Dlulela kokuphakathi

Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Ngibe Nomndeni Ojabulayo?

Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Ngibe Nomndeni Ojabulayo?

Impendulo yeBhayibheli

Yebo. Nazi izeluleko ezimbalwa ezisekelwe eBhayibhelini ezisize izigidi zamadoda nabesifazane ukuba zibe nemindeni ejabulayo:

  1. Shada ngokusemthethweni. Isibopho sokuphila konke osenza ngokushada ngokusemthethweni siyisisekelo somndeni ojabulayo.​—Mathewu 19:4-6.

  2. Bonisa uthando nenhlonipho. Lokhu kuhlanganisa ukuphatha oshade naye ngendlela ongathanda ukuphathwa ngayo.​—Mathewu 7:12; Efesu 5:25, 33.

  3. Gwema amazwi ahlabayo. Khuluma ngendlela enomusa, ngisho nalapho oshade naye esho noma enza okuthile okukuzwisa ubuhlungu. (Efesu 4:31, 32) IzAga 15:1 zithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elibangela ubuhlungu lenyusa intukuthelo.”

  4. Thembekani komunye nomunye. Izenzo zothando nezocansi zibonise kuphela koshade naye. (Mathewu 5:28) IBhayibheli lithi: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa.”—Hebheru 13:4.

  5. Qeqesha izingane zakho ngothando. Gwema ukuthambisa kakhulu isandla nokuba nokhahlo.​—IzAga 29:15; Kolose 3:21.