Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayabaxwaya Abantu Ababekhonza Nabo?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayabaxwaya Abantu Ababekhonza Nabo?

 Abantu ababhapathizwa njengoFakazi BakaJehova kodwa abangasashumayeli, mhlawumbe abangasahlanganyeli ngisho nanamanye amakholwa, asibaxwayi. Eqinisweni, siya kubo sizame ukubavuselela ngokomoya.

 Umuntu owenza isono esikhulu asimane nje simxoshe ebandleni. Nokho, uma uFakazi obhapathiziwe ekwenza umkhuba ukwephula isimiso sokuziphatha esiseBhayibhelini futhi engaphenduki, uzosuswa ekuhlanganyeleni noma axwaywe. IBhayibheli lisho ngokucacile: “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.”—1 Korinte 5:13.

 Kuthiwani ngendoda esuswa ekuhlanganyeleni kodwa umkayo nabantwana baqhubeke bengoFakazi BakaJehova? Izibopho ezingokwenkolo ayenazo nomkhaya wakhe ziyashintsha, kodwa izibopho zomkhaya zihlala zinjalo. Ubuhlobo bomshado, uthando ayelubonisa nokusebenzelana nomkhaya okuvamile kuyaqhubeka.

 Abantu abasusiwe baba khona emihlanganweni yethu. Uma bethanda, bangathola neseluleko esingokomoya kubadala bebandla. Umgomo uwukusiza ngamunye wabo ukuba aphinde akufanelekele ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Abantu abasusiwe abakuyekayo ukuziphatha okubi futhi babonise isifiso esiqotho sokuphila ngezimiso zeBhayibheli bavumelekile ukuphinde babe amalungu ebandla.