Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ingabe ubumpofu bungaphela emhlabeni?

UNkulunkulu uyobuqeda kanjani ubumpofu emhlabeni?Mathewu 6:9.

Unyaka ngamunye izigidi zabantu zibulawa ubumpofu obuhlanganisa ukungondleki nezifo. Nakuba amanye amazwe ecebile, basebaningi abantu abakhungethwe ubumpofu. IBhayibheli libonisa ukuthi ubumpofu bebulokhu buyinkinga yesintu.Funda uJohane 12:8.

Ukuze kuqedwe ubumpofu, kungadingeka uhulumeni owodwa ozobusa wonke umhlaba, wanelise wonke umuntu. Lowo hulumeni kungadingeka ube namandla okwanelisa izidingo zabantu ngendlela elinganayo nokuqeda izimpi, njengoba ziyimbangela eyinhloko yobumpofu. UNkulunkulu uthembisa ukuletha uhulumeni onjalo lapha emhlabeni.Funda uDaniyeli 2:44.

Ubani ongaqeda ubumpofu?

UNkulunkulu umise uJesu, iNdodana yakhe, ukuba abuse sonke isintu. (IHubo 2:4-8) UJesu uyokhulula ompofu futhi uyoqeda ukucindezelwa nobudlova.Funda iHubo 72:8, 12-14.

‘NjengeSikhulu Sokuthula’ esabikezelwa, uJesu uyokwenza kube nokuthula nokulondeka emhlabeni. Bonke abayobe bephila emhlabeni bayoba namakhaya abo, bayojabulela umsebenzi ojabulisayo futhi bayoba nenala yokudla.Funda u-Isaya 9:6, 7; 65:21-23.