Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazinikela Ngokuzithandela​—EMadagascar

Bazinikela Ngokuzithandela​—EMadagascar

USylviana udade oyiphayona owevile eminyakeni engu-20 uthi: “Lapho ngilalele izinto ezenzeke kubangane bami ababekhonza ezindaweni lapho kunesidingo esikhulu samaphayona, ngangikulangazelela ukunambitha ubumnandi ababuzwayo kodwa ngangesaba ukuthi ukusiza lapho kunesidingo esikhulu khona kungaphezu kwamandla ami.”

Ingabe nawe uzizwa ngendlela efana nekaSylviana? Uke ukufise yini ukukhonza endaweni enesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso kodwa ukhathazeke ngokuthi uyoke ukwenze yini lokho? Uma kunjalo, ungadikibali! UJehova uzokusiza, abafowethu nodadewethu abaningi baye bazinqoba izingqinamba ezenza bangakwazi ukwandisa inkonzo yabo. Sizovakashela eMadagascar, isiqhingi esingesesine ngobukhulu emhlabeni, ukuze sithole indlela uJehova aye wasiza ngayo abanye babo.

Eminyakeni eyishumi edlule, abamemezeli abashisekayo abangaphezu kuka-70 namaphayona asuka emazweni angu-11 * beza ukuzokhonza kule nsimu ethelayo ese-Africa, enabantu abaningi abahlonipha iBhayibheli. Ngokufanayo, abamemezeli abaningi basendaweni baye bathuthela kwezinye izindawo ukuze kushunyayelwe kuso sonke lesi siqhingi esikhulu. Ake sixoxe ngabanye babo.

UKUNQOBA UKWESABA NOKUDIKIBALA

UPerrine noLouis

Indoda nomkayo uLouis noPerrine abaneminyaka engaba ngu-30 ubudala, basuka eFrance bathuthela eMadagascar. Sekube iminyaka eminingi becabanga ngokwandisa inkonzo yabo ngokuthi baye kwelinye izwe kepha uPerrine wayengabaza. UPerrine uyachaza: “Ngangikwesaba ukuya endaweni engingayazi. Ngangesaba ukushiya umndeni wakithi, ibandla, indawo yethu yokuhlala, izindawo esizijwayele nendlela yethu yokuphila. Ngempela, ukukhathazeka kwami kwakuyinto enkulu okwakumelwe ngiyinqobe.” Ngo-2012, uPerrine waqunga isibindi, yena noLouis bathutha. Uzizwa kanjani manje ngesinqumo abasenza? ULouis uthi: “Uma ngibheka emuva ngingathi kuye kwaqinisa ukholo ukubona isandla sikaJehova sisebenza ekuphileni kwethu. Cabanga nje, abayishumi kwesasifunda nabo iBhayibheli beza esikhumbuzweni sokufa kukaJesu esaba ngesokuqala siseMadagascar!”

Yini eyasiza uLouis noPerrine bahlala esabelweni sabo lapho beba nezinkinga? Bathandaza kuJehova bamcela ukuba abaphe amandla okukhuthazela. (Fil. 4:13) ULouis uyachaza: “Sezwa ukuthi uJehova wayiphendula imithandazo yethu futhi wasipha ‘ukuthula kukaNkulunkulu.’ Sakwazi ukugxila enjabulweni esasiyithola enkonzweni. Abangane bethu basekhaya basithumelela ama-email nezincwadi ukuze basikhuthaze singayeki.”—Fil. 4:6, 7; 2 Kor. 4:7.

UJehova wakuvuza ukukhuthazela okwaboniswa uLouis noPerrine. ULouis uthi: “Ngo-Okthoba 2014, saya eSikoleni SeBhayibheli SemiBhangqwana EngamaKristu * eFrance. Ukuba kuleso sikole kwaba yisipho esingasoze sasikhohlwa esivela kuJehova.” Ngemva kokuphothula, bajabula lapho bephinda babelwa eMadagascar.

“SIZOZIQHENYA NGANI!”

UNadine noDidier

Ngesikhathi uDidier noNadine besuka eFrance bethuthela eMadagascar ngo-2010, babeneminyaka engaphezu kwengu-50. UDidier uyachaza, uthi: “Sasiphayona lapho sisebasha sabe sesikhulusa izingane ezintathu. Lapho sezikhulile sacabangela ukuyokhonza kwelinye izwe.” UNadine uyavuma: “Ukucabanga ngokushiya izingane zethu kwakungenza ngingabaze, kodwa zathi: ‘Uma niyokhonza kwelinye izwe elinesidingo sabamemezeli, sizoziqhenya ngani!’ Amazwi azo asenza sathutha. Nakuba manje sihlala kude nazo, siyakwazi ukuxoxa nazo njalo.”

Kwakuyinselele ukufunda ulimi lwesiMalagasy kuDidier noNadine. UNadine emomotheka uthi: “Sesibadala manje.” Baphumelela kanjani? Okokuqala, bahlanganyela nebandla elikhuluma ulimi lwesiFrench. Kamuva, lapho sebekulungele ukufunda ulimi lwendawo bathuthela ebandleni elikhuluma isiMalagasy. UNadine uthi: “Abantu abaningi esibathola lapho sishumayela bayakuthanda ukufunda iBhayibheli. Bavame ukusibonga ngokubavakashela. Ekuqaleni, ngangithi ngiyaphupha. Ngiyakuthanda ukuphayona kule nsimu. Lapho ngivuka ekuseni ngiye ngithi, ‘Kwaze kwamnandi ngiyoshumayela namuhla!’”

UDidier uyamomotheka njengoba ekhumbula isikhathi lapho eqala ukufunda isiMalagasy. Uthi: “Ngangiqhuba umhlangano webandla kodwa ngangingaziqondi izimpendulo ezazinikezwa abafowethu nodadewethu. Engangikusho nje ukuthi: ‘Siyabonga.’ Ngemva kokubonga udade othile ngempendulo yakhe, ababehleli ngemuva kwakhe baqala ukungixwayisa ngezimpawu ukuthi wayengaphendulanga kahle. Ngokushesha ngabe sengikhomba umzalwane engithemba ukuthi wanikeza impendulo efanele.”

WASAMUKELA ISIMEMO

Emhlanganweni wango-2005, uThierry nomkakhe uNadia, babukela idrama ethi “Phishekela Imigomo Edumisa UNkulunkulu.” Leyo drama ekhuluma ngoThimothewu yathinta izinhliziyo zabo futhi yajulisa isifiso sokukhonza lapho kunesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. UThierry uthi: “Ekupheleni kwedrama besashaya ihlombe ngancika kumkami ngase ngimbuza ukuthi: ‘Sizoya kuphi?’ Nomkami wathi ubecabanga ngento efanayo.” Ngokushesha ngemva kwalokho, baqala ukwenza izinto ezazizobasiza bafinyelele umgomo wabo. UNadia uyachaza: “Saqala ukunciphisa kancane kancane izinto esasinazo kwaze kwaba yilapho sezinela emapotimendeni amane!”

Kwesobunxele: UNadia noMarie-Madeleine; Kwesokudla: UThierry

Bafika eMadagascar ngo-2006 futhi bayijabulela inkonzo yabo zisuka nje. UNadia uthi: “Abantu esibashumayezayo basenza sijabule.”

Nokho, ngemva kweminyaka engu-6 uThierry noNadia babhekana nenselele. UMarie-Madeleine, umama kaNadia, ohlala eFrance wawa waphuka ingalo walimala nasekhanda. Ngemva kokuba uThierry noNadia bexhumane nodokotela kaMarie-Madeleine, bacela umama wabo ukuba eze eMadagascar azohlala nabo. Nakuba ayeneminyaka engu-80 ubudala, wasamukela isicelo sabo. Uzizwa kanjani manje njengoba esehlala kwelinye izwe? Uthi: “Ngezinye izikhathi kunzima ukuzivumelanisa nezimo kodwa nakuba ngingakwazi ukwenza zonke izinto, ngizizwa ngiwusizo ebandleni. Okungenza ngijabule ngempela ukuthi le ndlela yokuphila ivumela izingane zami ukuba ziqhubeke nenkonzo yazo lapha.”

“NGAMBONA UJEHOVA ENGISIZA”

URiana ubeka inkulumo ngolimi lwesiTandroy

URiana umzalwane osanda kweva eminyakeni engu-20. Wakhulela e-Alaotra Mangoro endaweni evundile empumalanga yeMadagascar. Waphumelela kahle esikoleni futhi wayefuna ukuphishekela imfundo. Nokho, ngemva kokutadisha iBhayibheli wanquma ukwenza okuhlukile. Uyachaza: “Ngalwela ukusheshe ngiqede isikole futhi ngathembisa uJehova ukuthi: ‘Uma ngiphumelele isivivinyo sami sokugcina ngizoqala ukuphayona.’” Ngemva kokuphothula, uRiana wasigcina isithembiso sakhe. Wathutha wayohlala nomzalwane oyiphayona, wathola umsebenzi wesikhashana futhi waqala ukuphayona. Uthi: “Leso kwakuyisinqumo esihle kakhulu engake ngasenza.”

Noma kunjalo, izihlobo zikaRiana azizange ziqonde ukuthi kungani engazange afune umsebenzi okhokhela kahle. Uyachaza: “Ubaba, ubaba omncane nogogo bonke bangikhuthaza ukuba ngiye eyunivesithi. Nokho, angifunanga ukuyeka ukuphayona ngenxa yanoma yini.” Kungekudala uRiana wafuna ukuyokhonza lapho kunesidingo esikhulu sezisebenzi. Yini eyamenza waba naleso sifiso? Uyachaza: “Kwangena izigebengu endlini yethu futhi zeba izinto zami eziningi. Lokho kugqekezelwa kwangenza ngakhumbula amazwi kaJesu mayelana ‘nokuzibekelela ingcebo emazulwini.’ Nganquma ukusebenza kanzima ngiqongelela ingcebo engokomoya.” (Math. 6:19, 20) Wathuthela engxenyeni enesomiso eseningizimu yalelo zwe eqhele ngamakhilomitha angu-1 300 ukusuka lapho ayehlala khona. Kule ndawo kuhlala abantu abangama-Antandroy. Kungani aya lapho?

Kusasele inyanga eyodwa ngaphambi kokugqekezelwa, uRiana wayeqalise ukufunda iBhayibheli namadoda amabili angama-Antandroy. Wafunda ukusho izinto ezithile ngolimi lwabo futhi wacabanga ngabantu abaningi abangama-Antandroy abangakasitholi isigijimi soMbuso. Uthi: “Ngathandaza kuJehova ukuba angisize ngithuthele endaweni okukhulunywa kuyo isiTandroy.”

URiana wathutha futhi ngokushesha wabhekana nobunzima. Wayengakwazi ukuthola umsebenzi. Enye indoda yathi kuye: “Uzeleni lapha? Ukuze abantu bathole umsebenzi baya lapho obuya khona!” Ngemva kwamasonto amabili, uRiana wahamba waya emhlanganweni wesifunda engenamali, ezibuza ukuthi uzokwenzenjani. Ngosuku lokugcina emhlanganweni, umzalwane wafaka okuthile ebhantshini likaRiana. Kwakuyimali eningi ngokwanele ukuba abuyele e-Antandroy futhi akwazi ukuqala ibhizinisi lokudayisa i-yogurt. URiana uthi: “Ngambona uJehova engisiza ngesikhathi esifanele. Manje ngangingaqhubeka nokusiza labo abebengakalitholi ithuba lokufunda ngoJehova!” Kwakunomsebenzi omningi nasebandleni. URiana uyanezela: “Ngangabelwe ukunikeza inkulumo yeningi njalo ngemva kwesonto. Wayengiqeqesha uJehova ngenhlangano yakhe.” Namuhla, uRiana usashumayela izindaba zoMbuso kubantu abakhuluma isiTandroy abafuna ukufunda ngoJehova.

“UKUBUSISWA UNKULUNKULU WEQINISO”

UJehova usiqinisekisa ngokuthi “wonke umuntu ozibusisayo emhlabeni uyozibusisa ngoNkulunkulu wokholo.” (Isaya 65:16) Lapho sisebenza kanzima ukuze sandise inkonzo yethu, siyasithola isibusiso sikaJehova. Cabanga ngoSylviana, esixoxe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko. Khumbula, wayesaba ukuthi ukuya lapho kunesidingo khona kungaphezu kwamandla akhe. Yini eyayimenza acabange kanjalo? Uyachaza: “Umlenze wami okwesobunxele mfishane ngamasentimitha angu-9 kunomlenze okwesokudla. Ngakho ngiyaxhunga okwenza ngisheshe ngikhathale.”

USylviana (kwesobunxele) noSylvie Ann (kwesokudla) benoDoratine ngosuku abhapathizwa ngalo

Noma kunjalo, ngo-2014 uSylviana noSylvie Ann udade osemusha oyiphayona ayekhonza naye ebandleni bathutha baya edolobhaneni elincane eliqhele ngamakhilomitha angu-85. Naphezu kwezingqinamba, iphupho likaSylviana lafezeka, yeka isibusiso esihle asitholile! USylviana uthi: “Ngemva konyaka ngikhonza esabelweni sami esisha, uDoratine ongumama osemusha engangifunda naye iBhayibheli, wabhapathizwa emhlanganweni wesigodi.”

“NGIZOKUSIZA”

Njengoba sibona kulezi zibonelo, lapho silwela ukwandisa inkonzo yethu, sizibonela thina ngokwethu iqiniso lokuthi uJehova uyasigcwalisa isithembiso sakhe asenza ezincekwini zakhe esithi: “Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.” (Isaya 41:10) Ngenxa yalokho, ubuhlobo bethu noJehova buyaqina. Ngaphezu kwalokho, ukuzinikela ngokuzithandela endaweni esihlala kuyo noma kwelinye izwe, kusilungiselela imisebenzi esizoyithola ezweni elisha. Yilokho okushiwo uDidier okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Ukukhonza lapho kunesidingo esikhulu khona kungukuziqeqeshela ikusasa.” Kwangathi abaningi abafisayo bangaqala lokho kuziqeqesha ngokushesha!

^ isig. 4 La maphayona ayevela eCanada, eCzech Republic, eFrance, eJalimane, eGuadeloupe, eLuxembourg, eNew Caledonia, eSweden, eSwitzerland, e-United Kingdom, naseMelika.

^ isig. 8 Manje esesithathelwe indawo iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Izikhonzi zesikhathi esigcwele ezikhonza kwamanye amazwe ezihlangabezana nezimfuneko, zingafaka isicelo ukuze ziye esikoleni emazweni ezidabuka kuwo noma ezweni lapho kukhulunywa khona ulimi lwazo.