Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono

Ithemba Langempela Lekusasa Elingcono

 Ingabe ucabanga ukuthi izinto zisazoba ngcono? Abantu abaningi abakalilahli ithemba ngisho noma sibhekene nezinkinga ezinkulu namuhla. Kodwa kungaba ukuhlakanipha yini ukulindela ukuthi izinto zibe ngcono? Yebo! IBhayibheli liqinisa amathemba esinawo ngekusasa elingcono.

 IBhayibheli lisinika liphi ithemba?

 IBhayibheli liyakuveza ukuthi abantu babhekene nezinkinga ezinkulu. Kodwa lisithembisa ukuthi lezi zinkinga ngeke zisihluphe unomphela. Cabanga nganazi ezinye izinkinga esinazo.

  •   Inkinga: Ukungabi nakhaya

     Okushiwo iBhayibheli: “Bayokwakha izindlu bahlale kuzo.”—Isaya 65:21.

     Sifunda lokhu ngekusasa: Uzoba nomuzi othi wena.

  •   Inkinga: Ukungasebenzi nenhlupheko

     Okushiwo iBhayibheli: “Abakhethiwe bami bayowujabulela ngokugcwele umsebenzi wezandla zabo.”—Isaya 65:22.

     Sifunda lokhu ngekusasa: Bonke abantu bazokwenza umsebenzi obajabulisayo, omnandi futhi bakubone abakusebenzelayo.

  •   Inkinga: Ukungabi bikho kobulungisa

     Okushiwo iBhayibheli: ‘Izikhulu ziyobusa ngenjongo yobulungisa.’—Isaya 32:1.

     Sifunda lokhu ngekusasa: Ubandlululo, ukucwasana nokungalingani kwezomnotho kuzophela nya kungaphinde kube khona. Wonke umuntu uzophathwa ngobulungisa.

  •   Inkinga: Indlala nokungabi nokudla esikudingayo

     Okushiwo iBhayibheli: “Kuyoba nenala yokudla okusanhlamvu emhlabeni; kuyochichima phezu kwezintaba.”—IHubo 72:16.

     Sifunda lokhu ngekusasa: Wonke umuntu uzothola ukudla okunempilo, kuzoba kuningi kakhulu. Akekho ozolala ngendlala noma ongeke akuthole ukudla okunempilo.

  •   Inkinga: Ubugebengu nodlame

     Okushiwo iBhayibheli: “Bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane, akekho oyobenza besabe.”—Mika 4:4.

     Sifunda lokhu ngekusasa: Wonke umuntu uzozizwa ephephile futhi evikelekile ngoba abantu ababi bazobe bengasekho, ‘abalungile bazohlala emhlabeni.’—IHubo 37:10, 29.

  •   Inkinga: Izimpi

     Okushiwo iBhayibheli: “Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba, ngeke zisayifunda impi.”—Isaya 2:4.

     Sifunda lokhu ngekusasa: Kuzobe kuheleza umoya wokuthula emhlabeni jikelele. (IHubo 72:7) Ake okuzodingeka akhalele umuntu amthandayo ofele empini, akekho futhi nokuzodingeka ashiye umuzi ngenxa yempi.

  •   Inkinga: Izifo nokugula

     Okushiwo iBhayibheli: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.

     Sifunda lokhu ngekusasa: Akekho umuntu ozobe ephila nokukhubazeka noma ozogula. (Isaya 35:5, 6) IBhayibheli lize lithi “ukufa ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4.

  •   Inkinga: Ukucekelwa phansi komhlaba

     Okushiwo iBhayibheli: “Ihlane nezwe elomile kuyothokoza, ithafa eliwugwadule liyojabula liqhakaze njengesafroni.”—Isaya 35:1.

     Sifunda lokhu ngekusasa: Umhlaba wonke uzoba njengengadi enhle, abantu bahlale kahle kuwo njengoba nje uNkulunkulu ayehlosile ekuqaleni.—Genesise 2:15; Isaya 45:18.

 Ithemba iBhayibheli elisitshela ngalo aliyona nje inganekwane?

 Ungase ube nezizathu zokuphetha ngalokho. Kodwa sicela ukufakele izibuko lokho iBhayibheli elisitshela khona ngekusasa. Kungani? Izithembiso eziseBhayibhelini azifani nezinto eziphuma emilonyeni yabantu. Izithembiso eziseBhayibhelini zivela kuNkulunkulu. Nazi izizathu ezenza kubaluleke kakhulu lokho:

  •   UNkulunkulu uthembekile. IBhayibheli lithi unguNkulunkulu “ongenakuqamba amanga.” (Thithu 1:2) Ngaphezu kwalokho, nguNkulunkulu kuphela okwazi ukubikezela ikusasa. (Isaya 46:10) IBhayibheli linezibonelo eziningi kakhulu ezisifundisa ukuthi into uNkulunkulu ayibikezelayo ayilokothi ingenzeki. Ukuze ufunde kabanzi, buka ividiyo ethi Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso?

  •   UNkulunkulu unamandla okuxazulula izinkinga zethu. IBhayibheli lithi uNkulunkulu unamandla okwenza “konke athanda ukukwenza.” (IHubo 135:5, 6) Ngamanye amazwi, ayikho into engavimba uNkulunkulu angazifezi izithembiso zakhe. UNkulunkulu ufuna nokusisiza ngoba uyasithanda.—Johane 3:16.

 Nawu umbuzo ongase uzifikele engqondweni, ‘Uma uNkulunkulu efuna ukusisiza futhi enamandla okusisiza, kungani pho sinezinkinga eziningi kangaka?’ Ukuze uthole impendulo, buka ividiyo ethi Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

 Lizofezeka kanjani leli themba?

 UNkulunkulu uzosebenzisa uMbuso wakhe, uhulumeni osezulwini, ukuze afeze izithembiso zakhe. Ubeke uJesu Kristu waba iNkosi yalowo Mbuso, umnike negunya lokunakekela umhlaba nabantu abahlala kuwo. Ngesikhathi uJesu esesemhlabeni, welapha abagulayo, wondla abalambile, walawula isimo sezulu waze wavusa ngisho nabafile. (Marku 4:39; 6:41-44; Luka 4:40; Johane 11:43, 44) Ngokwenza lokho, waveza izinto azozenza lapho eseyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu.

 Buka ividiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu? ukuze uthole okwengeziwe ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu uzokusiza kanjani.

 Lizofezeka nini leli themba?

 Maduze! Sazi kanjani? IBhayibheli labikezela izinto ezaziyoba uphawu lokuthi uMbuso kaNkulunkulu usuzoqala ukubusa emhlabeni. (Luka 21:10, 11) Lezo zinto siyazibona zenzeka namuhla.

 Ukuze ufunde kabanzi, funda isihloko esithi “UMbuso KaNkulunkulu Uzobusa Nini Emhlabeni?

 Leli themba eliseBhayibhelini likusiza kanjani wena namuhla?

 Omunye umbhali weBhayibheli waqhathanisa ithemba eliseBhayibhelini ‘nehange lomphefumulo.’ (Hebheru 6:19) Njengoba nje ihange lenza umkhumbi unganyakazi phakathi nesiphepho, nethemba lekusasa eliseBhayibhelini lingasenza siqine lapho sibhekene nezinkinga. Ithemba lethu lingasivikela ekuhlaselweni imizwa engemihle, lisisize nasengqondweni, futhi lingasenza sibe yimiqemane.—1 Thesalonika 5:8.