Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 7

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

1. Uyini uMbuso kaNkulunkulu?

Yini eyenza uJesu abe iNkosi efanelekayo?—MARKU 1:40-42.

UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni wasezulwini. Uyothatha isikhundla sabo bonke ohulumeni basemhlabeni futhi ubangele ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe ezulwini nasemhlabeni. Yizindaba ezinhle lezi ngoMbuso kaNkulunkulu. Maduzane uMbuso kaNkulunkulu uzokwanelisa isidingo sabantu sokuba nohulumeni okahle. Uzokwenza bonke abantu emhlabeni babe nobunye.—Funda uDaniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10; 24:14.

Umbuso kumelwe ube nenkosi. UJehova wabeka iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuba ibe iNkosi yoMbuso wakhe.—Funda isAmbulo 11:15.

Bukela ividiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

2. Kungani uJesu eyiNkosi efanelekayo?

INdodana kaNkulunkulu iyiNkosi efanelekayo ngoba inomusa futhi ikumelela ngokuqinile okulungile. (Mathewu 11:28-30) Futhi inamandla okusiza abantu ngoba iyobusa umhlaba isezulwini. Ngemva kokuvuswa kwayo, yenyukela ezulwini, yahlala yalinda ngakwesokunene sikaJehova. (Hebheru 10:12, 13) Ekugcineni, uNkulunkulu wayinika amandla okuba iqale ukubusa.—Funda uDaniyeli 7:13, 14.

3. Obani abayobusa noJesu?

Abantu ababizwa ngokuthi ‘abangcwele’ bayobusa noJesu ezulwini. (Daniyeli 7:27) Abangcwele bokuqala abakhethwa kwakungabaphostoli bakaJesu abathembekile. UJehova uye waqhubeka kwaze kwaba namuhla ekhetha amadoda nabesifazane abathembekile ukuba babe abangcwele. NjengoJesu, bavuswa benemizimba yomoya.—Funda uJohane 14:1-3; 1 Korinte 15:42-44.

Bangaki abantu abaya ezulwini? UJesu wababiza ngokuthi ‘umhlambi omncane.’ (Luka 12:32) Lapho sebephelele bayoba ngu-144 000. Bayobusa noJesu phezu komhlaba.—Funda isAmbulo 14:1.

4. Kwenzekani lapho uJesu eqala ukubusa?

UMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ngo-1914. * Into yokuqala uJesu ayenza njengeNkosi kwaba ukuphonsa uSathane namademoni akhe emhlabeni. USathane wathukuthela, waqala ukudala izinkathazo emhlabeni. (IsAmbulo 12:7-10, 12) Kusukela ngaleso sikhathi, usizi lwesintu luye lwanda kakhulu. Izimpi, indlala, izifo ezingumshayabhuqe nokuzamazama komhlaba, zonke lezi zinto ziyingxenye ‘yesibonakaliso’ sokuthi maduze nje uMbuso uzoziqondisa ngokugcwele izinto emhlabeni.—Funda uLuka 21:7, 10, 11, 31.

5. Yini efezwa uMbuso kaNkulunkulu?

Ngomsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke, uMbuso kaNkulunkulu uqoqa isixuku esikhulu esinobunye esivela kuzo zonke izizwe. Izigidi zabathobekile ziyavuma ukubuswa uJesu. UMbuso kaNkulunkulu uyozivikela lapho ubhubhisa lesi simiso sezinto esibi. Ngakho, bonke abafuna ukuzuza eMbusweni kaNkulunkulu kufanele bafunde ukuzithoba ngaphansi kokubusa kukaJesu.—Funda isAmbulo 7:9, 14, 16, 17.

Phakathi neminyaka eyinkulungwane, uMbuso uyofeza injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngesintu. Umhlaba wonke uyoba ipharadesi. Ekugcineni, uJesu uyobuyisela uMbuso kuYise. (1 Korinte 15:24-​26) Ukhona umuntu omaziyo ongathanda ukumxoxela ngoMbuso kaNkulunkulu?—Funda iHubo 37:10, 11, 29.

 

^ par. 6 Ukuze uthole imininingwane echaza indlela isiprofetho seBhayibheli esabikezela ngayo unyaka ka-1914, bheka amakhasi 215-218 encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?