Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Isimo Sezomnotho Esanelisa Bonke Abantu Siyoke Sibe Khona?

Ingabe Isimo Sezomnotho Esanelisa Bonke Abantu Siyoke Sibe Khona?

 Emazweni amaningi, abantu bagcwele imigwaqo, babhikishela lokho abakubiza ngesimo sezomnotho esinganelisi. Ubhubhane lwe-COVID-19 lwenze lezo zinkinga zaba zimbi nakakhulu, kwaba neziyaluyalu, abantu bavaleleka ezindlini, kwaba nokuntuleka, kanye nokungatholakali kalula kwezinto zezokwelapha, okuveze igebe elikhona phakathi kwabacebile nabahluphekayo.

 Ingabe izinkinga zomnotho ezihlasele umhlaba wonke ziyoke ziphele? Yebo. IBhayibheli lichaza lokho uNkulunkulu azokwenza ukuze axazulule izinkinga esibhekene nazo.

Izinkinga zomnotho eziyoxazululwa uNkulunkulu

 Inkinga: Abantu bahlulekile ukwenza uhlelo lwezomnotho olwanelisa izidingo zabo bonke abantu.

 Ikhambi: UNkulunkulu uyosusa ohulumeni babantu, esikhundleni sabo abeke owakhe obizwa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu. Uyobusa usezulwini ubuse wonke umhlaba.—Daniyeli 2:44; Mathewu 6:10.

 Umphumela: Ngenxa yokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyobusa umhlaba wonke, uyoziqondisa kahle kakhulu izimo emhlabeni. Abantu ngeke baphinde bahlupheke noma bahlushwe ezomnotho ezingaqinisekile. (IHubo 9:7-9, 18) Kunalokho bayojabulela izithelo zomsebenzi wabo, bajabulele nokuphila okwanelisayo nemindeni yabo. IBhayibheli liyathembisa: “Bayokwakha izindlu bahlale kuzo, bayotshala amasimu amagilebhisi badle izithelo zawo. Ngeke bakhe bese kuhlala omunye, ngeke batshale bese kudla abanye.”—Isaya 65:21, 22.

 Inkinga: Abantu ngeke bakwazi ukubalekela ukuhlupheka nokuswela.

 Ikhambi: Esebenzisa uMbuso wakhe, uNkulunkulu uyoqeda zonke izinto ezibangela ukwesaba nokuzizwa ungavikelekile.

 Umphumela: Benakekelwa uNkulunkulu, abantu kanye nemindeni yabo ngeke besaziswela izidingo zokuphila. Ngokwesibonelo, izimpi, ukuntuleka kokudla kanye nobhubhane ngeke kuphinde kube khona. (IHubo 46:9; 72:16; Isaya 33:24) UNkulunkulu uthi: “Abantu bami bayohlala endaweni enokuthula, nasezindaweni zokuhlala ezilondekile nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.”—Isaya 32:18.

 Inkinga: Abantu ngokuvamile baxhashazwa abanye abazicabangela bona nabanobugovu.

 Ikhambi: Abantu abayophila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu bayofunda ukubathanda ngempela abanye futhi bangazicabangeli bona kuphela.—Mathewu 22:37-39.

 Umphumela: Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, wonke umuntu uyobe ebonisa uthando olunjengolukaNkulunkulu ‘olungazifuneli izinzuzo zalo.’ (1 Korinte 13:4, 5) IBhayibheli lithi: “Ngeke neze kulimaze noma kubangele umonakalo kuyo yonke intaba yami engcwele, ngoba nakanjani umhlaba uyogcwala ulwazi ngoJehova a njengamanzi egcwalisa ulwandle.”—Isaya 11:9.

 IBhayibheli lisichazela ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina zaleli zwe, nokuthi maduze uNkulunkulu uzogcwalisa isithembiso sakhe sokuqeda izinkinga zezomnotho. b (IHubo 12:5) Okwamanje, iBhayibheli lingakusiza ukuba ukwazi ukubhekana nezinkinga zomnotho. Ngokwesibonelo, bheka isihloko esithi, “Indlela Ongaphila Ngayo Ngokuncane” nesithi “Umbono Olinganiselayo Ngemali.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu eliseBhayibhelini.—IHubo 83:18.

b Ukuze uthole ukuthi kungani kufanele wethembe iBhayibheli, bheka isihloko esithi “IBhayibheli Liwumthombo Othembekile Weqiniso.