Dlulela kokuphakathi

Siyini Isilo Esinombala Obomvu Okukhulunywa Ngaso Encwadini YesAmbulo Isahluko 17?

Siyini Isilo Esinombala Obomvu Okukhulunywa Ngaso Encwadini YesAmbulo Isahluko 17?

Impendulo yeBhayibheli

Isilo esinombala obomvu okukhulunywa ngaso encwadini yesAmbulo isahluko 17, sifanekisela inhlangano enomgomo wokwakha ubunye phakathi kwezizwe zomhlaba nokuzimelela. Ekuqaleni yayibizwa ngokuthi iNhlangano Yezizwe futhi manje isibizwa ngokuthi iZizwe Ezihlangene.

Izindlela zokubona isilo esinombala obomvu

  1. Siyinhlangano yezombusazwe. Isilo esinombala obomvu ‘sinamakhanda ayisikhombisa’ okuthiwa amelela “izintaba eziyisikhombisa” ‘namakhosi ayisikhombisa’ noma imibuso ebusayo. (IsAmbulo 17:9, 10) EBhayibhelini, izintaba nezilo ziye zimelele ohulumeni.​—Jeremiya 51:24, 25; Daniyeli 2:44, 45; 7:17, 23.

  2. Sifana nesimiso sezombusazwe somhlaba wonke. Isilo esinombala obomvu sifana nesilo esinamakhanda ayisikhombisa okukhulunywa ngaso encwadini yesAmbulo isahluko 13, esimelela isimiso sezombusazwe somhlaba wonke. Zombili lezi zilo zinamakhanda ayisikhombisa, izimpondo eziyishumi kanye namagama enhlamba. (IsAmbulo 13:1; 17:3) Ukufana kwalezi zilo ngalezi zindlela akunakwenzeka ngephutha. Isilo esinombala obomvu singumfanekiso noma simelela isimiso sezombusazwe somhlaba wonke.​—IsAmbulo 13:15.

  3. Sithola amandla kweminye imibuso. Isilo esinombala obomvu ‘sivela’ kweminye imibuso, noma sikhona ngenxa yayo.​—IsAmbulo 17:11, 17.

  4. Sihlangene nenkolo. IBhabhiloni Elikhulu—iqoqo lazo zonke izinkolo zamanga emhlabeni—lihlezi phezu kwesilo esinombala obomvu, okubonisa ukuthi lesi silo sithonywa amaqembu enkolo.​—IsAmbulo 17:3-5.

  5. Sihlazisa uNkulunkulu. Isilo “sigcwele amagama enhlamba.”​—IsAmbulo 17:3.

  6. Sanyamalala okwesikhashana. Isilo esinombala obomvu sasiyoba “kwalasha,” a noma singabi bikho, isikhashana kodwa siphinde sivele.​—IsAmbulo 17:8.

Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli

Cabanga ngendlela iZizwe Ezihlangene neNhlangano Yezizwe eziye zagcwalisa ngayo iziprofetho zeBhayibheli eziphathelene nesilo esinombala obomvu.

  1. Siyinhlangano yezombusazwe. IZizwe Ezihlangene zisekela isimiso sezombusazwe ngokuqikelela ukuthi “wonke amaLungu azo ayalingana.” b

  2. Sifana nesimiso somhlaba wonke sezombusazwe. Ngo-2011, iZizwe Ezihlangene zenezela elinye izwe, okwenza le nhlangano ibe namazwe angu-193. Ngaleyo ndlela, le nhlangano ithi imelela iningi lamazwe nezizwe zomhlaba.

  3. Sithola amandla kweminye imibuso. IZizwe Ezihlangene zakhiwa amazwe ahlukahlukene omhlaba futhi le nhlangano ithola amandla negunya ngokwemvume yalawo mazwe.

  4. Sihlangene nenkolo. Kokubili iNhlangano Yezizwe neZizwe Ezihlangene bezilokhu zisekelwa izinkolo zomhlaba. c

  5. Zihlazisa uNkulunkulu. IZizwe Ezihlangene zabunjelwa “ukulondoloza ukuthula nokulondeka emhlabeni wonke.” d Nakuba lokhu kungase kubonakale kuwumgomo oncomekayo, empeleni iZizwe Ezihlangene azimhloniphi uNkulunkulu ngoba zizama ukwenza lokho athe kuyofezwa uMbuso wakhe kuphela.—IHubo 46:9; Daniyeli 2:44.

  6. Sanyamalala okwesikhashana. INhlangano Yezizwe—eyasungulwa ngemva nje kweMpi Yezwe I ukuze ilondoloze ukuthula—ayikwazanga ukunqanda ukungezwani kwamazwe omhlaba. Ayibange isaba khona lapho kuqala iMpi Yezwe II ngo-1939. Ngo-1945, ngemva kokuphela kweMpi Yezwe II kwasungulwa iZizwe Ezihlangene. Injongo yale nhlangano, izindlela zayo nokwakheka kwayo kufana kakhulu nokweNhlangano Yezizwe.

a Ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “kwalasha” lichaza “umgodi ongenamkhawulo.” EBhayibhelini, libhekisela endaweni noma esimweni lapho okuthile noma othile evalelekile futhi engakwazi kwenza lutho.

b Bheka iSiphakamiso 2 soMthetho-sisekelo WeZizwe Ezihlangene.

c Ngokwesibonelo, ngo-1918 isigungu esimelela amasonto amaningana amaProthestani eMelika, savumelana ngokuthi iNhlangano Yezizwe izoba “yizwi layo lezombusazwe lombuso kaNkulunkulu emhlabeni.” Ngo-1965, abameleli bobuBuddha, ubuKatolika, ubu-Orthodox baseMpumalanga, ubuHindu, ubuSulumane, ubuJuda nobuProthestani bahlangana eSan Francisco ukuze basekele futhi bathandazele iZizwe Ezinhlangene. Ngo-1979, uPapa John Paul II wathi unethemba lokuthi iZizwe Ezihlangene “ziyohlale zigqugquzela ukuthula nobulungisa.”

d Bheka iSiphakamiso 1 soMthetho-sisekelo WeZizwe Ezihlangene.