Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayayibhidliza Imindeni Noma Bayayiqinisa?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayayibhidliza Imindeni Noma Bayayiqinisa?

 NjengoFakazi BakaJehova, silwela ukuqinisa imindeni, kokubili eyethu neyomakhelwane bethu. Sihlonipha uNkulunkulu njengoMsunguli welungiselelo lomndeni. (Genesise 2:​21-​24; Efesu 3:​14, 15) EBhayibhelini, ufundisa izimiso esezisize abantu emhlabeni wonke ukuba babe nemishado eqinile nejabulisayo.

Indlela OFakazi BakaJehova Abaqinisa Ngayo Imindeni

 Senza konke esingakwenza ukuze silandele iseluleko seBhayibheli, ngoba lokhu kusisiza sibe abayeni, amakhosikazi nabazali abangcono. (IzAga 31:10-​31; Efesu 5:22–​6:4; 1 Thimothewu 5:8) Ukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini kusiza ngisho nemikhaya ehlukene ngokwenkolo ukuba iphumelele. (1 Petru 3:​1, 2) Cabanga ngalokhu okushiwo yilabo abangebona oFakazi abashade nabantu ababa oFakazi BakaJehova:

  •   “Iminyaka eyisithupha yokuqala sishadile yayigcwele izingxabano nokukhungatheka. Nokho, ngemva kokuba u-Ivete ebe omunye woFakazi BakaJehova, waba nothando nesineke kakhudlwana. Izinguquko azenza zasindisa umshado wethu.”​—UClauir, waseBrazil.

  •   “Ngangiphikisa lapho umyeni wami, uChansa, eqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngoba ngangicabanga ukuthi babhidliza imindeni. Kusukela ngaleso sikhathi, ngibonile ukuthi empeleni iBhayibheli lawusiza umshado wethu.”​—U-Agness, waseZambia.

 Enkonzweni yethu, sibonisa omakhelwane bethu indlela ukusebenzisa ukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini okungabasiza ngayo

Ingabe ukushintsha inkolo kubangela ingxabano emshadweni?

 Ngezinye izikhathi kuyayibangela. Ngokwesibonelo, umbiko wango-1998 owenziwa inkampani yokucwaninga i-Sofres wabonisa ukuthi umshado owodwa kwengu-20 enomngane womshado onguFakazi wabhekana nezinkinga lapho lowo mngane womshado eba uFakazi.

 UJesu wabikezela ukuthi labo abalandela izimfundiso zakhe babeyoxabana nemindeni yabo ngezinye izikhathi. (Mathewu 10:32-​36) UWill Durant wezomlando uthi ngaphansi koMbuso WaseRoma “ubuKristu babumangalelwa ngokuthi buchitha umndeni,” a futhi abanye oFakazi BakaJehova bamangalelwa ngecala elifanayo namuhla. Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi oFakazi babangela ukungezwani emindenini?

Isakhiwo SeNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu

 Lapho ikhipha isinqumo ecaleni lokumangalela oFakazi BakaJehova ngokubhidliza imindeni, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu yathi ngokuvamile amalungu omkhaya angebona oFakazi abangela ukungezwani ngokwenqaba “ukwamukela nokuhlonipha inkululeko engokwenkolo ilungu elikholwayo elinayo yokubonakalisa nokuqhuba inkolo yalo.” Le Nkantolo yenezela: “Lena yinto evamile kuyo yonke imishado ehlukene ngokwenkolo futhi kungokufanayo nangoFakazi BakaJehova.” b Nokho, nakuba bebandlululwa ngokwenkolo, oFakazi BakaJehova balwela ukulandela iseluleko seBhayibheli: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”​—Roma 12:17, 18.

Okwenza oFakazi BakaJehova bakholelwe ukuthi kumelwe bashadane bodwa

 OFakazi balandela umyalo weBhayibheli wokushada “kuphela eNkosini,” okusho, ukushada umuntu onokholo olufana nolwakho. (1 Korinte 7:​39) Lesi seluleko singokomBhalo futhi siwusizo. Ngokwesibonelo, isihloko esavela ngo-2010 kuyi-Journal of Marriage and Family sathi “imibhangqwana enenkolo namasiko afanayo” ivame ukuba nobuhlobo obuhle. c

 Nokho, oFakazi abakhuthazi amalungu abo ukuba ahlukanise nabangane babo bomshado abangebona oFakazi. IBhayibheli lithi: “Uma kukhona umzalwane onomfazi ongakholwa, nokho umfazi evuma ukuhlala naye, makangamshiyi; futhi owesifazane onomyeni ongakholwa, nokho umyeni evuma ukuhlala naye, makangamshiyi umyeni wakhe.” (1 Korinte 7:​12, 13) OFakazi BakaJehova baphila ngalo myalo.

a Bheka i-Caesar and Christ, ikhasi 647.

b Bheka isinqumo esakhishwa ecaleni loFakazi BakaJehova BaseMoscow Nabanye v. iRussia, amakhasi 26-​27, isigaba 111.

c Bheka i-Journal of Marriage and Family, uMqulu 72, Number 4, (August 2010), ikhasi 963.