Mathewu 22:37-39) Uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane lushukumisa izikhonzi zoMbuso ukuba zenze ngendlela ebonisa ukucabangela abanye.

  • Imfundo. Njengoba uMbuso kaNkulunkulu ubekela izikhonzi zawo izindinganiso eziphakeme, uphinde ufundise abantu indlela yokufinyelela lezo zindinganiso.—Isaya 48:17, 18.

  • Injongo. UMbuso kaNkulunkulu awucebisi ababusi bawo ngokudla izimali zezikhonzi zawo. Kunalokho, uyofeza intando kaNkulunkulu, kuhlanganise nesithembiso sokuthi bonke abamthandayo bayophila phakade emhlabeni oyipharadesi.—Isaya 35:1, 5, 6; Mathewu 6:10; IsAmbulo 21:1-4.