Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

U-Alisa

Bazinikela Ngokuzithandela —ETurkey

Bazinikela Ngokuzithandela —ETurkey

AMAKRISTU ekhulu lokuqala ayezikhandla ukuze afinyelele abantu abaningi ‘ngezindaba ezinhle zoMbuso.’ (Math. 24:14) Amanye ayeze aye ngisho nakwamanye amazwe. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu waya ezweni manje elibizwa ngokuthi iTurkey, washumayela ngokuzikhandla khona ohambweni lwakhe lwezithunywa zevangeli. * Ngo-2014, ngemva kweminyaka engaba ngu-2 000, iTurkey yaphinde yaba nomkhankaso okhethekile wokushumayela. Wawenziwelani lo mkhankaso? Obani ababekuwo?

“KWENZEKENI LA?”

Kunabamemezeli abangaphezu kuka-2 800 eTurkey, nokho izwe linabantu abayizigidi ezingu-79. Lokhu kusho ukuthi eTurkey ummemezeli oyedwa kufanele ashumayeze abantu abangu-28 000 inyanga ngayinye. Njengoba ungase ucabange, bancane kakhulu abantu asebekwazile ukubashumayeza kuleli zwe. Ngakho, injongo yalo mkhankaso kwakuwukushumayeza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ngesikhathi esincane. Babalelwa ku-550 abafowethu nodadewethu abakhuluma ulimi lwaseTurkey, abasuka emazweni abo baya koshumayela nabafowabo kulo mkhankaso. Kungakanani okwafezwa?

Kwanikezwa ubufakazi ezindaweni eziningi. Elinye ibandla lase-Istanbul labhala: “Lapho abantu besibona, babesibuza: ‘Kunomhlangano okhethekile yini la? Sibona kukhona oFakazi BakaJehova yonke indawo!’” Nelinye ibandla lasedolobheni lase-Izmir labhala: “Indoda ethile esebenza esitobhini samatekisi yeza komunye umdala wasendaweni, yabuza: ‘Kwenzekeni la? Usumkhulu yini umsebenzi wenu wokushumayela?’” Abantu babewuqaphela ngempela lo mkhankaso.

USteffen

Abamemezeli ababevela kwamanye amazwe nabo bakujabulela ngempela ukushumayela kulo mkhankaso. USteffen, osuka eDenmark, wathi: “Zonke izinsuku ngangihlangana nabantu ababengakaze bezwe ngoJehova. Ngangibona ngempela ukuthi ngenza igama likaJehova laziwe.” UJean-David ovela eFrance wabhala: “Kwake kwaphela ihora sishumayela emgwaqeni owodwa vó.ó. Kwakumnandi ngempela! Abantu abaningi babengazi lutho ngoFakazi BakaJehova. Cishe kuyo yonke imizi, sasikwazi ukuxoxa nothile, sibabonise i-video futhi sibashiyele nencwadi.”

UJean-David (phakathi nendawo)

Emasontweni amabili nje kuphela, abamemezeli abangu-550 bahambisa izincwadi ezingu-60 000! Ngempela kulo mkhankaso kwashunyayezwa abantu abaningi.

Yakhula intshiseko yenkonzo. Lo mkhankaso wabakhuthaza kakhulu abamemezeli bendawo. Abaningi baqala ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Eqinisweni, inani lamaphayona avamile eTurkey lanyuka ngamaphesenti angu-24, ezinyangeni ezingu-12 nje ngemva komkhankaso.

UŞirin

Labo ababesuka kwamanye amazwe, baveza indlela umkhankaso owayithinta ngayo inkonzo yabo ngisho nalapho sebebuyele emazweni abo. UŞirin, udade osuka eJalimane, wabhala: “Abafowethu baseTurkey babevele bashumayele kalula nje ngokwethukela. Lapho mina ave nginamahloni makuziwa ekushumayeleni ngokwethukela. Nokho, ungisize kakhulu lo mkhankaso kanye nezibonelo zabafowethu bendawo nemithandazo eminingi, sengiyakwazi manje ukushumayela ngokwethukela. Ngake ngashumayela futhi ngahambisa nepheshana esiteshini sezitimela! Manje angisenawo amahloni njengakuqala.”

UJohannes

UJohannes osuka eJalimane wathi: “Kunezifundo ezithile engazifunda enkonzweni yami. Abafowethu baseTurkey babefuna ngempela ukushumayeza abantu abengeziwe. Babesebenzisa wonke amathuba ababewathola. Lapho ngibuyela eJalimane ngenza okufanayo. Manje sengishumayeza abantu abaningi kunakuqala.”

UZeynep

UZeynep osuka eFrance wathi: “Lo mkhankaso wayishintsha kakhulu inkonzo yami. Ungisize ngaba nesibindi futhi ngamethemba kakhulu uJehova.”

Abamemezeli baba nobunye nakakhulu. Abantu abawuvali umlomo ngothando nobunye obabubonakala kubafowethu ababevela emazweni ahlukahlukene. UJean-David, oke wacashunwa ngenhla, wathi: “Sazibonela ngawethu ukuthi kusho ukuthini ukungenisa izihambi. Abafowethu babesamukela njengabangane babo nanjengamalungu emindeni yabo. Basivulela amakhaya abo. Ngangazi ukuthi sinobunye emhlabeni wonke; ngase ngifundile ngakho izikhathi eziningi ezincwadini zethu. Nokho kulokhu, ngazibonela mathupha. Lokhu kwangenza ngaziqhenya nakakhulu ngokuba uFakazi kaJehova futhi ngiyambonga ngokungipha leli thuba eliyingqayizivele.

UClaire (phakathi nendawo)

UClaire ovela eFrance wathi: “Sasiwumndeni owodwa, kungakhathaliseki ukuthi uvela eDenmark, eFrance, eJalimane noma eTurkey. Kwakusengathi uNkulunkulu uqede yonke imingcele yamazwe.”

UStéphanie (phakathi nendawo)

UStéphanie ovela eFrance wanezela: “Lo mkhankaso wasifundisa ukuthi into eyenza sibe nobunye akuwona amasiko noma ulimi esilukhulumayo kodwa ukuthi sonke sithanda uJehova.”

KUBE NEZINZUZO

Abanye abamemezeli abavela kwamanye amazwe babekufisa ukuthuthela eTurkey ukuze basize kulo msebenzi omkhulu wokushumayela. Abambalwa baye bathuthela khona. Siyajabula kakhulu ngalokho.

Ngokwesibonelo, kwakuneqenjana elincane labamemezeli abangu-25 kwenye indawo. Kwase kuphele iminyaka eminingi linomdala oyedwa. Cabanga nje ukuthi bajabula kanjani lapho kufika abamemezeli abangu-6 ngo-2015 abavela eJalimane naseNetherlands, bezobasiza!

UKUKHONZA LAPHO KUNENDINGEKO ENKULU KHONA

Kushintshe kanjani ukuphila kwabamemezeli asebenesikhathi bathuthela eTurkey? Yiqiniso, ukuphila ezweni elinendingeko kuba nezinkathazo, nokho kuyazuzisa kakhulu. Ake sizwe nje ukuthi abanye babo bathini:

UFederico

UFederico, umzalwane oshadile osanda kweva eminyakeni engu-40, ovela eSpain uthi: “Ukungabi nayo impahla eningi engingagxila kuyo kungenza ngizizwe ngikhululekile, kungivumela nokuthi ngikwazi ukugxila ezintweni ezibaluleke kakhulu.” Lapho ebuzwa ukuthi angabakhuthaza yini abanye ukuba bangenele lolu hlobo lwenkonzo, wathi: “Noma kanjani! Lapho uthuthela kwelinye izwe ngenjongo yokusiza abantu bazi uJehova, empeleni usuke uzibeka ezandleni zakhe. Uyambona ngempela uJehova ekunakekela kunanini ngaphambili.”

URudy

URudy, umzalwane oshadile, osecela eminyakeni engu-60, ovela eNetherlands uthi: “Kuyajabulisa ngempela ukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Ayikho into emnandi njengokushumayeza abantu abangakaze belizwe nhlobo iqiniso. Ayisaphathwa-ke eyokubabona bejabula ngenxa yokwamukela iqiniso.”

USascha

USascha, umzalwane oshadile, osanda kweva eminyakeni engu-40, ovela eJalimane, uthi: “Njalo lapho ngisensimini ngihlangana nabantu abaqala ngqá ukuzwa iqiniso. Angikwazi ukuyichaza indlela engijabula ngayo lapho ngisiza labo bantu bazi uJehova.”

U-Atsuko

U-Atsuko, udade oshadile, cishe oneminyaka engu-35, ovela eJapane uthi: “Kuqala ngangihlale ngifuna i-Armagedoni isheshe ifike. Nokho ngemva kokuthuthela eTurkey, ngiyambonga uJehova ngokusibekezelela kuze kube yimanje. Ukubona indlela uJehova aqondisa ngayo izinto, kungenza ngifune ukusondelana naye nakakhulu.”

U-Alisa, udade osanda kweva eminyakeni engu-30, ovela eRussia uthi: “Ukukhonza uJehova kulolu hlobo lwenkonzo kungisize ngabubona ubuhle bakhe.” (IHu. 34:8) Uyanezela: “UJehova akaseyena uBaba wami nje kodwa usewuMngane wami omkhulu, engilokhu ngiya ngokumazi kangcono ezimweni ezihlukahlukene. Manje ngiphila ukuphila okugcwele injabulo nezibusiso eziningi!”

‘BUKANI AMASIMU’

Abantu abaningi bathola izindaba ezinhle ngenxa yalo mkhankaso okhethekile wokushumayela eTurkey. Noma kunjalo, kusenamasimu amakhulu okungakaze kushunyayelwe kuwo. Zonke izinsuku labo abathuthela eTurkey, bahlangana nabantu abangakaze bezwe lutho ngoJehova. Ungathanda ukukhonza ensimini enjalo? Uma kunjalo, siyakukhuthaza: ‘Phakamisa amehlo akho ubone amasimu ukuthi asemhlophe alungele ukuvunwa.’ (Joh. 4:35) Ungakwazi yini ukusiza nakwezinye izindawo emhlabeni lapho amasimu ‘emhlophe elungele ukuvunwa’? Uma kunjalo, qala manje ulungiselele ukuze ufinyelele lowo mgomo. Yiqiniso elingenakuphikwa ukuthi: Ukwandisa isikhathi osichitha ekushumayeleni izindaba ezinhle “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba,” kuyokulethela izibusiso ezingenakuqhathaniswa nalutho!—IzE. 1:8.

^ isig. 2 Bheka incwajana ethi “Bona Izwe Elihle,” kk. 32-33.