Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Angisenawo Umuzwa Wokuthi Kumelwe Ngiguqule Umhlaba”

“Angisenawo Umuzwa Wokuthi Kumelwe Ngiguqule Umhlaba”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1966

  • IZWE AZALELWA KULO: IFINLAND

  • UMLANDO: UMLWELI WAMALUNGELO ABANTU NEZILWANE

UMLANDO WAMI:

Selokhu ngazalwa ngiyayithanda imvelo. Ekhaya sasikujabulela ukuvakashela amahlathi athakazelisayo namachibi amahle ayeseduze kwasekhaya eJyväskylä, eCentral Finland. Ngiyazithanda nezilwane. Ngiseyingane ngangihambe ngifuna ukugona wonke amakati nezinja engangizibona! Njengoba ngikhula, ngaphathwa kabi indlela abantu abahlale behlukumeza ngayo izilwane. Ngokuhamba kwesikhathi, ngajoyina inhlangano elwela amalungelo ezilwane, lapho ngahlangana khona nabantu ababecabanga njengami.

Salwela amalungelo ezilwane ngentshiseko. Sasakaza ukwaziswa futhi senza imibhikisho yokumelana nezitolo ezidayisa uboya bezilwane nezindawo zokucwaninga ngezilwane (animal-testing laboratories). Saze sasungula nenye inhlangano yokuvikela izilwane. Ngenxa yokuthi sasithatha ngamawala ukuze sicacise iphuzu lethu, sasihlale sixabana nabomthetho. Ngaboshwa futhi ngayiswa enkantolo izikhathi ezimbalwa.

Naphezu kokuthanda kwami izilwane, zazingikhathaza nezinye izinkinga zomhlaba. Ekugcineni, ngazihlanganisa nezinhlangano eziningi kuhlanganise ne-Amnesty International and Greenpeace. Ngagxila emisebenzini yalezi zinhlangano. Ngamelela abampofu, ababulawa indlala, nabahluphekile.

Nokho, kancane kancane ngaqaphela ukuthi ngeke ngikwazi ukushintsha umhlaba. Nakuba lezo zinhlangano zakwazi ukuxazulula izinkinga ezincane, izinkinga ezinkulu zaziya ziba zimbi nakakhulu. Kwaba sengathi ububi bugubuzela umhlaba wonke futhi akekho onendaba. Ngaphelelwa amandla.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngenxa yokudunyazwa ukuhluleka ukusiza, ngaqala ukucabanga ngoNkulunkulu nangeBhayibheli. Ngangike ngalifunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Nakuba ngangiwazisa  umusa wabo kanye nesithakazelo ababenaso kimi, ngangingakakulungeli ukushintsha ukuphila kwami. Kodwa manje, izinto zase zishintshile.

Ngathatha iBhayibheli lami ngaqala ukulifunda. Langibopha amanxeba. Ngaqaphela ukuthi amavesi amaningi asifundisa ukuba siphathe izilwane ngomusa. Ngokwesibonelo, izAga 12:10 zithi “olungileyo unakekela umphefumulo wesilwane sakhe esifuywayo.” Ngaphawula nokuthi akuyena uNkulunkulu obangela izinkinga zesintu. Kunalokho, izinkinga ziye zaba zimbi nakakhulu ngenxa yokuthi abantu abalandeli iziqondiso zikaNkulunkulu. Ngahlabeka umxhwele lapho ngifunda ngothando lukaJehova kanye nokubekezela kwakhe.—IHubo 103:8-14.

Kwathi kusenjalo, ngathola isigqebhezana sokucela incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? ngasigcwalisa ngabe sengisithumela. Ngokushesha abashadikazi abangoFakazi beza kwami bacela ukungifundela iBhayibheli, ngavuma. Ngaqala nokuya emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso. Lokho kwabangela ukuba iqiniso leBhayibheli lijule enhliziyweni yami.

IBhayibheli langisiza ngakwazi ukwenza izinguquko eziningi. Ngayeka ukubhema nokuphuza ngokweqile. Ngalungisa indlela engangibukeka nengangikhuluma ngayo . Ngashintsha indlela engangibheka ngayo amagunya ezwe. (Roma 13:1) Ngayeka nokuziphatha okubi okuyiyona nto enganginenkinga enkulu kuyo.

Ushintsho olwaba nzima kakhulu kimi kwaba ukuhlakulela umbono ofanele ngezinhlangano ezilwela amalungelo abantu nezilwane. Kwangithatha isikhathi ukwenza lokho. Ekuqaleni, ngaba nomuzwa wokuthi ngizobe ngibonisa ukungathembeki kulezi zinhlangano uma ngishiya phansi. Nokho, ngaqonda ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba langempela lomhlaba. Nganquma ukuzikhandla ekusekeleni lowo Mbuso nokusiza abanye ukuba bafunde ngawo.—Mathewu 6:33.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Njengomlweli wamalungelo abantu, ngangahlulela abantu ngokweqisa—kube ukuthi babi noma balungile—futhi ngangizimisele ukumelana nalabo engangicabanga ukuthi babi. Kodwa ngosizo lweBhayibheli, angisenayo leyo mizwa enamandla yenzondo. Kunalokho ngizama ukuhlakulela uthando lobuKristu kubo bonke abantu. (Mathewu 5:44) Enye yezindlela engilubonisa ngayo lolu thando ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kuyangijabulisa ukubona indlela lo msebenzi othuthukisa ngayo ukuthula nenjabulo nendlela onikeza ngayo ithemba langempela.

Ukushiyela izinto ezandleni zikaJehova kuye kwanginika ukuthula kwengqondo. Ngiyaqiniseka ukuthi njengoMdali, uNkulunkulu, ngeke avumele ukuhlukunyezwa kwezilwane nabantu phakade futhi ngeke avumele ukuba umhlaba wethu omuhle ubhujiswe. Kunalokho, ngoMbuso wakhe, maduze uzolungisa wonke umonakalo oye wenziwa. (Isaya 11:1-9) Kuyangijabulisa ukwazi la maqiniso, kodwa kungijabulisa nakakhulu ukusiza abanye ukuba babe nokholo kuwo. Angisenawo umuzwa wokuthi kumelwe ngiguqule umhlaba.