Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayabacindezela Abantu Ukuba Bashintshe Izinkolo Zabo?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayabacindezela Abantu Ukuba Bashintshe Izinkolo Zabo?

 Cha, asibacindezeli. Sike sasho kumagazini wethu oyinhloko, INqabayokulinda, ukuthi: “Ukucindezela abantu ukuba bashintshe inkolo yabo akulungile.” a Siyakugwema ukucindezela abantu ngenxa yalezi zizathu ezilandelayo:

  •   UJesu akakaze abacindezele abantu ukuba bamukele izimfundiso zakhe. Wayazi ukuthi babembalwa kakhulu ababeyolalela umyalezo wakhe. (Mathewu 7:13, 14) Lapho abanye kubafundi bakhe bekhubeka ngalokho ayekushilo, wabayeka bahamba kunokuba abaphoqe ukuba bahlale.—Johane 6:60-62, 66-68.

  •   UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bangabacindezeli abanye ukuba bashintshe izinkolelo zabo. Kunokuzama ukuphoqa abantu ukuba bamukele izindaba ezinhle zoMbuso nakuba bengathandi, abafundi bakhe kwakufanele bafune abantu abazimisele ukulalela.—Mathewu 10:7, 11-14.

  •   Ukuguquka komuntu ngoba ephoqwa akuthi shu, ngoba uNkulunkulu wamukela kuphela ukukhulekeka okusuka enhliziyweni.—Duteronomi 6:4, 5; Mathewu 22:37, 38.

Ingabe umsebenzi wethu ukuguqula abantu?

 Kuyiqiniso ukuthi sisakaza umyalezo weBhayibheli “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba,” futhi lokhu sikwenza “obala nasendlini ngendlu,” njengoba iBhayibheli lisiyala. (IzEnzo 1:8; 10:42; 20:20) Kanti, njengamaKristu okuqala, ngezinye izikhathi siye simangalelwe ngokuguqula abantu ngokungemthetho. (IzEnzo 18:12, 13) Noma kunjalo, sisuke simangalelwa ngamanga. Asizami ukuphoqa abantu ukuba bamukele izinkolelo zethu. Kunalokho, sikholelwa ukuthi abantu kufanele bavunyelwe ukuba bafunde, ukuze benze izinqumo ezisekelwe olwazini.

 Asibaphoqi abantu ukuba bashintshe izinkolo zabo, futhi asenzi imisebenzi yezombangazwe sibe sicashe ngegama lenkolo noma sithembise abantu izipho noma izinzuzo zokuzihlanganisa nathi ukuze sithole amalungu amasha. Esikwenzayo kwehlukile kokwenziwa abanye abazibiza ngamaKristu kodwa abaye bahlambalaza uKristu ngokwenza lezi zinto. b

Ingabe umuntu unalo ilungelo lokushintsha inkolo yakhe?

Umprofethi u-Abrahama wayishiya inkolo yakubo

 Yebo, iBhayibheli libonisa ukuthi abantu banalo ilungelo lokushintsha izinkolo zabo. Likhuluma ngabaningi abakhetha ukungazilandeli izinkolo zezihlobo zabo futhi ngokuzithandela, banquma ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso. Abanye babo u-Abrahama, uRuthe, abantu abathile base-Athene kanye nomphostoli uPawulu. (Joshuwa 24:2; Ruthe 1:14-16; IzEnzo 17:22, 30-34; Galathiya 1:14, 23) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyavuma ukuthi umuntu unelungelo lokwenza ngisho nesinqumo esingahlakaniphile sokushiya ukukhulekela okwamukelwa uNkulunkulu.—1 Johane 2:19.

 Ilungelo lokushintsha inkolo lisekelwa iSimemezelo Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu, iZizwe Ezihlangene ezisibiza ngokuthi “isisekelo semithetho yamalungelo abantu omhlaba wonke.” Lo mqulu uthi wonke umuntu “unenkululeko yokushintsha inkolo noma izinkolelo zakhe” kanye “neyokufuna, ukuthola nokudlulisela ulwazi nemibono,” kuhlanganise nemibono engokwenkolo. c Yiqiniso, la malungelo ahambisana nesibopho sokuhlonipha amalungelo abanye okuqhubeka besezinkolweni zabo nawokwenqaba imibono abangavumelani nayo.

Ingabe ukushintsha inkolo kuwukungawahloniphi amasiko omndeni?

 Akunjalo ngempela. IBhayibheli likhuthaza ukuba kuhlonishwe wonke umuntu, kungakhathaliseki ukuthi ukuyiphi inkolo. (1 Petru 2:​17) Ngaphezu kwalokho, oFakazi BakaJehova balalela umyalo weBhayibheli othi kufanele bahloniphe abazali babo, ngisho noma benezinkolelo ezihlukile.—Efesu 6:2, 3.

 Noma kunjalo, akuwona wonke umuntu ovumelana nombono weBhayibheli. Omunye wesifazane owakhulela eZambia uyalandisa: “Emphakathini wakithi, ukushintsha inkolo . . . kwakubhekwa njengesenzo sokungathembeki, ukuhlubuka umndeni nomphakathi.” Lo wesifazane wabhekana ngqo nale ndaba lapho esemusha futhi eqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, okwathi kamuva wanquma ukushintsha inkolo yakhe. Uthi: “Abazali bami babengitshela ngokuphindaphindiwe ukuthi ngangibadumaze kakhulu nokuthi ngangibenzele phansi. Lokhu kwaba buhlungu kakhulu kimi, ngenxa yokuthi ukwamukelwa abazali bami kusho lukhulu kimi. . . . Ukukhetha ukuba qotho kuJehova kunokunamathela emasikweni enkolo akusho ukuthi angithembekile emndenini wami.” d

a Bheka INqabayokulinda, ka-January 1, 2002, ikhasi 12, isigaba 15.

b Ngokwesibonelo, cishe ngonyaka ka-785 C.E., uCharlemagne wakhipha umyalo owawuthi kufanele babulawe eSaxony abantu abenqaba ukubhapathizwa babe ngamaKristu. Kanti nesivumelwano Sokuthula sase-Augsburg, esasayinwa amaqembu ayelwa izimpi zombango ngo-1555 C.E. eMbusweni WaseRoma Ongcwele, sasithi umbusi wendawo ngayinye kumelwe abe ngumRoma Katolika noma abe umLuthela nokuthi bonke abangaphansi kombuso wakhe kufanele babe senkolweni yakhe. Labo ababenqaba ukuba amalungu enkolo yombusi kwakudingeka bathuthe.

c Amalungelo afanayo ayatholakala naseMthethweni-sisekelo Wase-Afrika Wamalungelo Abantu, eSimemezelweni SaseMelika Samalungelo Abantu, kuyi-Arab Charter on Human Rights Ka-2004, kuyi-ASEAN (Association of Southeast Asian Nations) Human Rights Declaration, naseMthethweni-sisekelo Wamalungelo Abantu WaseYurophu, kanye naseSivumelwaneni Somhlaba Wonke Samalungelo Ezenhlalo Nawezombangazwe. Nokho, ngisho namazwe athi ahlinzeka ngamalungelo anjalo ayahluka endleleni azimisele ngayo ukuwasekela.

d Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu weqiniso njengoba lembulwe eBhayibhelini.