Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 USIZO LOMKHAYA | UMSHADO

Indlela Yokunqanda Ukuqagulisana

Indlela Yokunqanda Ukuqagulisana

INSELELE

Ingabe wena noshade naye niyehluleka ukukhulumisana ngokuthula? Ingabe uhlale unovalo lokuthi noma yini oyenzayo ingase isuse impikiswano enkulu?

Uma kunjalo, qiniseka ukuthi izinto zingalunga. Kodwa okokuqala kudingeka uthole ukuthi kungani wena noshade naye nihlale niqagulisana.

IZIMBANGELA

Ukuba nombono oyiphutha ngomunye.

Inkosikazi okuthiwa uJillian * iyavuma: “Ngezinye izikhathi ngisho into ethile kumyeni wami kodwa ingezwakali ngendlela ebengiyihlosile. Noma ngizithole ngiqiniseka ukuthi ngimtshele okuthile kuyilapho empeleni kade ngiziphuphela nje. Lokho kuke kwenzeka ngempela!”

Ukungaboni ngaso linye.

Kungakhathaliseki ukuthi wena noshade naye nibonakala nifanelana kangakanani, imibono yenu kwezinye izinto iyokwehluka. Ngani? Ngenxa yokuthi abekho abantu ababili abafana ncamashi—okuyisici esingenza umshado ujabulise noma ube nezinkinga. Emibhangqwaneni eminingi, ukungefani kubangela izingxabano.

Izibonelo ezingezinhle.

Owesifazane okuthiwa uRachel, uthi: “Abazali bami babehlale beqagulisana futhi bengahloniphani, ngakho lapho sengishadile ngangikhuluma nomyeni wami ngendlela umama ayekhuluma ngayo nobaba. Ngangingayifundiswanga indlela yokubonisa inhlonipho.”

Umnyombo wenkinga.

Ngokuvamile, impikiswano eshubile isuke ingaphathelene ngempela nalokho okuyibangele. Ngokwesibonelo, ingxabano esuswa amazwi athi, “Wena njalo awusigcini isikhathi!” ingase ingabi mayelana nesidingo sokugcina isikhathi ngempela, kodwa kungase kube ukuthi omunye unomuzwa wokuthi akacatshangelwa.

Kungakhatheliseki ukuthi imbangela iyini, izimpikiswano ezingapheli zingayilimaza impilo yakho futhi zingase zibe inkomba yokuthi umshado usengcupheni yokuchitheka. Khona-ke, ningakuyeka kanjani ukuqagulisana?

 LOKHO ENINGAKWENZA

Isihluthulelo sokugwema ukuqagulisana siwukuthola umnyombo wako. Lapho izinto zihamba kahle, zamani ukwenza lokhu okulandelayo.

1. Ngamunye wenu makabhale ephepheni indaba enike naphikisana ngayo muva nje. Ngokwesibonelo, indoda ingase ibhale, “Uchithe usuku lonke nabangane bakho ngaphandle kokungazisa ukuthi ukuphi.” Inkosikazi ingase ibhale ukuthi, “Uthukutheliswe ukuthi benginabangane bami.”

2. Xoxani ngalokhu okulandelayo ninomqondo ovulekile: Ingabe lena bekuyindaba ebucayi ngempela? Ibingeke yini ivele idluliswe? Kwezinye izimo, ukuze kulondolozwe ukuthula, kuyokwanela ukwamukela ukuthi imibono yenu ayifani ngendaba ethile bese niyemboza ngothando.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 17:9.

Uma wena noshade naye niphetha ngokuthi bekuyinto ewubala nje, xolisani omunye komunye bese niyidlulisa.—Isimiso seBhayibheli: Kolose 3:13, 14.

Uma udaba lubonakala lubucayi kakhudlwana komunye wenu noma kini nobabili, dlulelani esinyathelweni esilandelayo.

3. Bhala phansi indlela ozizwe ngayo ngesikhathi niphikisana, bese noshade naye enza okufanayo. Ngokwesibonelo, nakhu indoda engase ikubhale, “Ngibe nomuzwa wokuthi ukhetha ukuba nabangane bakho esikhundleni sokuba nami.” Nakhu inkosikazi engase ikubhale, “Ngibe nomuzwa wokuthi ungiphathisa okwengane okufanele icele kuyise.”

4. Shintshanani ngamaphepha, bese nifunda okushiwo omunye nomunye. Yini oshade naye abekhathazeke ngayo kakhulu ngesikhathi niphikisana? Xoxani ngokuthi yini ehlukile ngamunye wenu abengayenza ukuze nilungise umnyombo wenkinga ngaphandle kokuqagulisana.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 29:11.

5. Xoxani ngezifundo enizitholile. Ningazisebenzisa kanjani izifundo enizitholile ukuze nilungise noma nivimbele impikiswano esikhathini esizayo?

^ isig. 7 Amagama ashintshiwe.