Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

UMbuso KaNkulunkulu

UMbuso KaNkulunkulu

Ingabe uMbuso kaNkulunkulu uyisimo senhliziyo?

“Awukude nombuso kaNkulunkulu.”Marku 12:34.

OKUSHIWO ABANTU

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu, “uwukubusa kukaNkulunkulu enhliziyweni nasekuphileni komuntu ngamunye,” njengoba elinye lamasonto amakhulu kweLobukholwa likubeka kanjalo.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UMbuso uwuhulumeni ongokoqobo, hhayi nje into emelela ukuzithoba komuntu kuNkulunkulu enhliziyweni yakhe. UMbuso kaNkulunkulu uyobusa kuwo wonke umhlaba.—IHubo 72:8; Daniyeli 7:14.

Kodwa-ke, kuthiwani ngenkulumo kaJesu ethi, “umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini”? (Omalukeke sizenzele; Luka 17:21, IBhayibheli lesiZulu elivamile) UJesu wayengasho ukuthi uMbuso usezinhliziyweni zezilaleli zakhe. Kungani kunjalo? Ngoba abantu ayekhuluma nabo ngaleso sikhathi kwakungabaFarisi. UJesu wathi babengeke babe yingxenye yoMbuso ngoba indlela yabo yokukhulekela yayingeyokuzenzisa, ngenxa yalokho yayingamukeleki kuNkulunkulu. (Mathewu 23:13) Kodwa, uJesu wayengasho kufanele ukuthi uMbuso kaNkulunkulu “uphakathi kini” noma, njengoba INguqulo Yezwe Elisha ikubeka, “uphakathi kwenu.” Ngani? Ngenxa yokuthi yena, njengeNkosi yesikhathi esizayo yalowo Mbuso, wayemi phambi kwabo.—Luka 17:21.

 Uyini uMbuso kaNkulunkulu?

“Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”Mathewu 6:10.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UMbuso uwuhulumeni kaNkulunkulu ongokoqobo onoMbusi onguJesu Kristu. (Mathewu 28:18; 1 Thimothewu 6:14, 15) Injongo yawo ukufeza intando kaNkulunkulu ezulwini nasemhlabeni. (Mathewu 6:10) Ngakho-ke, uNkulunkulu uyoxazulula izinkinga zesintu ngoMbuso wakhe. Lo Mbuso uyokwenza lokho ohulumeni babantu abangasoze bakwazi ukukwenza.

Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, umkhaya wesintu uyoba nokuthula, ukulondeka, kanye nokuchuma emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 46:9; Isaya 35:1; Mika 4:4) Akekho oyophinde agule noma afe, futhi izifo ziyoqedwa. (Isaya 33:24; IsAmbulo 21:4) Ngisho nokuguga ngeke kusaba khona. IBhayibheli liyabikezela: “Inyama yakhe mayibe ntsha kunasebusheni; makabuyele ezinsukwini zobungqabavu bobusha bakhe.”—Jobe 33:25.

LOKHO ONGAKWENZA

Kungakhathaliseki ukuthi obani okhokho bakho noma ukuthi wazalelwaphi, ungaba yisikhonzi soMbuso kaNkulunkulu uma wenza lokho uNkulunkulu akufunayo kuwe. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.

Ingabe uMbuso kaNkulunkulu uyolethwa imizamo yabantu?

“UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe.”—Daniyeli 2:44.

OKUSHIWO ABANTU

Abanye bakholelwa ukuthi abantu abayomisa uMbuso kaNkulunkulu emhlabeni, kungaba ngokuguqulela abanye enkolweni yabo noma ngokusebenzela ukuba nokuthula kobuzalwane bomhlaba wonke.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

NguNkulunkulu omisa uMbuso—hhayi abantu. (Daniyeli 2:44) UNkulunkulu usho lokhu ngesikhathi sokumiswa koMbuso: “Mina, yebo mina, ngiyimisile inkosi yami.” (IHubo 2:6) Akubona abantu abaletha uMbuso kaNkulunkulu, kanti futhi ngeke bakwazi ukugxambukela ekubuseni kwawo, ngoba uyobusa phezu komhlaba wona ube usezulwini.—Mathewu 4:17.

KUNGANI KUFANELE UBE NENDABA NALOKHU?

Kungokwemvelo ukufisa ukuba isintu sikwazi ukuba nokuthula nobunye ngelinye ilanga. Ungase ngisho uzinikele emzamweni wokuletha lezi zinguquko, kodwa bese udangala lapho le migomo yakho ingafinyeleleki. Ukwazi ukuthi amandla kaNkulunkulu asekela uMbuso wakhe, kuyokwenza ukuba uqondise imizamo yakho ngendlela enenzuzo, ngokuba isikhonzi salowo Mbuso.