Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 9

Ungajabula Kanjani Umkhaya Wakho?

Ungajabula Kanjani Umkhaya Wakho?

1. Kungani ukushada kubalulekile ukuze umkhaya ujabule?

Izindaba ezinhle zivela kuJehova, uNkulunkulu ojabulayo, ofuna imikhaya ijabule. (1 Thimothewu 1:11) Nguye owasungula umshado. Ukushada ngokusemthethweni kubalulekile ukuze umkhaya ujabule ngoba kwakha indawo elondekile yokukhulisa abantwana.

UNkulunkulu uwubheka kanjani umshado? Ufuna ube isibopho esingapheli phakathi kwendoda nenkosikazi. AmaKristu kufanele ahloniphe imithetho yendawo emayelana nokubhalisa umshado. (Luka 2:1, 4, 5) UJehova ufuna indoda nomkayo bathembeke komunye nomunye. (Hebheru 13:4) Uyakuzonda ukuhlukana. (Malaki 2:16) Kodwa uyawavumela amaKristu ukuba ahlukanise umshado futhi aphinde ashade kuphela uma omunye wabo ephingile.—Funda uMathewu 19:3-6, 9.

2. Indoda nomkayo kufanele baphathane kanjani?

UJehova wadala owesilisa nowesifazane ukuba baphelelisane emshadweni. (Genesise 2:18) Njengenhloko yomkhaya, indoda kufanele ihole ekunikezeni umkhaya wayo izidingo zokuphila nasekuwufundiseni ngoNkulunkulu. Kufanele ibonise uthando lokuzidela ngomkayo. Amadoda nomkawo kufanele bathandane futhi bahloniphane. Njengoba wonke amadoda nomkawo bengaphelele, ukufunda ukuthethelela kuyisihluthulelo senjabulo emshadweni.—Funda eyabase-Efesu 4:31, 32; 5:22-25, 33; 1 Petru 3:7.

3. Ingabe kufanele uphume emshadweni ongenayo injabulo?

Uma ninezinkinga emshadweni, nobabili kufanele nisebenzele ukuphathana ngothando. (1 Korinte 13:4, 5) IZwi likaNkulunkulu alikukhuthazi ukuhlala ngokwahlukana njengendlela yokuxazulula izinkinga zomshado ezivamile.—Funda eyoku-1 Korinte 7:10-13.

4. Bantwana, yini uNkulunkulu anifunela yona?

UJehova ufuna nijabule. Uninika iseluleko esihle kakhulu sendlela eningajabulela ngayo ubusha benu. Ufuna nizuze ekuhlakanipheni nasolwazini lwabazali benu. (Kolose 3:20) UJehova ufuna nithole nenjabulo elethwa ukujabulisa uMdali wenu neNdodana yakhe.—Funda umShumayeli 11:9–12:1; Mathewu 19:13-15; 21:15, 16.

5. Bazali, izingane zenu zingayithola kanjani injabulo?

Kufanele nisebenze kanzima ukuze izingane zenu zibe nokudla, indawo yokuhlala nezingubo. (1 Thimothewu 5:8) Kodwa ukuze izingane zenu zithole injabulo, kudingeka nizifundise ukuthanda uNkulunkulu nokumlalela. (Efesu 6:4) Isibonelo senu sokuthanda uNkulunkulu singasuleleka enhliziyweni yengane yenu. Uma isiqondiso senu sisekelwe eZwini likaNkulunkulu, singakubumba ngendlela efanele ukucabanga kwengane.—Funda uDuteronomi 6:4-7; IzAga 22:6.

Izingane ziyazuza lapho nizikhuthaza futhi nizincoma. Zidinga nokukhuzwa nokuyalwa. Ukuqeqesha okunjalo kungazivikela ekuziphatheni okungaziphuca injabulo. (IzAga 22:15) Noma kunjalo, isiyalo akufanele nanini sibe nokhahlo noma isihluku.—Funda eyabaseKolose 3:21.

OFakazi BakaJehova banyathelisa izincwadi ezihlukahlukene ezibhalelwe ukusiza ngokukhethekile abazali nezingane. Lezi zincwadi zisekelwe eBhayibhelini.—Funda iHubo 19:7, 11.