Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 USIZO LOMKHAYA | UKUBA UMZALI

Indlela Yokusebenzelana Nengane Eneconsi

Indlela Yokusebenzelana Nengane Eneconsi

INSELELE

Lapho ecasukile, umntanakho oneminyaka emibili ubudala uvele aklabalase, agidagide futhi azigingqagingqe phansi. Uyazibuza: ‘Ingabe okwenziwa umntanami kuvamile? Ingabe uvukwa iconsi ngenxa yokuthi ngenze okuthile okungafanele? Ingabe uyoke awuyeke lo mkhuba?’

Ungamsiza umntanakho oneminyaka emibili ukuba enze izinto ngendlela ehlukile. Kodwa okokuqala, cabanga ngokuthi yini okungenzeka iyimbangela yalokhu.

IZIMBANGELA

Izingane ezincane azikwazi ukulawula imizwelo yazo. Lokho kukodwa nje kungayenza ibe neconsi ngezinye izikhathi. Kodwa kunokwengeziwe.

Cabanga ngezinguquko ingane ebhekana nazo lapho isineminyaka engaba mibili. Kusukela izalwa abazali bebenakekela zonke izidingo zayo. Ngokwesibonelo, uma ikhala, bebesukumela phezulu. ‘Ingabe umntwana uyagula? Ingabe ulambile? ufuna ukushushuzelwa? ufuna ukushintshwa inabukeni?’ Abazali bebenza noma yini edingekayo ukuze umntwana ayeke ukukhala. Lokho bekufaneleka ngoba umntwana uncike ngokuphelele kubazali bakhe.

Nokho, lapho eseneminyaka engaba mibili, umntwana uqala ukubona ukuthi abazali bakhe abasamnaki kangako. Empeleni, esikhundleni sokuba kube yibona abanakekele izidingo zakhe balindela ukuba kube nguyena ovumelana nezifiso zabo. Izinto sezishintshile futhi lo jahidada oneminyaka emibili angase angavumelani kalula nezinguquko—mhlawumbe lokhu akubonise ngokuba avukwe iconsi.

Ngokuhamba kwesikhathi, ingane ivame ukukwamukela ukuthi abazali bangabafundisi bayo hhayi nje abanakekeli bayo. Mhlawumbe iyobona nokuthi indima yayo iwukuba ‘ilalele abazali bayo.’ (Kolose 3:20) Okwamanje, ingase ivivinye konke ukubekezela kwabazali bayo ngokulokhu iba neconsi.

 ONGAKWENZA

Bonisa ukuqonda. Umntanakho akayena umuntu omdala. Njengoba engakakwazi ukulawula imizwelo yakhe, angase eqise lapho ecasukile. Zama ukubona izinto ngeso lakhe.—Isimiso seBhayibheli: 1 Korinte 13:11.

Hlal’ uzolile. Lapho umntanakho eba neconsi, ngeke kukusize ukuthukuthela. Zama ukuliziba lelo consi futhi wenze lokho okufanele ukwenze. Ukukhumbula ukuthi kungani eba neconsi kuzokusiza uhlale uzolile.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 19:11.

Ungavumi ukulawulwa yingane. Uma uvuma ukwenza noma yini efunwa yingane yakho, cishe noma nini lapho ifuna okuthile iyovele ivukwe iconsi. Ngomoya ophansi, yibonise ukuthi ngeke ushintshe kulokho okushoyo.—Isimiso seBhayibheli: Mathewu 5:37.

Ukukhumbula ukuthi kungani eba neconsi kuzokusiza uhlale uzolile

Yiba nesineke. Ungalindeli ukuthi iconsi lizovele liphele nje, ikakhulukazi uma uye wenza umntanakho wakholelwa ukuthi ukuziphatha kwakhe kungakwenza ushintshe. Nokho, uma usabela ngendlela efanele futhi ungaguquguquki, cishe iconsi liyonyamalala kancane kancane. Ekugcineni liyophela. IBhayibheli lithi: “Uthando luyabekezela.”—1 Korinte 13:4.

Zama nalokhu okulandelayo:

  • Lapho ingane ivukwa iconsi, yibambe ngendlela engeke iyilimaze (uma kungenzeka) ukuze ingazigingqagingqi. Ungayikhakhabisi ingane. Mane ulinde nje igwebu lize libohle. Ekugcineni, ingane izobona ukuthi iconsi alizuzisi.

  • Makube nendawo lapho uzoyigcina khona ingane uma ivukwa iconsi, njengasekamelweni lokulala. Yitshele ukuthi ingaphuma uma iconsi selehlile bese uyishiya lapho.

  • Uma ingane ivukwa iconsi phambi kwabantu, yiya nayo ngasese. Ungavele uvumelane nayo ngenxa nje yokuthi ibukisa ngawe. Lokho kungayenza iphethe ngokuthi uma ivukwa iconsi ingathola noma yini eyifunayo.