Dlulela kokuphakathi

Incwadi YesAmbulo​—Isho Ukuthini?

Incwadi YesAmbulo​—Isho Ukuthini?

Impendulo YeBhayibheli

Igama lesiGreki lencwadi yeBhayibheli yesAmbulo, elithi A·po·kaʹly·psis, lisho “Ukwembula” noma “Ukuveza.” Leli gama liveza injongo yesAmbulo—ukwambula izindaba ebezifihliwe nokuveza izenzakalo ezaziyokwenzeka esikhathini eside ngemva kokulotshwa kwaso. Eziningi zalezo ziprofetho zisazogcwaliseka.

Okuqukethwe incwadi yesAmbulo

Izihluthulelo zokuqonda incwadi yesAmbulo

  1. Incazelo yaso iyakhuthaza, ayizethusi noma izikhungathekise izikhonzi zikaNkulunkulu. Nakuba abaningi behlobanisa igama elithi “apocalypse” nenhlekelele enkulu, incwadi yesAmbulo iqala futhi iphethe ngokuthi labo abayifundayo, bayiqonde futhi basebenzise umyalezo wayo bayojabula.—IsAmbulo 1:3; 22:7.

  2. IsAmbulo sisebenzisa ‘izibonakaliso’ eziningi noma izifaniso, okungafanele zithathwe njengoba zinjalo.​—IsAmbulo 1:1.

  3. Izinto eziningi ezinkulu noma izifaniso ezikuyisAmbulo kuyakhulunywa ngazo kwezinye izincwadi zeBhayibheli:

  4. Imibono ibhekisela “osukwini lweNkosi,” olwaqala lapho uMbuso kaNkulunkulu umiswa ngo-1914 nalapho uJesu eqala ukubusa njengeNkosi. (IsAmbulo 1:10) Ngakho singalindela ukugcwaliseka okukhulu kwesAmbulo ukuba kube sesikhathini sethu.

  5. Ukuze siqonde incwadi yesAmbulo, kudingeka zona kanye izinto ezisisiza siliqonde lonke iBhayibheli, kuhlanganise nokuhlakanipha kukaNkulunkulu nosizo lwalabo asebeliqonda kakade.—IzEnzo 8:26-39; Jakobe 1:5.