Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO SESHUMI NANE

Indlela Yokwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise

Indlela Yokwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise
  • Yini edingekayo ukuze ube umyeni omuhle?

  • Owesifazane angaba kanjani umfazi ophumelelayo?

  • Yini ehilelekile ekubeni umzali omuhle?

  • Izingane zingasiza kanjani ekwenzeni ukuphila komkhaya kujabulise?

1. Yini eyokwenza ukuphila komkhaya kujabulise?

UJEHOVA UNKULUNKULU ufuna ukuphila komkhaya wakho kujabulise. IZwi lakhe, iBhayibheli, lineziqondiso zelungu ngalinye lomkhaya, ezichaza indima uNkulunkulu afuna ngamunye ayifeze. Uma bonke ekhaya befeza izindima zabo ngokuvumelana neseluleko sikaNkulunkulu, kuba nemiphumela emihle kakhulu. UJesu wathi: “Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”—Luka 11:28.

2. Yini okufanele siyiqaphele ukuze umkhaya ujabule?

2 Ngokuyinhloko injabulo yomkhaya incike ekuqapheleni kwethu ukuthi umkhaya wasungulwa uJehova, lowo uJesu ambiza ngokuthi ‘uBaba wethu.’ (Mathewu 6:9) Yonke imikhaya emhlabeni ikhona ngenxa kaBaba wethu wasezulwini—futhi wazi kahle ukuthi yini eyenza imikhaya ijabule. (Efesu 3:14, 15) Ngakho, lifundisani iBhayibheli ngendima yelungu ngalinye lomkhaya?

UMKHAYA WASUNGULWA UNKULUNKULU

3. IBhayibheli lisichaza kanjani isiqalo somkhaya wabantu, futhi sazi kanjani ukuthi elikushoyo kuyiqiniso?

3 UJehova wadala abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, wabahlanganisa njengendoda nomfazi. Wababeka ekhaya elihle eliyipharadesi lasemhlabeni—insimu yase-Edene—wabe esethi ababe nezingane. Wathi: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.” (Genesise 1:26-28; 2:18, 21-24) Lokhu akuyona insumansumane noma inganekwane, ngoba uJesu wabonisa ukuthi kuyiqiniso lokho okushiwo uGenesise ngesiqalo sokuphila komkhaya. (Mathewu 19:4, 5) Nakuba sibhekana nezinkinga eziningi futhi nokuphila kwamanje kuhlukile kulokho uNkulunkulu ayekuhlosile, masibone ukuthi kungani umkhaya ungaba nayo injabulo.

4. (a) Ilungu lomkhaya ngalinye linganikela kanjani enjabulweni yomkhaya? (b) Kungani ukufunda ngokuphila kukaJesu kubaluleke kangaka enjabulweni yomkhaya?

4 Ilungu ngalinye lomkhaya lingasiza ekwenzeni ukuphila komkhaya kujabulise ngokulingisa uNkulunkulu ekuboniseni uthando. (Efesu 5:1, 2) Kodwa singamlingisa kanjani uNkulunkulu, njengoba singamboni nakumbona? Singayifunda indlela uJehova enza ngayo izinto ngoba wathumela iNdodana yakhe eyizibulo emhlabeni isuka ezulwini. (Johane 1:14, 18) Lapho isemhlabeni, le Ndodana, uJesu Kristu, yamlingisa kahle kakhulu uYise wasezulwini kangangokuthi ukuyibona nokuyilalela kwakufana nokubona uJehova nokumuzwa. (Johane 14:9) Ngakho-ke, ngokufunda ngothando uJesu alubonisa nangokulandela isibonelo sakhe, ngamunye wethu angasiza ekwenzeni ukuphila komkhaya kujabulise.

ISIBONELO SAMADODA

5, 6. (a) Indlela uJesu aliphatha ngayo ibandla iwabekela siphi isibonelo amadoda? (b) Yini umuntu okumelwe ayenze ukuze athethelelwe izono?

5 IBhayibheli lithi amadoda kufanele aphathe omkawo ngendlela efanayo naleyo uJesu aphatha ngayo abafundi bakhe. Cabanga ngalesi siqondiso seBhayibheli: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo . . . Ngale ndlela, amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu. Lowo othanda umkakhe uzithanda yena, ngoba akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa, njengoba noKristu enza kulo ibandla.”Efesu 5:23, 25-29.

6 Uthando lukaJesu ngebandla labafundi bakhe luyisibonelo esiphelele emadodeni. UJesu “wabathanda kwaze kwaba sekupheleni,” wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabo, yize babengaphelele. (Johane 13:1; 15:13) Ngokufanayo, amadoda ayanxuswa: “Qhubekani nithanda omkenu futhi ningabathukutheleli kakhulu.” (Kolose 3:19) Yini eyosiza indoda ukuba isebenzise lesi seluleko, ikakhulukazi uma umkayo engenzi ngokuhlakanipha ngezinye izikhathi? Kufanele ikhumbule awayo amaphutha nalokho okumelwe ikwenze ukuze ithole intethelelo kaNkulunkulu. Kuyini lokho? Kumelwe ibathethelele abantu abayonayo, okuhlanganisa nomkayo. Yebo, nomkayo kufanele enze okufanayo. (Mathewu 6:12, 14, 15) Uyabona ukuthi kungani abanye beye bathi umshado ophumelelayo uwukuhlangana kwabantu ababili abathethelelayo?

7. Yini uJesu ayicabangela, ewabekela siphi isibonelo amadoda?

7 Amadoda kufanele futhi aphawule ukuthi uJesu wayebacabangela njalo abafundi bakhe. Wayecabangela nokungapheleli kwabo nezidingo zabo ezingokwenyama. Ngokwesibonelo, lapho bekhathele, wathi: “Wozani, nina nodwa, ngasese endaweni engenabantu niphumule kancane.” (Marku 6:30-32) Abafazi nabo bafanelwe ukucatshangelwa. IBhayibheli libachaza ‘njengezitsha ezibuthakathaka kakhudlwana,’ lezo amadoda ayalwa ukuba ‘azazise.’ Ngani? Ngoba kokubili amadoda nabafazi ‘banomusa ongafanelwe wokuphila’ olinganayo. (1 Petru 3:7) Amadoda kufanele akhumbule ukuthi ukwethembeka yiko okwenza umuntu abe yigugu kuNkulunkulu, hhayi ukuthi ungowesilisa noma ungowesifazane.—IHubo 101:6.

8. (a) Kungani kuthiwa indoda ‘ethanda umkayo izithanda yona’? (b) Ukuba “nyamanye” kusho ukuthini endodeni nakumkayo?

8 IBhayibheli lithi indoda ‘ethanda umkayo izithanda yona.’ Lokhu kubangelwa ukuthi indoda nomkayo “abasebabili, kodwa sebenyamanye,” njengoba kwasho uJesu. (Mathewu 19:6) Ngakho ubuhlobo bobulili kumelwe bugcine kubo kuphela. (IzAga 5:15-21; Hebheru 13:4) Lokhu kungenzeka uma bezikhathalela ngokungenabugovu izidingo zomunye nomunye. (1 Korinte 7:3-5) Lesi sikhumbuzo sibalulekile: “Akekho umuntu owake wazonda inyama yakhe; kodwa uyayondla futhi ayinakekele ngesisa.” Amadoda kudingeka athande omkawo njengoba ezithanda wona, akhumbule ukuthi ayolandisa enhlokweni yawo, uJesu Kristu.—Efesu 5:29; 1 Korinte 11:3.

9. Iyiphi imfanelo kaJesu evezwe kweyabaseFilipi 1:8, futhi kungani amadoda kufanele ayibonise komkawo?

9 Umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngothando lomzwelo uKristu Jesu analo.’ (Filipi 1:8) Uthando lomzwelo uJesu ayenalo lwaluyimfanelo eqabulayo, eyakhanga abesifazane ababa abafundi bakhe. (Johane 20:1, 11-13, 16) Kanjalo nabafazi bayalulangazelela uthando lomzwelo lwabayeni babo.

ISIBONELO SABAFAZI

10. UJesu ubabekela siphi isibonelo abafazi?

10 Umkhaya unjengenhlangano okudingeka ibe nenhloko ukuze izinto zihambe ngokushelela. Ngisho noJesu uneNhloko azithoba kuyo. “Nenhloko kaKristu nguNkulunkulu” njengoba nje ‘nenhloko yowesifazane kuyindoda.’ (1 Korinte 11:3) Ukuzithoba kukaJesu ebunhlokweni bukaNkulunkulu kuyisibonelo esihle, njengoba sonke sinenhloko okumelwe sizithobe kuyo.

11. Isiphi isimo sengqondo okufanele umfazi asibonise kumyeni wakhe, futhi ukuziphatha kwakhe kungaba namuphi umphumela?

11 Amadoda angaphelele enza amaphutha futhi ngokuvamile awazona izinhloko zemikhaya ezikahle. Uma kunjalo, umfazi kufanele enzeni? Akufanele ajivaze umyeni wakhe noma azame ukumphuca ubunhloko bakhe. Kuhle umfazi akhumbule ukuthi ngokombono kaNkulunkulu, umoya onokuthula nobumnene ungowenani elikhulu. (1 Petru 3:4) Uma umfazi enomoya onjalo, kuyoba lula ukubonisa ukuzithoba okufunwa uNkulunkulu, ngisho nasezimweni ezinzima. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lithi: “Umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” (Efesu 5:33) Kodwa kuthiwani uma indoda ingambheki uKristu njengenhloko yayo? IBhayibheli linxusa abafazi: “Zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.”1 Petru 3:1, 2.

12. Kungani kungekubi ukuba umfazi aveze imibono yakhe ngenhlonipho?

12 Kungakhathaliseki ukuthi umyeni wakhe ukholwa naye noma cha, umfazi usuke engadeleli uma ngokuhlakanipha eveza umbono wakhe ohlukile kowomyeni wakhe. Kungenzeka ukuthi umbono wakhe yiwo olungile, futhi wonke umkhaya ungazuza uma indoda imlalela. Nakuba u-Abrahama engavumanga lapho umkakhe, uSara, eveza ikhambi elihle lenkinga ethile yomkhaya, uNkulunkulu wamtshela: “Lalela izwi lakhe.” (Genesise 21:9-12) Yebo, lapho indoda yenza isinqumo sokugcina esingangqubuzani nomthetho kaNkulunkulu, umkayo uyazithoba, asisekele.—IzEnzo 5:29; Efesu 5:24.

Isiphi isibonelo esihle uSara asibekela abafazi?

13. (a) UThithu 2:4, 5 unxusa abesifazane abashadile ukuba benzeni? (b) Lithini iBhayibheli ngokuhlala ngokwahlukana nesehlukaniso?

13 Uma umfazi efeza indima yakhe, kukhulu angakwenza ekunakekeleni umkhaya wakhe. Ngokwesibonelo, iBhayibheli libonisa ukuthi abesifazane abashadile kufanele “bathande abayeni babo, bathande abantwana babo, babe abahluzekile engqondweni, abamsulwa, abasebenzayo ekhaya, abahle, abazithobayo kubayeni babo.” (Thithu 2:4, 5) Umfazi ongumama owenza ngale ndlela uyozuza uthando nenhlonipho ehlala njalo emkhayeni wakhe. (IzAga 31:10, 28) Nokho, njengoba umshado uhlanganisa abantu ababili abangaphelele, ezinye izimo ezibucayi zingaholela ekuhlaleni ngokwahlukana noma esehlukanisweni. IBhayibheli liyakuvumela ukuhlala ngokwahlukana ngaphansi kwezimo ezithile. Kodwa ukuhlala ngokwahlukana akufanele kuthathwe kalula, ngoba iBhayibheli liyeluleka: “Umfazi angamuki kumyeni wakhe; . . . futhi indoda akufanele imshiye umkayo.” (1 Korinte 7:10, 11) Kanti kulapho indoda noma umfazi efebile kuphela lapho kungaba nesizathu esingokomBhalo sesehlukaniso.—Mathewu 19:9.

ISIBONELO ESIPHELELE SABAZALI

14. UJesu wabaphatha kanjani abantwana, futhi yini abantwana abayidingayo kubazali?

14 UJesu wabekela abazali isibonelo esiphelele endleleni aphatha ngayo abantwana. Lapho abanye bezama ukuvimba abantwana bangezi kuye, wathi: “Bayekeni abantwana beze kimi; ningazami ukubavimba.” IBhayibheli lithi wabe ‘esebasingatha abantwana wababusisa, ebabeka izandla.’ (Marku 10:13-16) Njengoba uJesu achitha isikhathi nabantwana, akufanele yini nawe uchithe isikhathi namadodana namadodakazi akho? Abadingi isikhashana nje esincane, badinga isikhathi esiningi. Kudingeka ube nesikhathi sokubafundisa, ngoba yilokho uJehova athi abazali mabakwenze.—Duteronomi 6:4-9.

15. Yini abazali abangayenza ukuze bavikele abantababo?

15 Njengoba leli zwe liya liba libi, abantwana badinga abazali abazobavikela kubantu abafuna ukubalimaza, njengalabo abangabahlukumeza ngokobulili. Cabanga ngendlela uJesu abavikela ngayo abafundi bakhe, labo ayebabiza ngothando ngokuthi “abantwanyana.” Ngesikhathi eboshwa futhi esezobulawa, uJesu wabalungisela indlela yokuphunyuka. (Johane 13:33; 18:7-9) Njengomzali, kudingeka uqaphele imizamo kaDeveli yokulimaza abantabakho. Kudingeka ubaxwayise kusengaphambili. * (1 Petru 5:8) Ukuphepha kwabo ngokwenyama, ngokomoya nangokuziphatha akukaze kube sengozini enkulu kangaka ngaphambili.

Yini abazali abangayifunda endleleni uJesu aphatha ngayo abantwana?

16. Yini abazali abangayifunda endleleni uJesu akusingatha ngayo ukungapheleli kwabafundi bakhe?

16 Ngobusuku bangaphambi kokufa kukaJesu, abafundi bakhe babephikisana ngokuthi ubani omkhulu phakathi kwabo. Kunokuba abathukuthelele, ngothando uJesu waqhubeka ebafinyelela izinhliziyo ngamazwi nangesibonelo. (Luka 22:24-27; Johane 13:3-8) Uma ungumzali, ingabe uyabona ukuthi ungasilandela kanjani isibonelo sikaJesu endleleni oqondisa ngayo izingane zakho? Yiqiniso, ziyakudinga ukuyalwa, kodwa kufanele uziyale “ngezinga elifanelekile” futhi ungathukuthele. Akufanele uphahluke “njengokuhlaba kwenkemba.” (Jeremiya 30:11; IzAga 12:18) Isiyalo kufanele usikhiphe ngendlela ezokwenza ukuba ingane yakho ibone kamuva ukuthi besifanelekile.—Efesu 6:4; Hebheru 12:9-11.

ISIBONELO SABANTWANA

17. UJesu wababekela ngaziphi izindlela abantwana isibonelo esiphelele?

17 Ingabe abantwana bangafunda kuJesu? Yebo, bangafunda! Ngesibonelo sakhe, uJesu wabonisa indlela abantwana okufanele babalalele ngayo abazali babo. Wathi: ‘Ngikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.’ Wanezela: “Ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Johane 8:28, 29) UJesu wayemlalela uYise wasezulwini, futhi iBhayibheli litshela abantwana ukuba balalele abazali babo. (Efesu 6:1-3) Nakuba uJesu ayeyingane ephelele, wabalalela abazali bakhe ababengaphelele, uJosefa noMariya. Ngokuqinisekile lokho kwaba nomthelela enjabulweni yomuntu ngamunye kubo kaJesu!—Luka 2:4, 5, 51, 52.

18. Kungani uJesu ayemlalela ngaso sonke isikhathi uYise wasezulwini, futhi obani abajabulayo uma izingane zilalela abazali bazo namuhla?

18 Ingabe izingane zingazibona izindlela ezingalingisa ngazo uJesu, zijabulise abazali bazo? Yiqiniso, ngezinye izikhathi izingane zingase zikuthole kunzima ukulalela abazali bazo, kodwa yilokho uNkulunkulu afuna ukuba izingane zikwenze. (IzAga 1:8; 6:20) UJesu wamlalela ngaso sonke isikhathi uYise wasezulwini, ngisho nasezimweni ezinzima. Ngesinye isikhathi lapho intando kaNkulunkulu iwukuba uJesu enze okuthile okunzima kakhulu, uJesu wathi: “Susa le ndebe [imfuneko ethile] kimi.” Noma kunjalo, uJesu wenza lokho uNkulunkulu ayekufuna, ngoba waqaphela ukuthi uYise wazi kangcono. (Luka 22:42) Ngokufunda ukulalela, izingane ziyobajabulisa kakhulu abazali bazo kanye noYise wasezulwini. *IzAga 23:22-25.

Yini izingane okufanele ziyikhumbule lapho zilingwa?

19. (a) USathane uzilinga kanjani izingane? (b) Imuphi umphumela ukuziphatha kabi kwezingane okungaba nawo kubazali?

19 UDeveli walinga uJesu, futhi singaqiniseka ukuthi uyozilinga izingane ukuba zenze okungalungile. (Mathewu 4:1-10) USathane uDeveli usebenzisa ukucindezela kontanga, okungaba nzima ukumelana nakho. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani-ke ukuba izingane zingazihlanganisi nabenzi bokubi! (1 Korinte 15:33) Indodakazi kaJakobe, uDina, yayilokhu izihlanganisa nabantu ababengamkhulekeli uJehova, futhi lokho kwaholela enkingeni enkulu. (Genesise 34:1, 2) Cabanga indlela umkhaya ongaphatheka kabi ngayo uma ilungu lawo lingaziphatha kabi ngokobulili!—IzAga 17:21, 25.

ISIHLUTHULELO SENJABULO YOMKHAYA

20. Ukuze ukuphila komkhaya kujabulise, yini okumelwe ilungu lomkhaya ngalinye liyenze?

20 Kulula ukubhekana nezinkinga zomkhaya uma kusetshenziswa iseluleko seBhayibheli. Empeleni, ukusebenzisa leso seluleko kuyisihluthulelo senjabulo yomkhaya. Ngakho madoda, thandani omkenu, nibaphathe ngendlela uJesu aphatha ngayo ibandla lakhe. Bafazi, zithobeni ebunhlokweni babayeni benu, nilandele isibonelo somfazi okhuthele ochazwe encwadini yezAga 31:10-31. Bazali, qeqeshani abantwana benu. (IzAga 22:6) Bobaba, ‘yengamelani imikhaya yenu ngendlela enhle.’ (1 Thimothewu 3:4, 5; 5:8) Nani bantwana, lalelani abazali benu. (Kolose 3:20) Akekho umuntu ophelele ekhaya ngoba bonke bayawenza amaphutha. Ngakho zithobeni, nicele intethelelo komunye nomunye.

21. Isiphi isikhathi esimangalisayo esibheke kuso, futhi singakwenza kanjani ukuphila komkhaya kujabulise ngisho kwamanje?

21 Ngempela, iBhayibheli linezeluleko neziqondiso eziningi ezibalulekile ngokuphathelene nokuphila komkhaya. Ngaphezu kwalokho, lisifundisa ngezwe elisha likaNkulunkulu nangepharadesi lasemhlabeni eliyoba nabantu abajabulayo abakhulekela uJehova. (IsAmbulo 21:3, 4) Yeka isikhathi esimangalisayo esibheke kuso! Ngisho kwamanje, singakwenza ukuphila komkhaya kujabulise ngokusebenzisa iziqondiso zikaNkulunkulu ezitholakala eZwini lakhe, iBhayibheli.

^ isig. 15 Usizo ekuvikeleni izingane lutholakala esahlukweni 32 sencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 18 Ukungalaleli kwengane umzali kulunge kuphela uma ethi mayephule umthetho kaNkulunkulu.—IzEnzo 5:29.