Dlulela kokuphakathi

Kwenzekani Emshadweni WoFakazi BakaJehova?

Kwenzekani Emshadweni WoFakazi BakaJehova?

 Imishado yoFakazi BakaJehova ngokuvamile ihlanganisa umcimbi ongeyona inkimbinkimbi kodwa oba nesizotha nenkulumo esekelwe eBhayibhelini. Ngemva kwalokho kungase kulandele umbuthano noma kuyiwe endaweni lapho kuzodliwa khona. a UJesu waya emshadweni onjalo edolobheni laseKhana ngasekuqaleni kwenkonzo yakhe.—Johane 2:1-11.

 Umshado uqhutshwa kanjani?

 Into ebaluleke kakhulu yinkulumo yomshado, cishe engaba imizuzu engu-30 ubude eyenziwa isikhonzi esinguFakazi KaJehova. Le ngxoxo enemfudumalo neyakhayo igcizelela indlela iBhayibheli elingabasiza ngayo labo abashadayo ukuba babe nomshado ohlala njalo, onothando nojabulisayo.—Efesu 5:33.

 Emazweni amaningi, uhulumeni ugunyaza izikhonzi ezingoFakazi BakaJehova ukuba ziqinisekise ukuthi umshado uba semthethweni. Ngenxa yalokho, ngasekupheleni kwenkulumo, labo abashadayo basho izifungo. Bangase futhi bafakane izindandatho. Isikhonzi sibe sesibethula ukuthi manje sebeyindoda nenkosikazi.

 Kwamanye amazwe, umthetho ufuna labo abashadayo bashadele ehhovisi likahulumeni. Lokho bakwenza ngokushesha nje ngemva kwenkulumo yomshado. Uma indoda nomkayo bengazishongo izifungo endaweni kahulumeni bangase bazisho ngasekupheleni kwenkulumo. Uma bezishilo izifungo, bangase bakhethe ukuziphinda, ngendlela ebonisayo ukuthi bayaziphinda. Inkulumo ibe isiphetha ngomthandazo wokucela uNkulunkulu ukuba abusise labo abasanda kushada.

 Yenzelwa kuphi imishado yoFakazi BakaJehova?

OFakazi abaningi bakhetha ukushadela eHholo LoMbuso uma litholakala. b Uma labo abashadayo behlele ukuba nedili, bakhetha indawo ehlukile yokwenza idili.

 Ubani ongaba khona emshadweni?

 Uma umshado uzoba seHholo LoMbuso, ngokuvamile wonke umuntu uvumelekile ukuba khona—abantu abangoFakazi nabangebona oFakazi. Uma labo abashadayo bezoba nedili, yibo abakhethayo ukuthi obani abangaya kulo.

 Ikhona indlela okufanele kugqokwe ngayo?

 Nakuba imishado eba seHholo LoMbuso ingenayo indlela ekhethekile yokugqoka, oFakazi BakaJehova balwela ukulandela isiqondiso seBhayibheli sokugqoka ngesizotha nangenhlonipho. Bayakujabulela uma nabanye benza ngendlela efanayo. (1 Thimothewu 2:9) Yiqiniso, iziqondiso ezifanayo ziyasebenza nasendaweni yedili uma labo abashadayo bekhethe ukuba nalo idili.

 Ingabe izipho ziba khona?

 IBhayibheli likhuthaza ukuba siphane. (IHubo 37:21) OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukwamukela nokuphana izipho zomshado. (Luka 6:38) Nokho, oFakazi bayakugwema ukucela izipho noma ukumemeza obala amagama alabo abalethe izipho. (Mathewu 6:3, 4; 2 Korinte 9:7; 1 Petru 3:8) Ngaphandle kokuthi akukho lokho eBhayibhelini, ukwenza into enjalo kungenza labo abamenyiwe bazizwe benamahloni.

 Izokwenziwa yini i-toast?

 Cha. OFakazi BakaJehova abayenzi i-toast, ngenxa yokuthi inomsuka wesiko lenkolo yamanga. c OFakazi bafisela abashadayo izilokotho ezinhle ngezinye izindlela.

 Ingabe lizophonswa ilayisi noma okunye okufana nalo?

 Cha. Kwezinye izindawo abantu baphonsa ilayisi noma okunye okufana nalo kulabo abasanda kushada. Bakholelwa ukuthi lokhu kuzolethela labo abasanda kushada inhlanhla, injabulo nokuphila isikhathi eside. Kodwa oFakazi BakaJehova bayayigwema imikhuba ehlobene nokukholelwa ezeni. Lokhu kuhlanganisa nokubafisela inhlanhla, okuyinto engahambisani nalokho okufundiswa iBhayibheli.—Isaya 65:11

 Ingabe kuzobe kukhona ukudla neziphuzo?

 Uma umshado uzoqala eHholo LoMbuso ngeke kudliwe lapho. Abanye abashadayo bakhetha ukuba nedili ngemva kwalokho, lapho kungase kube khona ukudla neziphuzo. (UmShumayeli 9:7) Uma bekhetha ukuba kube notshwala bayaqiniseka ukuthi buba sesilinganisweni esifanele, kulabo umthetho obavumelayo ukuba baphuze.—Luka 21:34; Roma 13:1, 13.

 Uzoba khona yini umculo nomdanso?

 Uma abashadayo bezokwenza idili lomshado bangase bakhethe ukuba kube khona umculo nomdanso. (UmShumayeli 3:4) Kuzoba umculo okhethwe kahle, nakuba ungase uhluke kuye ngamasiko nalokho abakuthandayo. Ingxenye yomshado eseHholo LoMbuso ngokuvamile iba nomculo osekelwe emiBhalweni.

 Ingabe oFakazi BakaJehova bayazigubha izinsuku abashada ngazo?

 Ngenxa yokuthi iBhayibheli alikuvumeli futhi alikunqabeli ukugubha usuku umuntu ashada ngalo, oFakazi abashadile yibona abazinqumelayo ukuthi bazoligubha yini noma cha. Uma bekhetha ukuligubha bangase baligubhe bebodwa noma benabangane nomndeni.

a Amasiko, imikhuba nemithetho kungase kuhlukahluke kuye ngezindawo.

b Isikhonzi esibeka inkulumo ngeke sibakhokhise abashadayo, futhi ukusebenzisa iHholo LoMbuso kumahhala.

c Ukuze ufunde ngomsuka ongasekelwe eBhayibhelini wokwenziwa kwe-toast, bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 15, 2007.