Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokuba Nabangani?

Lithini IBhayibheli Ngokuba Nabangani?

Impendulo yeBhayibheli

 Abangani bangenza ukuphila kube mnandi futhi kuphumelele. Abangani abahle bangenza ukuphila kwethu kube ngcono futhi basikhuthaze—IzAga 27:17.

 Noma kunjalo, iBhayibheli ligcizelela ukubaluleka kokubakhetha ngokucophelela abangani. Lixwayisa ngezingozi zokuba nohlobo olubi lwabangani. (IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33) Labo bangani bangenza umuntu enze izinqumo eziwubuphukuphuku noma bonakalise ubuntu bakhe.

Kulesi sihloko

 Onjani umngani omuhle?

 IBhayibheli lifundisa ukuthi ubungani obuhle budinga okungaphezu kokuthanda izinto ezifanayo. Ngokwesibonelo, iHubo 119:63 lithi: “Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo a nowalabo abagcina imiyalo yakho.” Phawula ukuthi lo mbhali weBhayibheli uthi wakhetha abangani abangafuni ukudumaza uNkulunkulu nabanesifiso sokuphila ngemithetho kaNkulunkulu.

 IBhayibheli liphinde liqokomise ubuntu umngani omuhle okufanele abe nabo. Ngokwesibonelo:

  •   “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

  •   “Kukhona abangane abaphihlizanayo, kodwa kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.”—IzAga 18:24.

 La mavesi asifundisa ukuthi umngani omuhle uqotho, unothando, unomusa futhi uyaphana. Umngani weqiniso kungathenjelwa kuye lapho izinto zingahambi kahle ekuphileni. Umngani wangempela uzoba naso isibindi sokukutshela lapho unhlanhlatha noma lapho uzokwenza isinqumo esibhedayo.—IzAga 27:6, 9.

 Iziphi izibonelo zobungani obuhle eziseBhayibhelini?

 IBhayibheli linezibonelo zabangani abahle phakathi kwabantu ababeneminyaka engafani, isizinda, amasiko nezikhundla. Ake sixoxe ngezibonelo ezintathu.

  •   URuthe noNawomi. URuthe kwakungumalokazana kaNawomi, futhi kungenzeka babeshiyana ngeminyaka eminingi kakhulu. Ngaphezu kwalokho, isizinda sikaRuthe sasingafani nesikaNawomi. Nakuba kwakunalokho kungafani, babengamathe nolimi futhi bethandana.—Ruthe 1:16.

  •   UDavide noJonathani. Nakuba uJonathani ayemshiya ngeminyaka engu-30 uDavide, iBhayibheli lithi uDavide noJonathani “baba abangane abakhulu.”—1 Samuweli 18:1.

  •   UJesu nabaphostoli bakhe. UJesu wayenegunya kubaphostoli bakhe, engumfundisi nenkosi yabo. (Johane 13:13) Kodwa akakaze acabange ukuthi abekho ezingeni lokuba abangani bakhe. Kunalokho uJesu wayesondelene kakhulu nabantu abenza izinto azifundisayo. Wathi: “Nginibize ngokuthi ningabangane, ngoba nginitshele zonke izinto engizizwe kuBaba.”—Johane 15:14, 15.

 Umuntu angaba yini umngani kaNkulunkulu?

 Yebo, kungenzeka ukuthi abantu babe abangani bakaNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Uba umngane nabaqotho.” (IzAga 3:32) Ngamanye amazwi, uNkulunkulu ukhetha abangani abaziphatha kahle, abathembekile nabanenhlonipho, abazama ukuphila ngemithetho yakhe mayelana nokulungile nokungalungile. Ngokwesibonelo, indoda ethembekile u-Abrahama, iBhayibheli liyibiza ngokuqondile ngokuthi umngani kaNkulunkulu.—2 IziKronike 20:7; Isaya 41:8; Jakobe 2:23.

a Umongo waleli hubo ubonisa ukuthi igama elithi “abakwesabayo” kuleli vesi libhekisela kuNkulunkulu.