PHAPHAMA! Julayi 2013 | Ingabe Ukubhikisha Kuyikhambi?

Kulo magazini, funda ngokuthi kungani kunegagasi elingaka lokubhikisha nokuthi lungatholakaphi usizo.

Ukubuka Okwezwe

Okukhulunywa ngakho kuhlanganisa: ukucwaswa ezingxoxweni zokufuna umsebenzi kanye nomthetho omusha olawula izinkampani zikagwayi e-Australia.

USIZO LOMNDENI

Indlela Yokusebenzelana Nengane Eneconsi

Yini okufanele uyenze uma ingane yakho ivukwa iconsi? Izimiso zeBhayibheli zingakusiza ekubhekaneni nale nselele.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ingabe Ukubhikisha Kuyikhambi?

Ukubhikisha kungaba namandla ekuletheni izinguquko. Kodwa ingabe kuyikhambi ekuntulekeni kobulungisa, enkohlakalweni, nasekucindezelweni?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ngangibona Ukungabi Nabulungisa Yonke Indawo

Kungani insizwa yaseNyakatho ye-Ireland yashintsha umbono wayo ngendlela ubulungisa bangempela obungatholakala ngayo?

Ikati Lasogwadule Eliyivelakancane

Wake wezwa ngekati lasogwadule? Funda ngalo nangokuthi yini elenza libe yivelakancane kangaka.

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela E-Azerbaijan

Ama-Azeri angabantu abanomdlandla nabanobungane. Funda okwengeziwe ngezwe labo nangendlela yabo yokuphila.

UMBONO WEBHAYIBHELI

UMbuso KaNkulunkulu

Abanye abantu bakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usezinhliziyweni zabakholwayo noma ukuthi uyolethwa imizamo yabantu. Lithini iBhayibheli?

INGABE KWAKLANYWA?

Ubuchopho Obuzivuselelayo Bengwejeje Yase-Arctic Ehlala Emgodini

Kwenzeka kanjani ukuba lesi silwane singafi lapho izinga lokushisa emzimbeni waso lehla lize lisondele ekubeni yiqhwa?

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Ngenzenjani Uma Nginenkinga Yempilo?—(Ingxenye 2)

Funda ngokulandisa okuvela entsheni eyafunda ukubhekana nezinkinga zempilo ezinkulu kuyilapho ilondoloze umbono omuhle.

Indaba Ephathelene Namadodana KaJakobe

Kufanele usabele kanjani lapho umfowenu, udadewenu noma umngane ethola okuthile ongathanda ukuba nakho?