Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 03

Ungalethemba Yini IBhayibheli?

Ungalethemba Yini IBhayibheli?

IBhayibheli lisithembisa izinto eziningi futhi lisinikeza izeluleko eziningi. Cishe uyafuna ukwazi elikufundisayo, kodwa mhlawumbe awufuni ukuthatheka. Kufanele yini uzethembe izithembiso nezeluleko ezivela encwadini endala kangaka? Ungakukholwa ngempela yini okushiwo iBhayibheli ngokujabulela ukuphila manje nasesikhathini esizayo? Abantu abaningi bayakukholwa. Ake sibone ukuthi ungakukholwa yini nawe.

1. Ingabe izindaba eziseBhayibhelini ziyiqiniso ngempela?

IBhayibheli lithi ‘linamazwi eqiniso anembile.’ (UmShumayeli 12:​10) Likhuluma ngezindaba eziyiqiniso ezenzeka kubantu. (Funda uLuka 1:3; 3:​1, 2.) Abantu abaningi abazi umlando nososayensi baye banikeza ubufakazi bokuthi izinsuku, abantu, izindawo nezenzakalo okukhulunywa ngazo eBhayibhelini kuyiqiniso.

2. Kungani singathi iBhayibheli singalethemba nakuba lilidala?

IBhayibheli likhuluma ngezinto ezazingaziwa ngesikhathi libhalwa. Ngokwesibonelo, likhuluma ngezinto eziphathelene nesayensi. Abantu abaningi babengakukholwa elikushoyo ngesayensi ngesikhathi libhalwa. Nokho, isayensi yesikhathi sethu iyakufakazela ukuthi lokho elikushoyo kuyiqiniso. ‘Lihlale lithembekile, manje naphakade.’​IHubo 111:8.

3. Kungani singakwethemba lokho iBhayibheli elithi kuzokwenzeka esikhathini esizayo?

IBhayibheli lineziprofetho * ezibikezela “izinto ezingakenziwa.” (Isaya 46:​10) Izinto eziningi elazibikezela zingakenzeki, zenzeka njengoba lalishilo. Izinto esizibona emhlabeni manje lalizichazile ukuthi ziyokwenzeka. Kulesi sifundo, sizohlola ezinye zeziprofetho zeBhayibheli. Iyamangaza indlela ezigcwaliseka ngayo!

FUNDA OKWENGEZIWE

Hlola ukuthi isayensi yesikhathi sethu ivumelana kanjani neBhayibheli, ufunde neziprofetho ezimbalwa ezigcwalisekile.

4. Isayensi iyavumelana neBhayibheli

Ezikhathini zakudala abantu babekholelwa ukuthi umhlaba uhleli phezu kwento ethile. Dlalani IVIDIYO.

Phawula lokho okwabhalwa encwadini kaJobe eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule. Fundani uJobe 26:​7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani kumangaza ukuthi leli vesi lasho kudala ukuthi umhlaba ulenga “phezu kweze”?

Ukuthi imvula yakheka kanjani, kuze kwaqondwa kahle cishe eminyakeni engaba ngu-200 edlule. Kodwa phawula lokho iBhayibheli elakusho eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule. Fundani uJobe 36:​27, 28, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani imangaza indlela elula leli vesi elichaza ngayo ukwakheka kwemvula?

  • Le miBhalo oyifundile ikwenza ulethembe nakakhulu yini iBhayibheli?

5. IBhayibheli labikezela izinto ezibalulekile ezaziyokwenzeka

Fundani u-Isaya 44:27–​45:​2, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yiziphi izinto iBhayibheli elazibikezela kusasele iminyaka engu-200 kunqotshwe iBhabhiloni?

Umlando ufakazela ukuthi iNkosi uKoresi yasePheresiya nebutho layo banqoba idolobha laseBhabhiloni ngo-539 B.C.E. * Baphambukisa umfula owawuvikela leli dolobha. Ngemva kokungena kuleli dolobha ngamasango ayeshiywe evuliwe, balinqoba bengazange balwe. Namuhla, nakuba sekwadlula iminyaka engaphezu kuka-2 500, iBhabhiloni lisengamanxiwa. Manje, ake uhlole lokho okwakubikezelwe iBhayibheli.

Fundani u-Isaya 13:​19, 20, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Sagcwaliseka kanjani lesi siprofetho?

Amanxiwa eBhabhiloni endaweni eyi-Iraq namuhla

6. IBhayibheli lazibikezela izinto esizibonayo namuhla

IBhayibheli libiza isikhathi sethu ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) Phawula ukuthi iBhayibheli lathi yini ezokwenzeka ezinsukwini zokugcina.

Fundani uMathewu 24:​6, 7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • IBhayibheli lathi kwakuzokwenzekani ezinsukwini zokugcina?

Fundani eyesi-2 Thimothewu 3:​1-5, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • IBhayibheli lathi abantu babeyoziphatha kanjani ezinsukwini zokugcina?

  • Kulezi zinto ezibaliwe, iyiphi oyibonile wena?

ABANYE ABANTU BATHI: “IBhayibheli ligcwele izinganekwane.”

  • Yini ekwenza uqiniseke wena ukuthi singalethemba iBhayibheli?

UKUBUYEKEZA

Umlando, isayensi neziprofetho konke kusiqinisekisa ngokuthi singalethemba iBhayibheli.

Ufundeni?

  • Ingabe izindaba eziseBhayibhelini ziyiqiniso ngempela?

  • Yiziphi ezinye zezinto isayensi evumelana ngazo neBhayibheli?

  • Ucabanga ukuthi iBhayibheli liyalibikezela ikusasa? Kungani usho kanjalo?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Ingabe kukhona okushiwo iBhayibheli okuphambanayo nesayensi?

“Ingabe Isayensi Iyavumelana NeBhayibheli?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Funda ukuthi iziprofetho zeBhayibheli ezimayelana noMbuso WamaGreki zagcwaliseka kanjani.

Baqiniswa “Izwi Eliyisiprofetho”

Funda indlela iziprofetho zeBhayibheli ezawushintsha ngayo umbono womunye umuntu ngeBhayibheli.

“Ngangizitshela Ukuthi UNkulunkulu Akekho” (INqabayokulinda No. 5 2017)

^ par. 9 Iziprofetho ziyimiyalezo evela kuNkulunkulu esitshela ngezinto ezizokwenzeka esikhathini esizayo.

^ par. 25 U-B.C.E. usho ukuthi “Ngaphambi Kwenkathi Evamile,” u-C.E. usho ukuthi “Ngenkathi Evamile.”