Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Isaya 42:8​—“NGIYINKOSI”

Isaya 42:8​—“NGIYINKOSI”

 “NginguJehova. Yilelo igama lami;anginiki muntu inkazimulo yami, noma izithombe ezibaziwe udumo lwami.”—Isaya 42:8, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “NGIYINKOSI: yilelo igama lami: inkazimulo yami ngeke ngiyinike omunye, nodumo lwami ngeke ngilunike izithombe ezibaziwe.”—Isaya 42:8, King James Version.

Incazelo Ka-Isaya 42:8

 UNkulunkulu usitshela igama lakhe nokuthi udumo lwakhe ngeke alunikeze izithombe.

 UNkulunkulu uyena owazinika leli gama elivame ukuhunyushwa ngokuthi “Jehova” ngesiZulu. a (Eksodusi 3:14, 15) Nakuba igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezicishe zibe ngu-7 000 eTestamenteni Elidala (imiBhalo YesiHebheru Nesi-Aramu), izinguqulo eziningi zifaka isiqu esithi “NKOSI” sibhalwe ngosonhlamvukazi esikhundleni salo. Isibonelo salokhu sisencwadini yeHubo 110:1, eprofetha ngoJehova noJesu. IBhayibheli i-King James Version lithi: “INKOSI [uJehova] yathi eNkosini yami [uJesu].” (Qhathanisa nezEnzo 2:34-36) Ukuze kungabi nokudideka ngala magama amabili athi “Nkosi,” IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele lifaka igama likaNkulunkulu endaweni yalo efanele. Ithi: “UJehova wathi eNkosini yami: ‘Hlala ngakwesokudla sami ngize ngibeke izitha zakho zibe ngaphansi kwezinyawo zakho.’”

 Izazi eziningana zeBhayibheli zikholelwa ukuthi igama likaNkulunkulu lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” NguNkulunkulu weqiniso kuphela ongaba nalelo gama ngoba nguye yedwa ongaba yinoma yini, noma abangele indalo yakhe ukuba ibe yinoma yini, edingekayo ukuze afeze injongo yakhe.

 Njengoba uJehova enguMdali wethu noNkulunkulu weqiniso okuwukuphela kwakhe ufanelwe ukuba sizinikele kuye kuphela. Akekho omunye umuntu noma enye into okufanele siyikhonze, lokhu kuhlanganisa nezithombe.—Eksodusi 20:2-6; 34:14; 1 Johane 5:21.

Umongo Ka-Isaya 42:8

 Emavesini okuqala esahluko 42 sika-Isaya, uJehova wabikezela umsebenzi owawuzokwenziwa ‘okhethiwe wakhe.’ UNkulunkulu wathi le nceku ayeyikhethile ‘yayiyoletha ubulungisa ezizweni.’ (Isaya 42:1) Mayelana naleso sithembiso uNkulunkulu wathi: “Manje ngimemezela izinto ezintsha. Nginitshela ngazo zingakaveli.” (Isaya 42:9) Isiprofetho esimayelana ‘nokhethiwe wakhe’ savela, noma sagcwaliseka, emakhulwini eminyaka kamuva lapho uMesiya, noma uKristu, efika enza inkonzo yakhe yasemhlabeni.—Mathewu 3:16, 17; 12:15-21.

Indlela Ezinye Izinguqulo ZeBhayibheli Ezihumusha Ngayo U-Isaya 42:8

 “NginguJehova, yilelo igama lami; inkazimulo yami ngeke ngiyinike omunye, nodumo lwami ngeke ngilunike izithombe ezibaziwe.”—I-The ‘Holy Scriptures,’ kaJ. N. Darby.

 “NginguJehova; yilelo igama lami. Inkazimulo yami ngeke ngiyinike omunye nodumo lwami ngeke ngilunike izithombe ezibaziwe.”—A Literal Translation of the Bible.

a NgesiHebheru igama likaNkulunkulu libhalwe ngongwaqa abane abavame ukubhalwa ngokuthi YHWH. Ezinye izinguqulo zesiNgisi zihumusha igama likaNkulunkulu ngokuthi “Yahweh.” Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Igama LikaNkulunkulu EmiBhalweni YesiHebheru” engxenyeni ethi iSithasiselo A4 eBhayibhelini elithi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.