Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Jeremiya 29:11—​“Ngiyazazi Izinto Enginihlelele Zona”

Jeremiya 29:11—​“Ngiyazazi Izinto Enginihlelele Zona”

 “‘Ngikwazi kahle engikucabangayo ngani,’ kusho uJehova, a ‘ngizoninika ukuthula, hhayi inhlekelele, ukuze nibe nekusasa elihle nethemba.’”—Jeremiya 29:11, INguqulo Yezwe Elisha.

 “‘Ngiyazazi izinto enginihlelele zona,’ kusho INKOSI, ‘nginihlelele ukunenza nichume hhayi ukunilimaza, nginihlelele ukuninikeza ithemba nekusasa.’”—Jeremiya 29:11, New International Version.

Incazelo KaJeremiya 29:11

 UJehova uNkulunkulu wathembisa izikhonzi zakhe ukuthi wayefisa ukuzinikeza ikusasa elinokuthula. Nakuba la mazwi ayebhalelwe abantu basendulo, asachaza indlela uNkulunkulu acabanga ngayo. ‘UnguNkulunkulu osinika ithemba.’ (Roma 15:13) Empeleni, izithembiso ezinjalo wazibhala eBhayibhelini ukuze “sibe nethemba” lokuthola ikusasa elihle.—Roma 15:4.

Umongo KaJeremiya 29:11

 La mazwi ayesencwadini eyayithunyelelwe ama-Israyeli ayedingiselwe eBhabhiloni esuka eJerusalema. b (Jeremiya 29:1) UNkulunkulu wawatshela ukuthi ayeyohlala ekudingisweni isikhathi eside nokuthi kwakumelwe akhe izindlu, atshale futhi abe nemindeni. (Jeremiya 29:4-9) UNkulunkulu waphinde wathi: “Lapho iminyaka engu-70 eBhabhiloni isiphelile, ngiyonikhumbula, ngiyosigcwalisa isithembiso sami ngokunibuyisela [eJerusalema].” (Jeremiya 29:10) Ngokusho kanjalo uNkulunkulu wayewaqinisekisa ngokuthi wayengawakhohliwe nokuthi ithemba lawo lokubuyela ekhaya lalizogcwaliseka.—Jeremiya 31:16, 17.

 UNkulunkulu wasigcwalisa isithembiso sakhe ayesenze kuma-Israyeli. Njengoba ayebikezele, iBhabhiloni lanqotshwa inkosi yasePheresiya uKoresi. (Isaya 45:1, 2; Jeremiya 51:30-32) Ngemva kwalokho, uKoresi wavumela amaJuda ukuba abuyele ezweni lakubo. Ngemva kweminyaka engu-70 ethunjiwe, ayesebuyela eJerusalema.—2 IziKronike 36:20-23; Ezra 3:1.

 Ukugcwaliseka kukaJeremiya 29:11 kuqinisekisa labo abanethemba ezithembisweni zikaNkulunkulu namuhla. Lezi zithembiso zihlanganisa ukuthi kuzoba nokuthula emhlabeni wonke okuzolethwa uMbuso kaNkulunkulu uholwa uKristu Jesu.—IHubo 37:10, 11, 29; Isaya 55:11; Mathewu 6:10.

Imibono Eyiphutha NgoJeremiya 29:11

 Umbono oyiphutha: UNkulunkulu unokuthile ‘akuhlelele’ umuntu ngamunye.

 Iqiniso: UNkulunkulu uvumela abantu bazikhethele ukuthi bazophila kanjani. Amazwi akhe akuJeremiya 29:11 ayebhekiselwe kuma-Israyeli ayeseBhabhiloni njengeqembu futhi lelo qembu wayelifisela ikusasa elinokuthula. (Jeremiya 29:4) Nokho, uNkulunkulu wavumela ukuba umuntu ngamunye azikhethele ukuthi uzozuza yini esithembisweni saKhe noma cha. (Duteronomi 30:19, 20; Jeremiya 29:32) Labo ababekhetha ukufuna uNkulunkulu babekwenza ngokuthandaza ngenhliziyo eqotho.—Jeremiya 29:12, 13.

 Umbono oyiphutha: UNkulunkulu uzobusisa izikhonzi zakhe ngengcebo.

 Iqiniso: Igama elithi “ukuchuma” elitholakala kwamanye amaBhayibheli kuJeremiya 29:11 lihunyushwa lisuselwa egameni lesiHebheru elisho “ukuthula, impilo nenhlalakahle.” Kule ndaba, uNkulunkulu wathembisa ukunika ama-Israyeli ayedingisiwe ukuthula nenhlalakahle hhayi ingcebo. Ayeyoqhubeka ekhona njengesizwe futhi ngelinye ilanga aphindele eJerusalema.—Jeremiya 29:4-10.

Funda uJeremiya isahluko 29 kanye nemibhalo yaphansi ubheke nezikhombo.

a Igama elithi Jehova yigama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.

b Ngokuqondene noJeremiya 29:11, incwadi i-The Expositor’s Bible Commentary ithi: “Kunzima ukuthola isithembiso esihle njengalesi emiBhalweni, esiveza ububele uYahweh [uJehova] ayenabo ngalezi zithunjwa, nesasizinika isizathu sokuba nethemba.”—Umqulu 7, ikhasi 360.