Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uzisebenzisa Ngokuhlakanipha Ezobuchwepheshe?

Ingabe Uzisebenzisa Ngokuhlakanipha Ezobuchwepheshe?

UJenni uwumlutha womdlalo we-video. Uthi, “Sengiwudlala amahora angu-8 ngosuku, futhi usuphenduke inkinga ngempela.”

UDennis wazama ukuhlala izinsuku ezingu-7 engayithinti imishini yakhe yezobuchwepheshe futhi engangeni kuyi-Internet. Akaqedanga ngisho nezinsuku ezimbili.

UJenni noDennis sebadlula enkathini yobusha. UJenni ungumama wezingane ezine oneminyaka engu-40. UDennis unengu-49.

INGABE uyazisebenzisa ezobuchwepheshe? * Abaningi bangaphendula bathi yebo, futhi kube kufanele. Imishini yezobuchwepheshe inendima ebalulekile newusizo ekutholeni umsebenzi, ekuxhumaneni nabanye nasekuzilibaziseni.

Nokho, njengoJenni noDennis, abantu abaningi babonakala bezikhonze ngokweqile ezinye izinhlobo zezobuchwepheshe. Ngokwesibonelo, uNicole oneminyaka engu-20 uthi: “Ngiyadabuka ukukusho lokhu, kodwa mina nomakhalekhukhwini wami singabangane abakhulu. Ngiyaqiniseka ukuthi uhlala useduze ngaso sonke isikhathi. Kuthi angihlanye uma ngisendaweni ongadonsi kuyo, futhi ngemva kwesigamu sehora, ngisuke sengikulangazelela ukuphinde ngihlole imiyalezo yami. Kuthanda ukuba ubuwula kona!”

Abanye ngisho nasebusuku baze badamane bebheka ukuthi ayikho yini imiyalezo nokwaziswa okusha okungenile. Bangase bagule uma behlukene nomshini wabo wezobuchwepheshe. Abanye abacwaningi bachaza lokhu njengokuba umlutha—kungaba owezinto zobuchwepheshe zizonke noma owe-Internet noma owomshini othile wezobuchwepheshe njengomakhalekhukhwini wohlobo oluphambili. Abanye bayangabaza ukusebenzisa igama ‘lomlutha,’ bakhethe ukuchaza lowo mkhuba njengenkinga, nento engayekeki noma abayithanda ngokweqile.

Kungakhathaliseki ukuthi bakuchaza kanjani, ukusebenzisa ezobuchwepheshe ngokungahlakaniphi kungaba yinkinga. Kwezinye izimo kungase kudale uqhekeko phakathi kwamalungu omndeni. Ngokwesibonelo, intombazane eneminyaka engu-20 iyabalisa: “Ubaba akasazi nokuthi kwenzekani ekuphileni kwami. Uvele ahlale egumbini lokuphumula, abhale ama-e-mail ebe ekhuluma nami. Akakwazi ukubeka phansi umakhalekhukhwini wakhe. Kungenzeka ubaba uyangikhathalela, kodwa ngezinye izikhathi akubukeki kanjalo.”

Ukugqashula Ekubeni Umlutha Wezobuchwepheshe

Ukuze asize abanenkinga yokusebenzisa kabi ezobuchwepheshe, amazwe anjengeChina, iNingizimu Korea, i-United Kingdom ne-United States, asungule izikhungo zokusiza imilutha yezobuchwepheshe, lapho umuntu onenkinga engenakukwazi ukungena kuyi-Internet noma ukusebenzisa imishini yezobuchwepheshe izinsuku ezithile. Ngokwesibonelo, cabanga ngoBrett osemusha othi wake wazithola esedlala imidlalo kuyi-Internet amahora angafinyelela kwangu-16 ngosuku. Uthi, “Uma nje ngingena kuyi-Internet kwakuba sengathi sengithole isidakamizwa esithile.” Lapho uBrett ebhalisa kwesinye salezi zikhungo ezinikeza usizo, wayeselahlekelwe umsebenzi, engasagezi futhi eselahlekelwe nangabangane. Ungasigwema kanjani lesi simo esibuhlungu?

HLOLA INDLELA OSEBENZISA NGAYO EZOBUCHWEPHESHE. Thola ukuthi ezobuchwepheshe zinaliphi ithonya ekuphileni kwakho. Zibuze imibuzo efana nale:

  • Ingabe ngikhathazeka ngokungafanele, mhlawumbe ngize ngibe nolaka lapho ngingakwazi ukungena kuyi-Internet noma ukusebenzisa umshini wami wezobuchwepheshe?

  • Ingabe ngiyaqhubeka ngisebenzisa i-Internet noma umshini wami wezobuchwepheshe ngisho nalapho sekudlule isikhathi ebengizibekele ukuyeka ngaso?

  • Ingabe angisaphumuli ngokwanele ngenxa yokuthi angikwazi ukuyeka ukubheka imiyalezo engenayo?

  • Ingabe indlela engisebenzisa ngayo ezobuchwepheshe yenza ngingawunaki umndeni wami? Ingabe amalungu omndeni wami angavumelana nempendulo yami?

Uma indlela osebenzisa ngayo ezobuchwepheshe ibangela ukuba ungazinaki ‘izinto ezibaluleke kakhulu’—ezihlanganisa umndeni wakho neminye imithwalo yemfanelo—sekuyisikhathi sokwenza izinguquko. (Filipi 1:10) Kanjani?

FUNDA UKUZIBEKELA IMINGCELE ENENGQONDO. Ukweqisa ngisho nasezintweni ezinhle kungaba yingozi. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa umshini wezobuchwepheshe emsebenzini noma ukuze uzijabulise, nquma ukuthi uzowusebenzisa isikhathi eside kangakanani bese uyanamathela kuleso sinqumo.

Icebiso: Kungani ungaceli ilungu lomkhaya noma umngane ukuba akusize? IBhayibheli lithi: “Ababili bangcono kunoyedwa, . . . ngoba uma kungenzeka omunye wabo awe, lo omunye angamvusa umngane wakhe.”—UmShumayeli 4:9, 10.

Ungalivumeli ilukuluku likuholele ekubeni “umlutha”

Njengoba imishini emisha iqhubeka ikwenza kube lula futhi kusheshe ukuthola nokudlulisa ukwaziswa, ukusetshenziswa kabi kwezobuchwepheshe nakho kuzokhula. Kodwa ungalivumeli ilukuluku likuholele ekubeni ‘umlutha.’ ‘Ngokuzithengisisela ithuba,’ ungakugwema ukusebenzisa kabi imishini yezobuchwepheshe.—Efesu 5:16.

^ isig. 5 Kulesi sihloko igama elithi “ezobuchwepheshe” libhekisela emishinini eyamukela noma ithumele imininingwane, okungaba ngama-e-mail, ngocingo, ngemiyalezo, ngama-video, ngomculo, ngemidlalo nangezithombe.