Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 02

IBhayibheli Linikeza Ithemba

IBhayibheli Linikeza Ithemba

Emhlabeni wonke, abantu abaningi babhekene nezinkinga ezibabangela ukuba badabuke, bakhathazeke noma bezwe ubuhlungu. Wake wabhekana nesimo esikwenza uzizwe kanjalo? Mhlawumbe kwamanje uphatheke kabi ngenxa yokugula noma ukushonelwa umuntu omthandayo. Kungenzeka uyazibuza, ‘Ingabe ukuphila kuyoke kube ngcono?’ IBhayibheli lisinikeza impendulo eduduzayo.

1. Yiliphi ithemba iBhayibheli elisinikeza lona?

IBhayibheli alichazi nje ukuthi kungani umhlaba ugcwele izinkinga, kodwa lisitshela nangezindaba ezinhle zokuthi lezi zinkinga ezesikhashana futhi zizophela maduze. Izithembiso zeBhayibheli zingakwenza ‘ube nekusasa elihle nethemba.’ (Funda uJeremiya 29:​11, 12.) Lezo zithembiso zisisiza sibhekane nezinkinga esinazo manje, sithole injabulo manje nenjabulo ehlala njalo esikhathini esizayo.

2. IBhayibheli lithi liyoba njani ikusasa?

IBhayibheli lithi esikhathini esizayo “ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (Funda isAmbulo 21:4.) Izinkinga ezibangela ukuba abantu baphelelwe yithemba namuhla ezinjengendlala, ukwenzelela, ukugula nokufa ngeke zisaba khona. IBhayibheli lithembisa ukuthi abantu bayophila phakade emhlabeni oyiPharadesi.

3. Ungaqiniseka kanjani ukuthi izithembiso zeBhayibheli ziyofezeka?

Abantu abaningi bayafisa ukuba kwenzeke okuhle kodwa abaqiniseki ukuthi izifiso zabo ziyoke zifezeke. Okuthenjiswa iBhayibheli kuhlukile. Singakwethemba elikushoyo ngokuba ‘sihlole ngokucophelela imiBhalo.’ (IzEnzo 17:​11) Njengoba utadisha iBhayibheli, uzokwazi ukuzibonela ukuthi ungakwethemba yini lokho elikushoyo mayelana nekusasa.

FUNDA OKWENGEZIWE

Hlola ezinye izinto iBhayibheli elithembisa ukuthi zizokwenzeka esikhathini esizayo. Bona ukuthi ithemba elinikezwa iBhayibheli libasiza kanjani abantu namuhla.

4. IBhayibheli lisithembisa ukuthi singaphila phakade singabi nazo izinkinga

Bheka lezi zithembiso ezilandelayo eziseBhayibhelini. Yiziphi izithembiso wena ozithanda kakhulu? Kungani?

Fundani imiBhalo ebekwe eceleni kwalezo zithembiso, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Le miBhalo iyakunikeza yini ithemba? Ingawunikeza yini ithemba umndeni wakho noma abangane bakho?

Zicabange usuphila emhlabeni lapho

KUNGEKHO MUNTU OHLUSHWA YILEZI ZINTO . . .

WONKE UMUNTU EJABULELA LEZI ZINTO . . .

  • ukuba nempilo enhle nokuba namandla.​—Jobe 33:25.

  • ukuhlushwa imicabango noma izinkumbulo ezizwisa ubuhlungu.​—Isaya 65:17.

5. Ithemba esilinikezwa iBhayibheli lingawenza umehluko

Abantu abaningi kuyabadumaza kuze ngisho kubathukuthelise ukubona izinkinga ezibazungezile. Abanye baze balwe ukuze bazame ukwenza izinto zibe ngcono. Bona ukuthi isithembiso seBhayibheli sokuthi izinto zizoba ngcono sibasiza kanjani abantu manje. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo yikuphi ukungabi nabulungisa okwakukhathaza uRafika?

  • Nakuba ukungabi nabulungisa ayekubona kungaphelanga, iBhayibheli lamsiza kanjani?

Ithemba esilinikezwa iBhayibheli ngekusasa lingasisiza silwe nokudumazeka futhi sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga. Fundani izAga 17:​22 neyabaseRoma 12:​12, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ucabanga ukuthi ithemba eliseBhayibhelini lingenza ukuphila kwakho kube ngcono manje? Kungani ucabanga kanjalo?

ABANYE ABANTU BATHI: “Izithembiso zeBhayibheli ngekusasa azilona iqiniso.”

  • Kungani ucabanga ukuthi kubalulekile ukuba uzihlolele ngokwakho ukuthi kunjalo yini?

UKUBUYEKEZA

IBhayibheli lisinikeza ithemba, lisisize sibhekane nezinkinga ngokusithembisa ukuthi siyojabula esikhathini esizayo.

Ufundeni?

  • Kungani abantu bedinga ithemba?

  • Lithini iBhayibheli ngekusasa?

  • Ukuba nethemba ngekusasa kungakusiza kanjani manje?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Thola ukuthi ukuba nethemba ngekusasa kungabasiza kanjani abanezifo ezingamahlalakhona.

“Ukuphila Nesifo Esingamahlalakhona​—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Lapho ubukela le vidiyo yomculo zicabange wena nomndeni wakho niphila ePharadesi elithenjiswe iBhayibheli.

Zicabange

Funda indlela ukuphila komuntu owayelwela izinguquko okwashintsha ngayo lapho efunda ngethemba iBhayibheli elilinikezayo ngekusasa.

“Angisenawo Umuzwa Wokuthi Kumelwe Ngiguqule Umhlaba” (INqabayokulinda, Julayi 1, 2013)