Dlulela kokuphakathi

Ingabe IBhayibheli Liyakufundisa Ukuphindukuzalwa?

Ingabe IBhayibheli Liyakufundisa Ukuphindukuzalwa?

Impendulo yeBhayibheli

Cha, alikufundisi. Igama elithi “ukuphindukuzalwa” ngisho nomqondo walo akuveli eBhayibhelini. Inkolelo yokuphindukuzalwa isekelwe emfundisweni yokungafi komphefumulo. a Nokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi umphefumulo ungumuntu ewonke nokuthi uyafa. (Genesise 2:7; Hezekeli 18:4) Lapho umuntu efa, akabe esaba khona.​—Genesise 3:19; UmShumayeli 9:5, 6.

Uyini umehluko phakathi kokuphindukuzalwa novuko?

Imfundiso yeBhayibheli yovuko ayisekelwe ekungafini komphefumulo. Ovukweni, abantu asebafa bayophinde baphile ngamandla kaNkulunkulu. (Mathewu 22:23, 29; IzEnzo 24:15) Uvuko lunikeza ithemba langempela lokubuyela emhlabeni omusha unethuba lokungaphinde ufe.​—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.

Imibono eyiphutha mayelana nokuphindukuzalwa neBhayibheli

Umbono oyiphutha: IBhayibheli lithi umprofethi u-Eliya waphinde wazalwa esenguJohane uMbhapathizi.

Iqiniso: UNkulunkulu wabikezela: “Ngithumela kini u-Eliya umprofethi,” futhi uJesu wabonisa ukuthi uJohane uMbhapathizi wasigcwalisa lesi siprofetho. (Malaki 4:5, 6; Mathewu 11:13, 14) Nokho, lokhu akusho ukuthi u-Eliya waphinde wazalwa esenguJohane uMbhapathizi. UJohane ngokwakhe wathi akayena u-Eliya. (Johane 1:21) Kunalokho, uJohane wayenza umsebenzi onjengoka-Eliya, ememezela umyalezo kaNkulunkulu wokuphenduka. (1 AmaKhosi 18:36, 37; Mathewu 3:1) Futhi uJohane wazibonakalisa “enamandla njengomprofethi u-Eliya.”​—Luka 1:​13-​17, Good News Translation.

Umbono oyiphutha: IBhayibheli libhekisela emfundisweni yokuphindukuzalwa ngokuthi “ukuzalwa okusha.”

Iqiniso: IBhayibheli libonisa ukuthi ukuzalwa okusha kungokomoya futhi kwenzeka umuntu esaphila. (Johane 1:​12, 13) Lokhu kuzalwa akuwona umphumela ongenakugwenywa wezenzo zangesikhathi esidlule, kodwa kuyisibusiso esivela kuNkulunkulu, esinika labo abasitholayo ithemba elihlukile lekusasa.​—Johane 3:3; 1 Petru 1:3, 4.

a Inkolelo yokungafi komphefumulo neyokuphindukuzalwa isuka eBhabhiloni lasendulo. Kamuva, izazi zaseNdiya zefilosofi zasungula imfundiso yeKarma. Ngokwe-Britannica Encyclopedia of World Religions, iKarma “umthetho wembangela nomphumela, othi lokho umuntu akwenza ekuphileni kwamanje kuyoba nomphumela ekuphileni okuzayo.”​—Ikhasi 913.