Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

IzAga 16:3—“Noma Yini Oyenzayo Yenzele INKOSI”

IzAga 16:3—“Noma Yini Oyenzayo Yenzele INKOSI”

 “Noma yini oyenzayo yenzele uJehova, khona-ke amacebo akho ayophumelela.”—IzAga 16:3, IBhayibheliImiBhalo Engcwele.

 “Noma yini oyenzayo yenzele INKOSI, khona-ke iyomisa amacebo akho.”—IzAga 16:3, New International Version.

Incazelo yezAga 16:3

 Lesi saga siqinisekisa abantu abakhonza uNkulunkulu weqiniso ngokuthi amacebo abo azophumelela uma bethembela kuye ngokufuna isiqondiso sakhe futhi basilandele.

 “Noma yini oyenzayo yenzele uJehova.” Ngaphambi kokwenza izinqumo, abantu abakhonza uJehova a bayazithoba bafune isiqondiso kuye. (Jakobe 1:5) Kungani? Phakathi kokunye, ngokuvamile akukho okutheni noma akukho nhlobo abantu abangakwenza ukuze balawule izinto ezenzeka ekuphileni kwabo. (UmShumayeli 9:11; Jakobe 4:13-15) Ngaphezu kwalokho, bangase bangabi nokuhlakanipha okudingekayo ukuze bafeze abakufunayo. Ngenxa yalokho, abaningi bayahlakanipha bashiyele izinto kuNkulunkulu, babeke ithemba labo kuye kunoma yini abayifunayo. Lokho bakwenza ngokuthandaza kuye ukuze bathole isiqondiso nangokwenza izinto ngokuvumelana nentando yakhe etholakala eZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli.—IzAga 3:5, 6; 2 Thimothewu 3:16, 17.

 Ingxenye ethi “noma yini oyenzayo yenzele INKOSI” b isho ukuthi “gingqela imisebenzi yakho ENKOSINI.” Ngokusho kwesinye isikhombo, le nkulumo yakha isithombe “sendoda esusa umthwalo emahlombe ayo iwunike enye indoda enamandla amakhudlwana nekulungele kangcono ukuwuthwala.” Abantu abazithobayo bancike kuNkulunkulu bangaqiniseka ngokuthi uzobasiza abanike amandla.—IHubo 37:5; 55:22.

 Ingxenye ethi “noma yini oyenzayo” ayisho ukuthi uNkulunkulu uyavumelana noma uzobusisa konke abantu abakufunayo. Ukuze bathole isibusiso sikaJehova, izifiso zabo kumele zivumelane nentando kanye nemithetho yakhe. (IHubo 127:1; 1 Johane 5:14) UNkulunkulu akakubusisi ukungalaleli. Eqinisweni, “uyawabhuntshisa amacebo ababi.” (IHubo 146:9) Ngakolunye uhlangothi, uyabasekela labo abazithoba kuye ngokuhlonipha imithetho etholakala eBhayibhelini.—IHubo 37:23.

 “Amacebo akho ayophumelela.” Amanye amaBhayibheli ahumusha le nkulumo ngokuthi “iyomisa amacebo akho.” EmiBhalweni yesiHebheru, noma eTestamenteni Elidala, igama elihunyushwe ngokuthi “misa” lidlulisa umqondo wokubeka isisekelo, livame ukubhekisela ezintweni uNkulunkulu azidalile ezime zaqina. (IzAga 3:19; Jeremiya 10:12) UNkulunkulu naye uyowamisa aqine amacebo abantu abenza okulungile emehlweni akhe, abasize balondeke, baqine futhi bajabule.—IHubo 20:4; IzAga 12:3.

Umongo wezAga 16:3

 Lesi saga sabhalwa iNkosi uSolomoni, eyabhala izahluko eziningi encwadini yezAga. Yaqamba izinkulungwane zezaga ngenxa yokuhlakanipha eyayikunikwe uNkulunkulu.—1 AmaKhosi 4:29, 32; 10:23, 24.

 Esahlukweni 16, uSolomoni uqala ngokubabaza ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, akhombise nendlela uNkulunkulu abazonda ngayo abantu abaqhoshayo. (IzAga 16:1-5) Lesi sahluko sibe sesisiza umfundi aqonde leli qiniso elibalulekile elilokhu liphindaphindwa encwadini yezAga: Ukuhlakanipha nempumelelo yangempela abantu bangakuthola kuphela uma bethobekile, bevumela uNkulunkulu ukuba abaqondise. (IzAga 16:3, 6-8, 18-23) Lelo qiniso liphindaphindwa kaningi eBhayibhelini.—IHubo 1:1-3; Isaya 26:3; Jeremiya 17:7, 8; 1 Johane 3:22.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amabalengwe encwadi yezAga.

a Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Funda isihloko esithi “Ungubani UJehova?

b Isethulo se-New International Version Study Bible sithi iBhayibheli i-NIV lisebenzisa igama elithi “NKOSI” (elibhalwe lonke ngosonhlamvukazi) esikhundleni segama likaNkulunkulu. Ukuze ubone ukuthi kungani lesi senzo sibadida abafundi beBhayibheli abaningi, funda lesi sihloko: “Isaya 42:8—‘NGIYINKOSI.’