Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Bekhuluma Nabantu Asebake Basho Ngaphambili Ukuthi Abathandi Ukuxoxa Nabo?

Kungani OFakazi BakaJehova Bekhuluma Nabantu Asebake Basho Ngaphambili Ukuthi Abathandi Ukuxoxa Nabo?

 OFakazi BakaJehova, beqhutshwa ukuthanda uNkulunkulu nomakhelwane, bajabulela ukuxoxa ngeBhayibheli nabo bonke abantu, kuhlanganise nalabo asebake basho ukuthi abathandi ukuxoxa nathi. (Mathewu 22:37-39) Ukuthanda uNkulunkulu kusenza silalele umyalo weNdodana yakhe wokuba “sinikeze ubufakazi obuphelele.” (IzEnzo 10:42; 1 Johane 5:3) Ukuze sikwenze lokhu, siwuletha kaningana umyalezo kaNkulunkulu, njengoba nje abaprofethi baNkulunkulu basendulo benza. (Jeremiya 25:4) Ngenxa yokuthi siyabathanda omakhelwane bethu, sizama ukuxoxa nabo bonke ngomyalezo osindisa ukuphila ‘wezindaba ezinhle zombuso,’ kuhlanganise nalabo ababengenandaba nawo ngaphambili.​—Mathewu 24:14.

 Sivame ukuthola othile othandayo ukuxoxa nathi lapho siphindela. Cabanga ngezizathu ezintathu:

  •   Abantu bayathutha.

  •   Abanye kulawo makhaya babonisa uthando kulokhu esixoxa ngakho.

  •   Abantu bayashintsha. Izenzakalo zomhlaba wonke noma izimo zomuntu ngamunye zenza abanye ‘baqaphele isidingo sabo esingokomoya’ kakhudlwana futhi babe nesifiso sokwazi ngomyalezo weBhayibheli. (Mathewu 5:3) Ngisho nalabo abaphikisayo bangashintsha indlela abazizwa ngayo, njengoba kwenzeka kumphostoli uPawulu.​—1 Thimothewu 1:​13.

 Noma kunjalo, asibaphoqi abantu ukuba balalele umyalezo wethu. (1 Petru 3:​15) Sikholelwa ukuthi umuntu ngamunye kumelwe azinqumele yena endabeni yokukhonza.​—Duteronomi 30:19, 20.