Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubani Ozovikela Umhlaba Wethu?

Ubani Ozovikela Umhlaba Wethu?

 Abantu abaningi bakhathazekile ngomonakalo owenziwa abantu emhlabeni nasezintweni eziphilayo ezikuwo. Ngokusho kwezinye izazi zemvelo, selokhu kwathi nhlo, izenzo zabantu azikaze zicekele phansi izinto eziphilayo ngale ndlela, zize zifake ukuphila kwazo engcupheni.

 Ingabe abantu bazoqeda nya ngomhlaba? Ingabe bayoke bakwazi ukuphilisana kahle nemvelo?

Izophumelela yini imizamo yabantu?

 Izazi eziningi zikholelwa ukuthi abantu bangakwazi ukuvikela umhlaba, baphilisane kahle nemvelo. Abanye abacwaningi bathi ukuze imizamo yabantu iphumelele, kunezinto eziningi okufanele zishintshwe futhi zishintshwe kanye kanye. Lokho kuhlanganisa izinto ezilandelayo:

  •   Ukuthuthukisa indlela okunakekelwa ngayo umhlaba, amahlathi, amaxhaphozi, nolwandle.

  •   Ukusebenzisa izindlela ezihlukahlukene kwezolimo nokuphehlwa kwamandla.

  •   Ukushintsha izindlela ukudla okukhiqizwa nokusabalaliswa ngazo, ukuze abantu badle kakhulu izitshalo banciphise enyameni nakufishi, bangadli kakhulu futhi nokudla kungamosheki.

  •   Ukwamukela ukuthi ukuphila kamnandi akuncikile ekubeni nezinto eziningi.

 Ucabangani? Kungenzeka yini ukuba ohulumeni, osomabhizinisi nabantu babambisane ngaleyo ndlela? Noma ucabanga ukuthi maningi amathuba okuba umhobholo, umona nokungakwazi ukucabanga ngekusasa okubonakala kwabanye kuzoma endleleni?—2 Thimothewu 3:1-5.

Isizathu sokuba nethemba

 IBhayibheli lisifundisa ukuthi singabi novalo ngekusasa lalo mhlaba. Liyasitshela ukuthi kungani imizamo yabantu yokuvikela umhlaba ingeke yanele, bese lisitshela ngoshintsho lwangempela okumele lwenzeke. Liphinde lisitshele nokuthi lolo shintsho luzokwenzeka kanjani.

 Kungani imizamo yabantu yokuvikela umhlaba ingeke iphumelele. UJehova a uNkulunkulu wadala umhlaba, wabe esenika abantu isibopho sokuwunakekela. (Genesise 1:28; 2:15) Babengawufeza kahle lo msebenzi ukube nje bafuna isiqondiso kuMdali wabo futhi balalela nemiyalo yakhe. (IzAga 20:24) Kunalokho, bamlahla uJehova, bazenzela ezabo izinqumo. (UmShumayeli 7:29) Abantu abakwazi ukunakekela umhlaba bebodwa, ngisho nemizamo abayenzayo ngeke iphumelele ngokuphelele.—IzAga 21:30; Jeremiya 10:23.

 Ushintsho okumele lwenziwe. UNkulunkulu uhlose ukubavimba abantu abacekela phansi umhlaba. (IsAmbulo 11:18) Ngeke athuthukise ohulumeni noma umphakathi ocekela phansi umhlaba, kunalokho uzofaka okusha esikhundleni sako. (IsAmbulo 21:1) Ngenxa yalokho, uJehova uthi: “Bheka! Ngenza konke kube kusha.”—IsAmbulo 21:5.

 Indlela oluzokwenzeka ngayo lolu shintsho. Esikhundleni sohulumeni babantu uJehova uzofaka uhulumeni wasezulwini obizwa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu. Ngaphansi kobuholi bukaJesu Kristu, lowo hulumeni uzobusa emhlabeni wonke.—Daniyeli 2:44; Mathewu 6:10.

 UMbuso kaNkulunkulu uzofundisa abantu ukuba baphile ngemithetho yakhe. Uma abantu bemazi uMdali wabo, belandela isiqondiso sakhe, bazokwazi ukuphilisana nemvelo. (Isaya 11:9) IBhayibheli lichaza indlela uhulumeni kaNkulunkulu ozokwenza ngayo izakhamuzi zawo zijabulele ukuphila okungeke kuwulimaze umhlaba. Uzokwenza lokhu okulandelayo:

 Kulindele ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzoziletha ngokushesha lezi zinguquko. Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “UMbuso KaNkulunkulu Uzobusa Nini Emhlabeni?

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.