Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Ngaqala Ukucabangisisa Ngokuthi Ukuphila Kwami Kuphokophelephi”

“Ngaqala Ukucabangisisa Ngokuthi Ukuphila Kwami Kuphokophelephi”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1941

  • IZWE AZALELWA KULO: I-AUSTRALIA

  • UMLANDO: WAYEBHEMA FUTHI EDAKWA

UKUPHILA KWAMI:

Ngakhulela eWarialda, idolobha elincane elisemaphandleni eNew South Wales. IWarialda iwumphakathi wabafuyi bezimvu, izinkomo, nabalimi bokusanhlamvu nemifino. Lihlanzekile leli dolobha futhi abandile ubugebengu.

Njengoba ngingowokuqala ezinganeni eziyishumi, lapho ngineminyaka engu-13 ngaqala ukusebenza ukuze ngisize ekondleni umndeni wakithi. Ngenxa yokuthi ngangingafunde kuyaphi, ngangisebenza emapulazini. Lapho ngineminyaka engu-15, ngangisebenza njengomnakekeli wezilwane, ngibamba amahhashi asendle ngiwenze afuywayo.

Ukusebenza emapulazini kwakunezinzuzo ezithile. Ngangiwujabulela ngempela umsebenzi ngijabulela nendawo. Ngangihlala ngothe umlilo ebusuku ngibuke inyanga nesibhakabhaka esinezinkanyezi njengoba kuheleza umoya opholile wasebusuku onephunga elimnandi lasehlathini. Ngikhumbula ngicabanga ukuthi kumelwe ukuba kunoMuntu owadala zonke lezo zinto ezinhle. Ngakolunye uhlangothi, kwakunamathonya ayingozi emapulazini. Ngangivame ukuzwa abantu bethuka inhlamba futhi ngangiwuthola kalula ugwayi. Ngokushesha ukubhema nokuthuka inhlamba kwaba yingxenye evamile yokuphila kwami.

Lapho sengineminyaka engu-18, ngathuthela eSydney. Ngazama ukujoyina ebusosheni kodwa angithathwanga ngenxa yokuthi ngangingafundile. Ngathola umsebenzi futhi ngahlala eSydney unyaka wonke. Kwakuphakathi nalesi sikhathi lapho ngahlangana khona okokuqala noFakazi BakaJehova. Ngamukela isimemo sokuba khona kweminye yemihlangano yabo, futhi kungakabiphi ngabona ukuthi izimfundiso zabo zinenhlansi yeqiniso.

Nokho, ngokushesha ngemva kwalokho nganquma ukubuyela emaphandleni. Ngagcina sengiseGoondiwindi, eQueensland. Ngathola umsebenzi, ngashada, okubi ukuthi ngabe sengiqala nokuphuza utshwala.

Mina nomkami saba nezingane ezimbili. Ngemva kokuzalwa kwabafana bami, ngaqala ukucabangisisa ngokuthi ukuphila  kwami kuphokophelephi. Ngakhumbula lokho engangikuzwe emhlanganweni woFakazi eSydney, ngabe senginquma ukwenza okuthile ngakho.

Ngathola INqabayokulinda endala, eyayinekheli lehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lase-Australia. Ngabhala ngicela usizo. Igatsha lathumela uFakazi onomusa nothando ukuba angivakashele. Akapholisanga maseko, wabe esefunda nami iBhayibheli.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Njengoba ngitadisha iBhayibheli, ngabona ukuthi kudingeka ngenze ushintsho olukhulu ekuphileni kwami. Incwadi yeBhayibheli eyangithinta kakhulu eyesi-2 Korinte 7:1. Leli vesi lisikhuthaza ukuba “sizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama.”

Nganquma ukuyeka ukubhema nokudakwa. Kwakungelula ukwenza lolu shintsho ngoba kwase kuyisikhathi eside ngenza lezi zinto. Kodwa ngangizimisele ukuphila ngendlela ejabulisa uNkulunkulu. Usizo olukhulu ngaluthola ngokusebenzisa isimiso esilotshwe kwabaseRoma 12:2: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu.” Ngabona ukuthi ukuze ngishintshe imikhuba yami, kudingeka ngishintshe indlela engicabanga ngayo ukuze ngibone imikhuba yami ngendlela uNkulunkulu ayibona ngayo—njengeyingozi. Ngosizo lwakhe, ngaphumelela ukuyeka ukubhema nokudakwa.

“Ngabona ukuthi ukuze ngishintshe imikhuba yami, kudingeka ngishintshe indlela engicabanga ngayo”

Nokho, okwakuyinselele kakhulu kwaba ukuyeka ukuthuka inhlamba. Ngangisazi iseluleko seBhayibheli esilotshwe kweyabase-Efesu 4:29: “Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu.” Noma kunjalo, kwangithatha isikhathi ukuyeka inhlamba. Ngakuthola kusiza ukuzindla ngamazwi ka-Isaya 40:26. Lisho lokhu leli vesi ngokuphathelene nesibhakabhaka esigcwele izinkanyezi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone. Ngubani odale lezi zinto? YiLowo okhipha ibutho lazo ngisho nangesibalo, zonke azibize ngisho nangamagama. Ngenxa yobuningi bamandla ashukumisayo, kwazise futhi unamandla amakhulu, ayikho neyodwa kuzo entulekayo.” Ngazitshela ukuthi uma uNkulunkulu enamandla okudala indawo yonke—engangithanda ukuyibuka—ngokuqinisekile anganginika amandla okwenza ushintsho ukuze ngimjabulise. Ngokuthandaza njalo nangokwenza umzamo, kancane kancane ngakwazi ukulawula ulimi lwami.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Njengomnakekeli wemfuyo, ngangingalitholi njalo ithuba lokukhuluma nabantu ngenxa yokuthi babembalwa abantu emapulazini engangisebenza kuwo. Nokho, ngokuqeqeshwa okutholakala emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, ngafunda indlela yokukhuluma nabantu. Phakathi kwezinye izinto, lokho kuqeqeshwa kwangenza ngakwazi ukukhuluma nabanye ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 6:9, 10; 24:14.

Kule minyaka embalwa edlule, ngijabulele ukukhonza njengomdala ebandleni. Ngikubheka njengelungelo ukwenza noma yini engingayenza ukuze ngisize labo engikholwa nabo. Nokho, isibusiso sami esikhulu ukuba munye ekukhulekeleni uJehova nomkami othembekile futhi onothando nezingane zethu ezinhle.

Ngiyambonga uJehova ngokungivumela—nakuba ngingafundile—ukuba ngifundiswe nguye. (Isaya 54:13) Ngivumelana ngokuphelele namazwi ezAga 10:22, athi: “Isibusiso sikaJehova—yiso esicebisayo.” Mina nomndeni wami sibheke phambili ekufundeni okuningi ngoJehova nasekumkhonzeni kuze kube phakade.