Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ingabe Ukubhikisha Kuyikhambi?

Ingabe Ukubhikisha Kuyikhambi?

OFakazi BakaJehova, abangabanyathelisi balo magazini, abathathi hlangothi kwezombangazwe. (Johane 17:16; 18:36) Ngakho-ke, nakuba isihloko esilandelayo sibika ngezibonelo ezithile zezinxushunxushu zemiphakathi, asiphakamisi esinye isizwe ngaphezu kwesinye noma sisekele olunye uhlangothi empikiswaneni yezombangazwe.

NGO-DECEMBER 17, 2010, uMohamed Bouazizi kwafika lapho ecikeka khona. Wayengumthengisi wasemgwaqweni oneminyaka engu-26, waseTunisia, owayekhungathekiswe ukufuna umsebenzi ongcono kodwa engawutholi. Wayezazi neziphathimandla ezikhohlakele ezazifuna ukugwazelwa. Ngelinye ilanga ekuseni, amaphoyisa angabaseshi afika ashaqa izithelo zikaMohamed, amagonandoda, ubhanana nama-apula. Lapho ethatha isikali ayesisebenzisa, wasinkonkoshela; futhi abanye ofakazi bokuzibonela bathi iphoyisa lesifazane lamshaya ngempama.

Ehlazekile futhi ethukuthele, uMohamed waya ehhovisi likahulumeni eliseduze eyomangala, kodwa akekho owamnaka. Eme phambi kwaleso sakhiwo, kuthiwa wamemeza ethi, “Nicabanga ukuthi kufanele ngiziphilise ngani?” Ngemva kokuzibhunyela ngophethiloli, wazokhela ngomlilo. Wabulawa amanxeba okusha kungakapheli namasonto amathathu.

Isenzo sikaMohamed Bouazizi sokukhungatheka sabathinta kakhulu abantu baseTunisia nakwezinye izindawo. Abaningi bacabanga ukuthi lokhu akwenza yikho okwabangela ukuketulwa kombuso wakulelo zwe kanye nemibhikisho eyasakazekela kwamanye amazwe ama-Arabhu ngesikhashana nje. IPhalamende LaseYurophu laklomelisa uBouazizi kanye nabanye abane ngeNdondo ye-Freedom of Thought ngo-2011, kanti i-Times yaseLondon yambiza ngomuntu owayehambe phambili ezindabeni zonyaka ka-2011.

Njengoba singase sibone kulesi sibonelo, ukubhikisha kungaba namandla amangalisayo. Kodwa yini ebangela leli gagasi lokubhikisha muva nje? Ingabe kukhona okungenziwa esikhundleni sakho?

 Yini Ebangela Igagasi Elingaka Lokubhikisha?

Imibhikisho eminingi ibangelwa yilokhu okulandelayo:

  • Ukunganeliseki ngezinhlelo zomphakathi. Uma abantu bekholelwa ukuthi uhulumeni wendawo nezomnotho uyazifeza izidingo zabo, asibi khona isidingo sokubhikisha—abantu balandela uhlelo olukhona lokubhekana nezinkinga zabo. Ngakolunye uhlangothi, uma abantu benomuzwa wokuthi lezi zinhlelo zikhohlakele futhi azinabulungisa kanti zichumisa idlanzana kuphela, lokho kwenza umphakathi uvungazele.

  • Imbangela. Ngokuvamile, isehlakalo esithile senza abantu bathathe isinyathelo, esikhundleni sokuthula nje, baqala ukukholelwa ukuthi kumelwe benze okuthile. Ngokwesibonelo, endabeni kaMohamed Bouazizi, lokhu kwabangela imibhikisho emikhulu eTunisia. KwelaseNdiya, ukuduba ukudla okwenziwa u-Anna Hazare, isishoshovu esilwa nenkohlakalo, kwabangela ukuba abalandeli bakhe babhikishe emadolobheni amakhulu namancane angu-450.

Njengoba iBhayibheli lasho kudala, siphila “ezweni lapho abanye abantu benamandla bese abanye behlupheka ngaphansi kwabo.” (UmShumayeli 8:9, Good News Translation) Inkohlakalo nokungabi nabulungisa sekusakazeke nakakhulu namuhla kunangaleso sikhathi. Ngempela, abantu bayiqaphela kunanini ngaphambili indlela isimiso sezombangazwe nesezomnotho esibenzele phansi ngayo. Ama-smartphone, i-Internet kanye nezindaba ezisakazwa ubusuku nemini, sekwenza ngisho nezehlakalo ezenzeka ezindaweni ezikude zivuse uhlevane ezindaweni eziningi zomhlaba.

Yini eye yafezwa imibhikisho?

Abagqugquzeli bokuvukela komphakathi bangase bathi imibhikisho ifeze lokhu okulandelayo:

  • Ikhulule abampofu. Zisabela embhikishweni owawuphathelene nokukhokhelwa kwezindawo zokuhlala eChicago, e-Illinois, e-U.S.A., owenzeka phakathi nokuWohloka Okukhulu Komnotho ngawo-1930, iziphathimandla zedolobha zakuhoxisa ukukhishwa kwabantu ezindlini zabe sezihlela ukutholela abanye ababebhikisha umsebenzi. Imibhikisho efanayo eyaba sedolobheni laseNew York yabangela ukuba imikhaya engu-77 000 eyase ikhishiwe ezindlini ibuyiselwe kuzo.

  • Yalwa nokungabi nabulungisa. Ekugcineni, ukudutshwa kwamabhasi kamasipala waseMontgomery, e-Alabama e-U.S.A., kwango-1955/1956, kwaholela ekuqedweni komthetho wokuhlaliswa ngokwebala emabhasini.

  • Yamisa izinhlelo zokwakha. Ngo-December 2011, amashumi ezinkulungwane zabantu abhikishela ukwakhiwa kwesikhungo sokuphehla ugesi wamalahle eduze kwaseHong Kong ngenxa yokukhathazeka ngokungcoliswa  komoya, ngakho ukwakhiwa kwaleso sikhungo kwamiswa.

Nakuba abanye ababhikishayo bengakuthola lokho abakufunayo, uMbuso kaNkulunkulu unikeza ikhambi elingcono

Yiqiniso, abantu ababhikishayo abaphumeleli ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, abaholi bangase bakhethe ukubajezisa kunokuba babanike abakufunayo. Muva nje, nakhu okuye kwashiwo umongameli welinye lamazwe aseMpumalanga Ephakathi maqondana nemibhikisho: “Kufanele sisiqinise kakhulu isandla,” futhi kuye kwafa izinkulungwane ngenxa yalokho kuvukela.

Ngisho noma kungafezeka lokho okubhikishelwayo, cishe njalo imiphumela yakho kuba izinkinga ezintsha. Umuntu owasiza ekuketulweni kombusi wezwe elithile e-Afrika washo lokhu ngohulumeni omusha kumagazini i-Time: “Kwakuwuhulumeni wamaphupho owavele waba nezinxushunxushu.”

Ingabe ikhona indlela engcono?

Abantu abaningi abadumile banomuzwa wokuthi ukubhikisha ngenxa yesimiso esicindezelayo kuyinto efanelekile. Ngokwesibonelo, uVáclav Havel osewashona, owayengumongameli waseCzech nowachitha iminyaka ejele ngenxa yokulwela amalungelo abantu, wabhala ngo-1985: “[Umuntu ophikisana nenqubo kahulumeni], uma kukhona angakwenza, kungaba ukunikela ngokuphila kwakhe—futhi anikele ngakho ngoba ingekho enye indlela angamelela ngayo iqiniso alikholelwayo.”

Amazwi kaHavel ayeyisandulela  sezenzo zokukhungatheka zikaMohamed Bouazizi nabanye. Kwelinye izwe lase-Asia, abantu abaningi baye bazishisa ngomlilo muva nje bephikisana nokucindezela kwenkolo nokwezombangazwe. Ichaza imizwa eshukumisela abantu ezenzweni ezinjalo ezixakile, enye indoda yatshela umagazini i-Newsweek ukuthi: “Asinazo izibhamu. Asifuni ukulimaza abanye abantu. Yini enye abantu abangayenza?”

IBhayibheli linikeza ikhambi ekuntulekeni kobulungisa, enkohlakalweni nasekucindezelweni. Likhuluma ngohulumeni omiswe uNkulunkulu ezulwini oyothatha indawo yesimiso esihlulekayo sezombangazwe nesezomnotho, esibangela imibhikisho. Isiprofetho sithi ngoMbusi walo hulumeni: ‘Uyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Uyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.’—IHubo 72:12, 14.

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba leqiniso lezwe lesintu elinokuthula. (Mathewu 6:9, 10) Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova abahlanganyeli emibhikishweni. Kodwa ingabe umbono wokuthi uhulumeni kaNkulunkulu ungenza kungabi nazizathu zokubhikisha uyeqisa? Kungase kubonakale kunjalo. Kodwa, abaningi sebeyayethemba indlela kaNkulunkulu yokubusa. Kungani nawe ungazihloleli?