Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bangena Endlini Ngendlu Ngoba Befuna Ukuthola Insindiso?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bangena Endlini Ngendlu Ngoba Befuna Ukuthola Insindiso?

 Cha. Inkonzo yethu yokungena indlu ngendlu siyenza njalo, kodwa asikholelwa ukuthi siyothola insindiso ngokwenza lo msebenzi. (Efesu 2:8) Ngani?

 Cabangela lokhu: Ake sithi indoda enomusa ithembisa ukuthi bonke abantu abazoba sendaweni ethile ngosuku oluthile izobanika izipho ezibizayo. Uma usikholelwa ngempela isithembiso saleyo ndoda, ubungakwenza yini lokho ekushoyo? Impela! Mhlawumbe ubungaze utshele abangane nomndeni wakho ukuze nabo bathole izipho. Noma kunjalo, isipho ubungeke usithole ngoba uye wenza lokho okushiwo yile ndoda. Kakade ibifuna ukukunika isipho.

 Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova bayasikholelwa isithembiso sikaNkulunkulu sokunikeza bonke labo abamlalelayo ukuphila okuphakade. (Roma 6:23) Siyazikhandla sitshela abanye ngalokho esikukholelwayo, sinethemba lokuthi bazozuza ezithembisweni zikaNkulunkulu. Kodwa asikholelwa ukuthi sizothola insindiso ngokwenza inkonzo yethu. (Roma 1:17; 3:28) Ngempela, akekho umuntu ongakwenza konke okulindelekile ukuze athole lesi sipho sikaNkulunkulu esimangalisa kangaka. “Wasisindisa ngenxa yesihe sakhe, hhayi ngenxa yezinto ezinhle esizenzile.”—Thithu 3:5, Contemporary English Version.