Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubekezelelana—Lingasiza Yini IBhayibheli

Ukubekezelelana—Lingasiza Yini IBhayibheli

 “Ukuthula singaba nakho kuphela uma sibekezelelana.”—I-UNESCO Declaration of Principles on Tolerance, 1995.

 Ngakolunye uhlangothi, ukungabekezelelani kungadala ukungahloniphani nenzondo. Leyo mizwa, ivame ukwenza abantu basho amazwi ahlabayo, babandlululane, futhi balwe.

 Abantu banemibono engafani ngalokho okushiwo ukubekezelelana. Abanye bacabanga ukuthi abantu ababekezelayo kumele bavume yonke into. Abanye banombono ohambisana noweBhayibheli, wokuthi abantu ababekezelayo bayalihlonipha ilungelo lomunye umuntu lokwenza izinto ngendlela athanda ngayo, ngisho noma bona bengahambisani nalokho.

 IBhayibheli lingabasiza yini abantu kuleli zwe ukuba babekezelelane ngeqiniso?

Okushiwo iBhayibheli ngokubekezelelana

 IBhayibheli liyakukhuthaza ukubekezelelana. Lithi: “Ukucabangela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu.” (Filipi 4:5) IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibacabangele abanye, sibaphathe ngenhlonipho nangobulungiswa. Abantu abalalela lesi seluleko bangase bangavumelani nemibono noma indlela omunye umuntu aziphatha ngayo, kodwa bayamvumela enze izinto ngendlela abona ngayo.

 Nokho, iBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu unemithetho okufanele abantu baphile ngayo. Lithi: “[UNkulunkulu] ukutshelile okuhle wena muntu.” (Mika 6:8) Linezeluleko uNkulunkulu asinike zona ukuze siphumelele ekuphileni.—Isaya 48:17, 18.

 UNkulunkulu akasinikanga ilungelo lokwahlulela abanye. IBhayibheli lithi, “Munye kuphela onguMniki-mthetho noMahluleli . . . Ungubani ukuba wahlulele umakhelwane wakho?” (Jakobe 4:12) UNkulunkulu unike umuntu ngamunye ilungelo lokuzenzela ezakhe izinqumo, ngamunye unaleso sibopho.—Duteronomi 30:19.

Okushiwo iBhayibheli ngenhlonipho

 IBhayibheli lithi kufanele “sihloniphe wonke umuntu.” (1 Petru 2:17, New Jerusalem Bible) Ngakho abantu abakhetha ukuphila ngemithetho yeBhayibheli baphatha wonke umuntu ngenhlonipho, kungakhathaliseki ukuthi unaziphi izinkolelo noma ukuthi uphila kanjani. (Luka 6:31) Lokhu akusho ukuthi abantu abalalela iBhayibheli bazovumelana nazo zonke izinkolelo noma imibono abanye abanayo, futhi akusho ukuthi bazokweseka zonke izinqumo ezenziwa abanye. Esikhundleni sokubadelela noma sokungabahloniphi labo bantu, bazokwenza okusemandleni ukuze balingise indlela uJesu abaphatha ngayo abanye.

 Ngokwesibonelo, uJesu wahlangana nowesifazane owayesenkolweni angahambisani nayo. Lo muntu wesifazane wayehlala nendoda angashadile nayo—okuyinto uJesu ayengavumelani nayo. Noma kunjalo, uJesu wakhuluma naye ngenhlonipho.—Johane 4:9, 17-24.

 NjengoJesu, amaKristu akulungele ukuchaza izinkolelo zawo kubantu abazimisele ukulalela, kodwa lokho bakwenza “ngenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:15) IBhayibheli liyala amaKristu ukuba angaphoqeleli imibono yawo kwabanye. Lithi inceku kaKristu “akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke,” okuhlanganisa nabantu abanezinkolelo ezihlukile.—2 Thimothewu 2:24.

Okushiwo iBhayibheli ngenzondo

 IBhayibheli lithi kithi: “Lwelani ukuba nokuthula nabantu bonke.” (Hebheru 12:14) Umuntu olwela ukuba nokuthula akabi nayo inzondo. Wenza imizamo yokuphila ngokuthula nabanye, kodwa lokho ukwenza ngaphandle kokwephula imithetho aphila ngayo. (Mathewu 5:9) IBhayibheli lize likhuthaze amaKristu ukuba athande izitha zawo ngokuba nomusa kubantu abawaphatha kabi.—Mathewu 5:44.

 IBhayibheli likhuluma ngezenzo uNkulunkulu “azizondayo,” noma izinto “ezinengekayo” ezehlisa abantu isithunzi noma ezibalimazayo. (IzAga 6:16-19) Kodwa lapha iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “zonda” ukuze lichaze umuzwa ojulile wokwenyanya izenzo ezimbi. IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu ukulungele ukuthethelela nokusiza abantu abafuna ukushintsha izindlela zabo, baphile ngemithetho yakhe.—Isaya 55:7.

Amavesi eBhayibheli akhuluma ngokubekezelelana nenhlonipho

 Thithu 3:2: ‘Linganisela, bonisa bonke ubumnene kubantu bonke.’

 Umuntu olinganiselayo uba nomoya omnene lapho abanye benemibono engafani neyakhe, ukhuthaza ukuhloniphana.

 Mathewu 7:12: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumele nizenze kubo.”

 Sonke siyabula lapho abanye besihlonipha, becabangela nemizwa yethu. Ukuze ufunde kabanzi ngendlela yokusebenzisa lo mthetho kaJesu odumile, funda isihloko esithi “Yini UMthetho Wegolide?

 Joshuwa 24:15: “Zikhetheleni namuhla ukuthi ubani enizomkhonza.”

 Lapho sihlonipha ilungelo labanye lokuzenzela izinqumo, sisuke sikhuthaza ukuthula.

 IzEnzo 10:34: “UNkulunkulu akakhethi.”

 UNkulunkulu akabandlululi muntu ngenxa yesiko lakhe, ubulili, ubuzwe, uhlanga, noma imvelaphi yakhe. Abantu abafuna ukulingisa uNkulunkulu bahlonipha wonke umuntu.

 Habakuki 1:12, 13: “[UNkulunkulu akakwazi] ukubekezelela ububi.”

 Ukubekezela kukaNkulunkulu kunemingcele. Ngeke akuvumele ukukhohlala kwabantu kuqhubeke kuze kube phakade. Ukuze ufunde kabanzi, buka ividiyo ethi Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

 Roma 12:19: “Qhelelani ulaka [lukaNkulunkulu]; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina,’ kusho uJehova.” a

 Akekho umuntu uJehova uNkulunkulu amnike imvume yokuba aziphindiselele. Uzoqikelela ukuthi ubulungiswa buyenzeka ngesikhathi sakhe asibekile. Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Siyoke Sizwakale Yini Isikhalo Sobulungisa?

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Funda isihloko esithi “Ungubani UJehova?