Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ikati Lasogwadule Eliyivelakancane

Ikati Lasogwadule Eliyivelakancane

Ngemva kokumitha izinyanga ezingaba mbili, ngokuvamile ikati lasogwadule libe selizala imithinyane emithathu

ENKABENI yogwadule olomile, ebusuku obumnyama bhuqe, kuthi thushu ikati lasogwadule liphuma emgedeni walo livele lithi khimilili. Liyaqalaqalaza, bese lilalelisisa. Ngemva kwalokho, lesi silwanyana siyanyonyoba, siqala uhambo lwaso olude kulolu gwadule.

Khona manjalo, leli kati libe seligxuma libhozomela isisulu salo esinganakile—igundane. Ngemva kwalokho, umzingeli oyikati lasogwadule uhamba ubusuku bonke, elokhu ezwiba efuna ukubamba ezinye izisulu. Uma leli kati libambe isilwane elingeke likwazi ukusidla lisiqede ngaleso sikhathi, lokho okusele livele likugqibe. Entathakusa libuyela emgedeni walo futhi ngeke ulibonabone phakathi nosuku. Ake ucabange ngezinye zezici ezithakazelisayo zalesi silwanyana esiyivelakancane:

  • Ukuba nodlebe kwala makati asogwadule kuwasiza ukuba akwazi ukuthola izisulu zawo, ngisho noma zingaphansi komhlaba

  • Ukuze lithole umlingane walo, ikati leduna likhala ngendlela ethile. Indlebe ebukhali yekati lensikazi ilenza likwazi ukuzwa lo msindo ngisho nasebangeni elikude

  • Izidladla zaleli kati ezigcwele uboya zenza lingashoni esihlabathini futhi lobu boya buvikela izidladla ekushiseni kwesihlabathi okugangathayo

  •  Ingaphakathi lendlebe ngayinye linoboya obukhulu obumhlophe, obulivikela esihlabathini esipheshulwa umoya

  • Kunzima ukuthungatha ikati lasogwadule ngenxa yokuthi ingaphansi lezidladla zalo ligcwele uboya obenza imilobo yalo icishe ingabonakali nhlobo

  • Amakati asogwadule ayakwazi ukuphila ngamanzi awathola ezilwaneni azidlayo

  • Isihlabathi sasoGwadule lwaseKara-Kum singafinyelela izinga lokushisa elingu-80 degrees Celsius. Ngezinye izikhathi izinga lokushisa kule ndawo lingehla lize lifinyelele ku-25 degrees Celsius ngaphansi kwezinga-qhwa