Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | INTSHA

Indlela Yokubhekana Nesizungu

Indlela Yokubhekana Nesizungu

INSELELE

“Nganginabangane ababili ababenza izinto ndawonye, mina bangikhiphe inyumbazane. Ngangihlale ngizwa ngezikhathi ezimnandi ababeba nazo. Ngolunye usuku ngashayela kubo kamngane wami ngesikhathi lo omunye emvakashele, futhi lapho othile ephendula ucingo ngangibezwa bexoxa futhi behleka bobabili. Ngagcina ngokuzwa nje ocingweni ukuthi babejabule, okwangenza ngazizwa nginesizungu nakakhulu!”—UMaria. *

Ingabe wake wazizwa unganakiwe futhi unesizungu? Uma kunjalo, iBhayibheli lineseluleko esingakusiza. Ake uqale ucabange ngezinto ezimbalwa okufanele uzazi ngokuba nesizungu.

OKUFANELE UKWAZI

Cishe bonke abantu bazizwa benesizungu ngezikhathi ezithile. Lokho kuhlanganisa nabantu ababonakala benogazi. Kungani? Ngenxa yokuthi ukuzizwa unesizungu akunqunywa inani labangane onabo, kunalokho kunqunywa ukuqina kobungane onabo. Umuntu obonakala enogazi angase ahlale enabantu kodwa angabi nabangane bangempela futhi ngaleso sizathu azizwe enesizungu.

Ukuba nesizungu kungaba ingozi empilweni yakho. Abacwaningi ababehlaziya imiphumela yocwaningo olwenziwa izikhathi ezingu-148 baphetha ngokuthi, ukungazihlanganisi nabantu kwandisa amathuba okufa usemncane nokuyinto eyingozi, ingozi “ephindwe kabili uma iqhathaniswa nokukhuluphala ngokweqile” futhi “kuyingozi ngokulinganayo nokubhema osikilidi abangu-15 ngosuku.”

Isizungu singakuchaya engozini. Empeleni, singakwenza wamukele noma ubani ongavuma ukuba umngane wakho. Insizwa okuthiwa u-Alan ithi: “Lapho unesizungu ungase ufise kakhulu ukunakwa. Kungenzeka uqale ukucabanga ukuthi ukunakwa yinoma ubani kungcono kunokunganakwa. Lokho kungaholela enhlekeleleni.”

Ezobuchwepheshe azisiqedi isizungu ngaso sonke isikhathi. Intokazi egama layo linguNatalie ithi, “Ngingathumelelana imiyalezo nabantu abayikhulu ngosuku, kodwa isizungu singayi ndawo.” Osemusha ogama lakhe linguTyler naye uzizwa ngendlela efanayo. Uthi, “Ukuthumelelana imiyalezo kufana nokudla okulula, kuyilapho ukukhuluma nomuntu ubuso nobuso kufana nokudla okuqinile. Ukudla okulula kumnandi, kodwa uyakudinga ukudla okuqinile ukuze usuthe.”

ONGAKWENZA

Cabanga okuhle. Ngokwesibonelo, ake sithi ungena engosini yezokuxhumana bese ubona izithombe zabangane bakho besemcimbini obungamenyiwe kuwo. Ngaleso sikhathi, kubili ongakhetha kukho—ukuphetha ngokuthi bakukhiphe inyumbazane ngamabomu, noma ukuba nesimo sengqondo esifanele. Njengoba ungeke uwazi wonke amaqiniso ahilelekile, kungani ucabanga okubi? Kunalokho, cabanga ngezizathu ezinhle zokuthi kungani ungamenywanga. Ngokuvamile, akusona isimo esikwenza uzizwe unganakiwe kodwa indlela obheka ngayo izinto.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 15:15.

Gwema imicabango eyihaba. Uma uzizwa unesizungu, ungase ucabange, ‘Angikaze ngimenywe ndawo’ noma, ‘Abantu bahlale bengigwema.’ Leyo micabango eyihaba iyokwenza uzizwe unesizungu nakakhulu. Imicabango enjalo ingase ibangele izinkinga eziwumjikelezo oqhubekayo: Uzizwa ukhishwe inyumbazane, okukwenza uzihlukanise, okukwenza ube nesizungu, okukwenza uzizwe ukhishwe inyumbazane.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 18:1.

Zimisele ukuba umngane wabantu abadala kunawe. IBhayibheli lisitshela ngokuphila kukaDavide okungenzeka ukuthi wayesanda kweva eminyakeni eyishumi nambili ngesikhathi ehlangana noJonathani—indoda eyayimshiya ngeminyaka engu-30. Nakuba babeshiyana ngeminyaka eminingi, uDavide noJonathani baba abangane abaseduze. (1 Samuweli 18:1) Kungenzeka lokhu nakuwe. UKiara oneminyaka engu-21 uthi: “Muva nje, ngiye ngakuqaphela ukubaluleka kokuba nabangane abadala kunami. Nginabangane abangishiya ngamashumi eminyaka, futhi ngiyayazisa indlela ababheka ngayo izinto ngomqondo ovuthiwe kanye nokungaguquguquki kwabo.”—Isimiso seBhayibheli: Jobe 12:12.

Zazise izinzuzo zokuba wedwa. Abanye abantu bazizwa benesizungu ngokushesha nje lapho bezithola bebodwa. Nokho, akudingeki uzizwe unesizungu lapho uwedwa. Ngokwesibonelo, uJesu wayengumuntu wabantu kodwa wayesazisa isikhathi sokuba yedwa. (Mathewu 14:23; Marku 1:35) Nawe ungenza okufanayo. Kunokuba ubheke isikhathi sokuba wedwa njengento embi, sisebenzisele ukucabanga ngokwazisa ngezibusiso zakho. Lokho kungakwenza uthandeke nakakhulu kubangane bakho nakwabanye.—IzAga 13:20.

^ isig. 4 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.