Dlulela kokuphakathi

Kungani oFakazi BakaJehova bevakashela abantu abanezinkolo zabo?

Kungani oFakazi BakaJehova bevakashela abantu abanezinkolo zabo?

 Siye sathola ukuthi abantu abaningi abanezinkolo zabo bayakujabulela ukuxoxa ngezihloko zeBhayibheli. Siyalihlonipha ilungelo lomuntu lokuba nenkolelo ehlukile kweyethu futhi asibaphoqi abanye ukuba bamukele isigijimi sethu.

 Lapho sixoxa ngenkolo, sizama ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli esithi senze kanjalo “ngomoya omnene” futhi sibonise abanye ‘inhlonipho ejulile.’ (1 Petru 3:15) Sikulindele ukuthi abanye bayosenqaba isigijimi esiza naso. (Mathewu 10:14) Nokho, asazi ukuthi abantu bayosabela kanjani kuze kube yilapho sikhuluma nabo. Siyaqaphela nokuthi izimo zabantu ziyashintsha.

 Ngokwesibonelo, umuntu singamthola ematasa kakhulu angakwazi ukuxoxa nathi kodwa ngesikhathi esilandelayo akujabulele ukuxoxa nathi. Abantu bangase babhekane nezinkinga noma izimo ezintsha okumelwe babhekane nazo, ezibenza bafune ukulalela isigijimi seBhayibheli. Ngakho sizama ukukhuluma nabantu izikhathi eziphindaphindiwe.