Dlulela kokuphakathi

Uyakhuthazela Naphezu Kobunzima

Uyakhuthazela Naphezu Kobunzima

 UVirginia, omunye woFakazi BakaJehova unesifo okuthiwa i-locked-in syndrome. Umzimba wakhe wakhubazeka kangangokuthi akakwazi ukunyakaza. Uyabona futhi uyezwa uyakwazi ukuvula amehlo awavale, nekhanda uyakwazi ukulinyakazisa kancane. Akakwazi ukudla nokukhuluma. Ekuqaleni, wayewumnqemane futhi enobungqabavu. Langa limbe ekuseni ngo-1997, wezwa ubuhlungu obuhlabayo nobubeleselayo esiphundu. Umyeni wakhe wamthatha wamusa esibhedlela futhi kusukela ngalobo busuku waba kwi-coma. Ngemva kwamasonto amabili, waphaphama esesegumbini labagula kakhulu engakwazi ukunyakaza futhi ephefumula ngomshini. Izinsuku ezimbalwa wayengakhumbuli lutho, engasazazi nokuthi ungubani.

 UVirginia uyachaza ukuthi kwabe sekwenzekani. “Kancane kancane ngazikhumbula ezinye izinto. Ngathandaza ngokujulile. Ngangingafuni ukufa ngishiye indodana yami esencane ingenanina. Ukuze ngiziqinise, ngazama ukukhumbula amavesi eBhayibheli amaningi ngangokunokwenzeka.

 “Ekugcineni, odokotela bangikhipha egumbini labagula kakhulu. Ngemva kokushintshashintsha izibhedlela izinyanga eziyisithupha ngabuyiselwa ekhaya. Ngangingakakwazi nhlobo ukunyakazisa umzimba futhi ngangidinga ukusizwa kuyo yonke into. Ngangidikibele kakhulu! Ngazizwa ngingelusizo lwalutho kwabanye nakuJehova. Ngangikhathazeke nangokuthi izonakekeleka kanjani indodana yami.

 “Ngaqala ukufunda ngoFakazi ababenesimo esifana nesami futhi ngamangala ukuthola ukuthi ziningi kanjani izinto ababekwazi ukuzenzela uJehova. Ngenxa yalokho ngazama ukuhlala nginesimo sengqondo esifanele ngokugxila kulokho engangikwazi ukukwenza. Ngaphambi kokuba ngigule, sasisincane isikhathi engangisichitha ezintweni ezaziqinisa ubuhlobo bami noNkulunkulu. Manje zonke izinsuku ngase nginaso sonke isikhathi. Esikhundleni sokuhlala ngidikibele ngagxila ekuzinikeleni kwami kuJehova.

 “Ngafunda ukusebenzisa ikhompyutha. Ngithayipha ngisebenzisa uhlelo lwekhompyutha olukwazi ukuhambisana nokunyakaza kwekhanda lami. Kuyakhathaza khona, kodwa ezobuchwepheshe zenza ngikwazi ukutadisha iBhayibheli nokuxoxa nabanye ngethemba enginalo ngokubabhalela izincwadi nangokubathumelela imiyalezo. Ukuze ngikwazi ukuxoxa nabanye, ngisebenzisa ibhodi elinezinhlamvu zamagama. Umuntu engikhuluma naye ukhomba uhlamvu ngalunye ngesikhathi. Uma ekhomba uhlamvu okungeyilo, ngiwavula kakhulu amehlo ami, uma ekhomba olukahle ngivala amehlo. Siphindaphinda leyo nqubo ukuze sakhe amagama nemisho. Abanye odade engichitha nabo isikhathi sebengochwepheshe ekushesheni babone ukuthi ngifuna ukuthini. Uma kwesinye isikhathi beshaya eceleni sivele sihleke.

Ukhuluma esebenzisa ibhodi elinezinhlamvu zamagama

 “Ngiyakujabulela ukuba nengxenye emisebenzini yebandla. Ngiba khona emihlanganweni ngosizo lwevidiyo. Ngibhala impendulo yami, bese omunye eyifunda uma sekuyisikhathi semibuzo nezimpendulo. Ngiphinde ngixhume ngevidiyo ukuze ngihlangane neqembu elincane loFakazi lapho libukela uhlelo lwanyanga zonke lwe-JW Broadcasting. a

 “Sengiphile nalesi sifo iminyaka engu-23 manje. Ngezinye izikhathi, ngizizwa ngiphansi. Kodwa ngiyakwazi ukulwa naleyo mizwa ngokuthandaza nangokuzihlanganisa nabafowethu nodadewethu nangokuhlale ngilwela ukuqinisa ubuhlobo bami noJehova. Empeleni, ngosizo lwebandla ngikwazile ukuba iphayona elisizayo iminyaka engaphezu kweyisithupha. Ngilwe kanzima ukubekela indodana yami isibonelo, u-Alessandro, manje oseshadile futhi osengumdala. Bangamaphayona avamile bobabili nomkakhe.

 “Ngihlale ngizindla ngezinto engiyokwazi ukuzenza epharadesi. Into yokuqala engifuna ukuyenza, ukukhuluma ngoJehova ngezwi lami. Ngingathanda ukuhamba ngigudle imifula enamatshe emaphandleni ukuze ngibone izindawo ezinhle. Njengoba bengilokhu ngidla ngepayipi iminyaka ewu-20 edlule, ngikulangazelela kakhulu ukuzibona sengikha i-aphula esihlahleni sengililuma. Njengoba ngingumNtaliyane, ngibheke phambili ekuphekeni nasekudleni ukudla engikuthandayo kwesiNtaliyane, kuhlanganise ne-pizza!

 “‘Ithemba lensindiso’ lingisizile ngavikela ingqondo yami. (1 Thesalonika 5:8) Ukuzibona ngeso lengqondo ngisezweni elisha, kungenza ngijabule naphezu kokugula, engineqiniso lokuthi kuzophela maduze. Ngempela, angisakwazi nokulinda, ngilangazelela ‘ukuphila kwangempela’ uJehova athembisa ukuthi uzosinika kona ngoMbuso wakhe.”—1 Thimothewu 6:19; Mathewu 6:9, 10.

a Ilinki ye-JW Broadcasting itholakala ku-jw.org/zu.