Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazinikela Ngokuzithandela

Bazinikela Ngokuzithandela

PHAKATHI koFakazi abashisekayo abakhonza emazweni anesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso, kukhona odade abaningana abangashadile. Abanye babo sebekhonze kwamanye amazwe amashumi eminyaka. Yini eyabasiza banquma ukuthuthela kwelinye izwe? Yini abayifundile ekukhonzeni kwelinye izwe? Ukuphila kwabo kuye kwaba njani? Siye saxoxa nabanye balabo dade abangomakad’ ebona. Uma ungudade ongashadile onesifiso esijulile sokuhlanganyela enkonzweni eyanelisa ngokugcwele, siyaqiniseka ukuthi uzozuza kulokhu abakushoyo. Empeleni, bonke abantu bakaNkulunkulu bangazuza ngokuhlola izibonelo zabo.

UKUNQOBA UKUNGABAZA

U-Anita

Ingabe uyazibuza ukuthi ungakwazi yini ngempela ukuphayona ngokuphumelelayo njengodade ongashadile kwelinye izwe? U-Anita, manje owevile eminyakeni engu-70, wayewangabaza kakhulu amakhono akhe. Wakhulela eNgilandi lapho aqala khona ukuphayona eneminyaka engu-18 ubudala. Uthi, “Ngangikuthanda ukufundisa abantu ngoJehova, kodwa ngangingakaze ngizicabange ngikhonza kwelinye izwe. Alukho ulimi lwakwelinye izwe engangilwazi futhi ngangiqiniseka ngokuthi alukho engiyoke ngikwazi ukulukhuluma kahle. Ngakho lapho ngithola isimemo sokuya eSikoleni SaseGileyadi, ngavele ngashaqeka. Kwangimangaza ukuthi umuntu ongelutho njengami angathola isimemo esinjalo! Kodwa ngazitshela ukuthi, ‘Uma uJehova ecabanga ukuthi ngingakwenza, ngizozama.’ Lokho kwenzeka eminyakeni engu-50 edlule. Kusukela ngaleso sikhathi, bengilokhu ngikhonza njengesithunywa sevangeli eJapane.U-Anita uyenezela: “Ngezinye izikhathi, ngimomotheka, ngiye ngitshele odade abasebasha, ‘Thatha umgodla wakho, uhlanganyele nami emsebenzini ojabulisayo!’ Kuyangijabulisa ukusho ukuthi abaningi baye bakwenza lokho.”

UKUQUNGA ISIBINDI

Odade abaningi abaye bakhonza kwamanye amazwe, ekuqaleni bebe mathinta nyawo ngokuthuthela kwelinye izwe. Basiqunga kanjani isibindi ababesidinga?

UMaureen

“Ngesikhathi ngisakhula, ngangifisa ukuphila okunenjongo okuzosiza abanye,” kuchaza uMaureen, manje owevile eminyakeni engu-60. Lapho eba neminyaka engu-20 ubudala, wathuthela eQuebec, eCanada endaweni eyayinesidingo esikhulu samaphayona. Uthi: “Ngokuhamba kwesikhathi, ngathola isimemo sokuya eSikoleni SaseGileyadi, kodwa ngangesaba ukuya endaweni engangingazi muntu kuyo. Kwakungikhathaza nokushiya umama okwakudingeka anekekele ubaba owayegula. Ngachitha ubusuku obuningi, amehlo egcwele izinyembezi, nginxusa uJehova. Lapho ngikhuluma nabazali bami ngezinto ezazingikhathaza, bangikhuthaza ukuba ngisamukele isimemo. Ngabona nendlela ibandla elabasekela ngayo ngothando abazali bami. Ukubona indlela uJehova anakekela ngayo kwangisiza ngaqiniseka ngokuthi uzonginakekela nami. Ngaleso sikhathi, ngase ngikulungele ukuhamba!” Kusukela ngo-1979, uMaureen wakhonza iminyaka engaphezu kwengu-30 njengesithunywa sevangeli eNtshonalanga Afrika. Manje njengoba enakekela umama wakhe eCanada, uMaureen usaqhubeka ekhonza njengephayona elikhethekile. Uma ecabanga ngeminyaka ayichitha ekhonza kwelinye izwe, uthi: “UJehova wayehlale enginika engangikudinga ngesikhathi engangikudinga ngaso.”

UWendy

UWendy, manje owevile eminyakeni engu-60 waqala ukuphayona esemusha e-Australia. Uyakhumbula: “Nganginamahloni, ngizenyeza futhi ngikuthola kunzima ukukhuluma nabantu engingabazi. Kodwa ukuphayona kwangifundisa ukuxoxa nazo zonke izinhlobo zabantu, okwenza ngazethemba. Kamuva, ngaqaphela ukuthi angisakwesabi ukukhuluma nabantu. Ukuphayona kwakungifundisa ukuncika kuJehova futhi ngaqala ukuba nesifiso sokukhonza kwelinye izwe. Ngacelwa udade ongashadile owayesekhonze njengesithunywa sevangeli eJapane iminyaka engaphezu kwengu-30 ukuba ngithathe iholide lezinyanga ezintathu ngiyoshumayela naye kulelo zwe. Ukusebenza naye kwakhulisa isifiso sami sokuthuthela kwelinye izwe.” Maphakathi nawo-1980, uWendy wathuthela eVanuatu, isiqhingi esiqhele ngamakhilomitha angu-1 770 empumalanga ye-Australia.

Namanje uWendy usakhonza eVanuatu, ehhovisi lokuhumusha. Uthi: “Ukubona amaqembu namabandla emiswa ezindaweni ezicezile kungijabulisa kakhulu. Ukufeza ingxenye encane emsebenzini kaJehova kulezi ziqhingi kuyilungelo elingenakuqhathaniswa nalutho.”

UKumiko (phakathi nendawo)

UKumiko, manje owevile eminyakeni engu-60, ubekhonza njengephayona elivamile eJapane lapho umuntu aphayona naye esikisela ukuba bathuthele eNepal. Uthi: “Wangicela ngokuphindaphindiwe kodwa ngangilokhu ngenqaba. Kwakungikhathaza ukucabanga ngokufunda ulimi olusha nokujwayela indawo etsha. Ngangingenayo imali eyanele yokuthuthela kwelinye izwe. Njengoba ngangisazama ukwenza isinqumo, ngaba sengozini yesithuthuthu futhi ngayiswa esibhedlela. Ngilapho, ngacabanga: ‘Ikusasa alaziwa. Ngingavele ngigule kakhulu bese ngilahlekelwa ithuba lokuphayona phesheya. Ngeke ngikwazi yini ukukhonza kwelinye izwe okungenani unyaka owodwa?’ Ngathandaza ngobuqotho kuJehova ukuba angisize ngithathe isinyathelo.” Ngemva kokuphuma esibhedlela, uKumiko wavakashela eNepal futhi kamuva yena naphayona naye bathuthela kulelo zwe.

Ecabanga ngeminyaka ecishe ibe yishumi ekhonza eNepal, uKumiko uthi: “Izinkinga ezazingikhathaza zavele zaphela. Kuyangijabulisa ukuthi ngakhetha ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Ngokuvamile lapho ngixoxa nomndeni owodwa ngesigijimi seBhayibheli kuye kufike omakhelwane abahlanu noma abayisithupha bezolalela. Ngisho nezingane ezincane zicela ngenhlonipho amapheshana akhuluma ngeBhayibheli. Kujabulisa ngempela ukushumayela kule nsimu ethelayo.”

UKUBHEKANA NEZINSELELE

Akusimangazi ukuthi odade abangashadile abanesibindi esixoxe nabo baye bahlushwa izinselele. Babhekana kanjani nazo?

UDiane

UDiane ongowokuzalwa eCanada uthi: “Ekuqaleni, ngangikuthola kunzima ukuba kude kangaka nomndeni wakithi.” Manje njengoba esanda kweva eminyakeni engu-60, usekhonze njengesithunywa sevangeli e-Ivory Coast (manje ebizwa ngokuthi i-Côte d’Ivoire) iminyaka engu-20. Uthi: “Ngacela uJehova ukuba angisize ngithande abantu abasensimini engishumayela kuyo. Omunye wabafowethu ababesifundisa eGileyadi, uJack Redford, wachaza ukuthi ekuqaleni singase siphazamiseke size ngisho sishaqeke lapho sibona izimo zokuphila zendawo esishumayela kuyo ikakhulukazi ubumpofu. Kodwa wathi: ‘Ungabheki ubumpofu. Bheka abantu, ubuke ubuso namehlo abo. Buka indlela abasabela ngayo lapho bezwa amaqiniso eBhayibheli.’ Yilokho engakwenza futhi yeka izibusiso engazithola! Lapho ngikhuluma nabantu ngesigijimi soMbuso esiduduzayo, ngiye ngibone amehlo abo egcwala injabulo!” Yini enye eyasiza uDiane wajwayela ukukhonza kwelinye izwe? Uthi: “Ngasondelana nabantu engangibafundela iBhayibheli futhi ngathola injabulo enkulu lapho ngibabona beba izinceku zikaJehova ezithembekile. Isabelo sami saba ikhaya lami. Ngathola omama nobaba, abafowethu nodadewethu, njengoba uJesu athembisa.”—Marku 10:29, 30.

U-Anne, manje owevile eminyakeni engu-40, ukhonza e-Asia ezweni umsebenzi wethu obekelwe imingcele kulo. Uyachaza: “Njengoba bengilokhu ngikhonza emazweni ahlukahlukene, ngiye ngahlala nodade abanezizinda ezihlukahlukene nobuntu obuhlukile ngokuphelele kobami. Ngezinye izikhathi lokho kwakubangela ukungaqondani nokuzwisana ubuhlungu. Lapho lokho kwenzeka, bengiye ngizame ukusondelana nengihlala nabo, ngizame ukuqonda isiko labo kangcono. Ngangenza umzamo owengeziwe wokuba nothando futhi ngibacabangele. Kuyangijabulisa ukuthi leyo mizamo yaba nemiphumela emihle, sakwazi ukwakha ubungane obuhlala njalo futhi yangisiza ngakhuthazela esabelweni sami.”

U-Ute

Ngo-1993, u-Ute, ongowokuzalwa eJalimane, manje oneminyaka engaba ngu-50, wabelwa ukuba ayokhonza njengesithunywa sevangeli eMadagascar. Uyachaza: “Ekuqaleni kwakunzima ukufunda ulimi lwendawo, ukujwayela isimo sezulu esifudumele nokuphila endaweni enenkinga ye-malaria, i-amoebas nezinambuzane ezimunca igazi. Kodwa ngathola usizo. Odade basebandleni, izingane zabo kanye nabantu engangibafundela iBhayibheli, ngesineke bangisiza ngalwazi kahle ulimi. Engangiphayona naye wayenginakekela ngothando lapho ngigula. Kodwa ngaphezu kwakho konke, uJehova wangisiza. Ngangithandaza njalo ngokusuka enhliziyweni ngimchazele izinto ezingikhathazayo. Ngemva kwalokho ngangilinda ngesineke—ngezinye izikhathi izinsuku eziningi ngezinye izikhathi kuphele izinyanga—ukuba imithandazo yami iphendulwe. UJehova wazilungisa zonke izinkinga.” U-Ute usekhonze eMadagascar iminyaka engu-23.

UKUTHOLA ISIBUSISO ESICEBILE

Njengabanye abakhonza lapho kunendingeko enkulu khona, odade abangashadile abakhonza kwamanye amazwe ngokuvamile bayasho ukuthi ukukhonza kwelinye izwe kucebise ukuphila kwabo. Yiziphi ezinye zezibusiso abaye bazithola?

UHeidi

UHeidi, ongowokuzalwa eJalimane, osanda kweva eminyakeni engu-70 ubelokhu ekhonza njengesithunywa sevangeli e-Ivory Coast (manje ebizwa ngokuthi i-Côte d’Ivoire) kusukela ngo-1968. Uthi: “Okungilethela injabulo enkulu, ukubona izingane zami ezingokomoya ‘ziqhubeka zihamba eqinisweni.’ Abanye balabo engangibafundela manje bayaphayona futhi bangabadala ebandleni. Abaningi babo bangibiza ngokuthi Mama noma Gogo. Omunye walabo badala nomkakhe nezingane zabo bangibheka njengelungu lomndeni wabo. Ngakho uJehova unginike indodana, umalokazana nabazukulu abathathu.”—3 Joh. 4.

UKaren (phakathi nendawo)

UKaren ongowokuzalwa eCanada, oneminyaka engaba ngu-70, wakhonza iminyaka engaphezu kwengu-20 eNtshonalanga Afrika. Uthi: “Ukuphila njengesithunywa sevangeli kwangifundisa ukuzidela kakhudlwana, ukuba nothando nesineke. Ukusebenza nabantu abavela emazweni ahlukahlukene kwasabalalisa umbono wami. Ngafunda ukuthi kunezindlela ezihlukahlukene zokwenza izinto. Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani manje ukuba nabangane engibathandayo kuwo wonke umhlaba! Ngisho noma ukuphila nezabelo zethu kuye kwashintsha, kodwa ubungane bethu buqhubeka njalo.”

UMargaret, ongowokuzwala eNgilandi manje ocela eminyakeni engu-80, wakhonza njengesithunywa sevangeli eLaos. Uyachaza: “Ukukhonza kwelinye izwe kwangenza ngazibonela indlela uJehova adonsela ngayo abantu bazo zonke izinhlanga nezizinda enhlanganweni yakhe. Lokho kwaluqinisa kakhulu ukholo lwami. Kungenza ngiqiniseke ngokuphelele ukuthi uJehova uqondisa inhlangano yakhe futhi injongo yakhe izofezeka.”

Ngempela, odade abangashadile abakhonza kwamanye amazwe baye bazakhela igama elihle enkonzweni yobuKristu. Bayakufanelekela ukunconywa. (AbaHl. 11:40) Ngaphezu kwalokho, inani labo liqhubeka landa. (IHu. 68:11) Ungakwazi yini ukuhlela izimo zakho ukuze ulingise isibonelo sodade abashisekayo okuxoxwe nabo kulesi sihloko? Uma ungakwazi, ngokungangabazeki ‘uyonambitha ubone ukuthi uJehova muhle.’—IHu. 34:8.