Dlulela kokuphakathi

Intsha Iyabuza

Obani Abangane Bami Bangempela?

Obani Abangane Bami Bangempela?

“UCori ungifundise izinto eziningi ebengingazazi. Uma nginaye, ngiba nethuba lokwazana nabantu ebengingabazi, ngifunda ukwenza izinto futhi kuhlale kumnandi ngaso sonke isikhathi. Ukuba umngane kaCori kukushintshe ngempela ukuphila kwami!”—UTara. *

Ingabe kunzima ukukholelwa ukuthi ungaba nobungane balolu hlobo? Uma kunjalo, ungadikibali. Baningi abantu abangaba abangane bakho. Lesi sihloko sizokusiza uthole ukuthi ibaphi labo bantu.

‘NGIZUNGEZWE abantu abaningi abangaba abangane kodwa anginaye umngane.’ Yile ndlela uShayna oneminyaka engu-21, akuchaza ngayo ukuba phakathi kwabantu abaningi kodwa angabi khona ozizwa usondelene naye ngokukhethekile. Lowo muzwa ungase uvame nakakhulu kulabo ababhalise engosini yokuxhumana nabantu. “Ungase ube nenani elikhulu labantu ‘ohlwini lwakho lwabangane’ futhi ubonakale udumile, kodwa empeleni lolo hlu lube lugcwele imininingwane yokuxhumana nabantu engathi shú,” kusho uSerena, oneminyaka engu-22. *

Yikuphi okungaba ngcono kuwe—ukuba nemininingwane yokuxhumana namakhulu abantu noma ukuba nabangane bangempela abambalwa? Nakuba kokubili lokhu kunobuhle obuthile, umngane weqiniso angakusiza lapho ubhekene nezinselele futhi angakukhuthaza nokuba ube umuntu ongcono. (1 Korinte 16:17, 18) Cabanga ngalezi zici ezilandelayo ukuze unqume ukuthi ubani kubantu ojwayelene nabo okungenzeka ukuthi kakade ubonisa izimfanelo zokuba umngane weqiniso.

UMNGANE WEQINISO UNOKWETHENJELWA

“Umngane wami wayengitshela izimfihlo zakhe, futhi ngenxa yalokho nami ngacabanga ukuthi ngingamtshela ezami. Ngakho ngelinye ilanga ngamtshela ukuthi kukhona umfana engimthandayo. Kwabe ngizilayile! Wavele wayixoxela abanye leyo ndaba!”—UBeverly.

“Ngingamtshela noma yini umngane wami u-Alan, futhi ngiyazi ukuthi ngeke alokhu ekhuluma nabanye ngakho.”—UCalvin.

Imuphi kulaba abasha ababili owayenomngane weqiniso? Imuphi kubangane bakho ongazizwa ukhululekile ukumvulela isifuba? * IBhayibheli lithi “umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi.”—IzAga 17:17.

Ngezansi, bhala amagama abangane ababili obathole benokwethenjelwa.

  1. ․․․․․

  2. ․․․․․

UMNGANE WEQINISO UYAZIDELA

“Kunoma ibuphi ubungane, kunesikhathi lapho omunye eqina kunomunye. Umngane weqiniso uyakuqaphela uma ubuthakathaka abese ethatha isinyathelo ukuze akusize. Yiqiniso, naye wethemba ukuthi uyokwenza okufanayo kuye uma edinga usizo.”—UKellie.

“Lapho kushona umama, ngangisanda kuthola umngane omusha. Sasingakasondelani kangako kodwa sasihlele ukuya emshadweni sobabili. Kwaqondana ukuthi inkonzo yesikhumbuzo kamama ibe ngosuku olufanayo nolomshado. Ngamangala lapho ngibona umngane wami eze enkulumweni esikhundleni sokuya emshadweni. Ngaleso sikhathi, ngabona ukuthi wayengumngane weqiniso!”—ULena.

Yimuphi kubangane bakho obonisa umoya wokuzidela? Umngane weqiniso ‘ngeke azifunele inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.’—1 Korinte 10:24.

Ngezansi, bhala amagama abangane bakho ababili abaye babonisa ukuthi bayazidela.

  1. ․․․․․

  2. ․․․․․

UMNGANE WEQINISO UYAKUSIZA UBE UMUNTU ONGCONO

“Abanye abantu balindela ukuba ngibe qotho kubo noma ngivumelane nabo ngisho noma lokho kusho ukuyekethisa noma ukwenza into engavumelani nonembeza wami. Labo akubona abangane beqiniso.”—UNadeine.

“Udadewethu ungumngane wami omkhulu. Ungikhuthaza ukuba ngenze izinto engisuke ngimanqikanqika ukuzenza futhi uyangisiza ukuba ngixhumane ngokukhululekile nabanye. Ungitshela iqiniso ngisho noma kuyinto engingathandi ukuyizwa.”—U-Amy.

“Lapho izinto zingihambela kabi, abangane bami abaseduze babengangitotosi; babengeluleka ngobuqotho. Abanye babelindela ukuba ngize ngiziphumele kuleyo nkinga noma bazame ukungiphazamisa emizamweni engiyenzayo. Babengafuni ukukwamukela ukuthi kukhona okungahambi kahle.”—UMiki.

“Umngane wami uhlale ebona okuhle kimi ukwedlula noma ubani omunye futhi uhlale engikhuthaza ukuba ngifinyelele imigomo yami. Uma kudingeka, uba qotho kimi ngisho noma ngingakuthandi akushoyofuthi ngiyakuthanda lokho!”—U-Elaine.

Ingabe abangane bakho bayakusiza ufinyelele okungcono ongakufinyelela noma kudingeka uyekethise ezindinganisweni ophila ngazo ukuze bakwamukele? IzAga 13:20 zithi: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”

Ngezansi, bhala amagama abangane bakho ababili abakusizile waba umuntu ongcono.

  1. ․․․․․

  2. ․․․․․

Bheka amagama owabhalile kulezi zingxenye ezintathu ezingenhla. Uma kunegama lomuntu elivela kuzo zonke lezi zingxenye, nango-ke umngane weqiniso! Ngakolunye uhlangothi, uma ukuthola kunzima ukucabanga ngomuntu ohlangabezana nalezi zici ezingenhla, ungadikibali. Kungenzeka ukuthi baningi abakuzungezile abangaba abangane bangempela. Kungase nje kuthathe isikhathi esithe xaxa ukubathola. * Okwamanje, yenza konke ongakwenza ukuze ube umngane omuhle. “Ngihlale ngizama ukuba seduze nabangane bami. Uma bedinga ukwenza okuthile, ngiyabasiza. Uma bedinga umuntu abazokhuluma naye, ngibapha indlebe. Uma kukhona okubakhalisayo, ngiyabasekela.”

Yiqiniso, kungenzeka ujwayelene nabantu abaningi futhi lokho kungcono kunokuba yingxenye yeqeqebana nje elizehlukanisayo. (2 Korinte 6:13) Kodwa ngeke yini wathanda ukuba nabangane abambalwa beqiniso ‘abazalelwe isikhathi sosizi’? (IzAga 17:17) UJean oneminyaka engu-20, uthi: “Kuhle ukwazana nabantu abaningi, kodwa lokho kufana nokuba nendawo yokugcina izingubo zokugqoka egcwele izimpahla ezinhle kodwa ezinye zibe zingakulingani. Uyolokhu ugqoka izingubo ezifanayo owaziyo ukuthi ziyakulingana. Kungokufanayo nangabangane abaseduze.”

 

^ isig. 3 Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 5 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nezingosi zokuxhumana nabantu, bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza” kuyi-Phaphama! ka-July no-August 2011.

^ isig. 10 Ngezinye izikhathi akukona ukuhlakanipha ukugcina imfihlo—ngokwesibonelo, uma umngane enze isono esikhulu, ecabanga ukuzibulala noma esengene emkhubeni othile ozomlimaza. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka i-Phaphama! ka-December 2008 amakhasi 19-21, neka-May 2008 amakhasi 26-29.

^ isig. 30 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isihloko se-Phaphama! ka-March 2009, esithi “Intsha Iyabuza. . . Ingabe Ngidinga Abangane Abangcono?”