Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
Ingabe ubumpofu bungaphela emhlabeni?
Unyaka ngamunye izigidi zabantu zibulawa ubumpofu obuhlanganisa ukungondleki nezifo. Nakuba amanye amazwe ecebile, basebaningi abantu abakhungethwe ubumpofu. IBhayibheli libonisa ukuthi ubumpofu bebulokhu buyinkinga yesintu.
Ukuze kuqedwe ubumpofu, kungadingeka uhulumeni owodwa ozobusa wonke umhlaba, wanelise wonke umuntu. Lowo hulumeni kungadingeka ube namandla okwanelisa izidingo zabantu ngendlela elinganayo nokuqeda izimpi, njengoba ziyimbangela eyinhloko yobumpofu. UNkulunkulu uthembisa ukuletha uhulumeni onjalo lapha emhlabeni.
Ubani ongaqeda ubumpofu?
UNkulunkulu umise uJesu, iNdodana yakhe, ukuba abuse sonke isintu. (IHubo 2:
‘NjengeSikhulu Sokuthula’ esabikezelwa, uJesu uyokwenza kube nokuthula nokulondeka emhlabeni. Bonke abayobe bephila emhlabeni bayoba namakhaya abo, bayojabulela umsebenzi ojabulisayo futhi bayoba nenala yokudla.