Dlulela kokuphakathi

Kusho Ukuthini Ukuzalwa Kabusha?

Kusho Ukuthini Ukuzalwa Kabusha?

Impendulo yeBhayibheli

Elithi “ukuzalwa kabusha” libhekisela esiqalweni esisha sobudlelwano obuphakathi kukaNkulunkulu nomuntu osuke esezelwe kabusha. (Johane 3:​3, 7) UNkulunkulu uyabathenga labo abazelwe kabusha njengabantwana bakhe. (Roma 8:15, 16; Galathiya 4:5; 1 Johane 3:1) Ngokufanayo nalapho umuntu eba ilungu lomunye umndeni ngokusemthethweni, labo abangabantwana bakaNkulunkulu bokutholwa bashintsha ukubizwa kwabo, babe amalungu omndeni wakhe.​—2 Korinte 6:18

Kungani umuntu ezalwa kabusha?

UJesu wathi: “Ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, akanakuwubona uMbuso kaNkulunkulu.” (Johane 3:3) Ngakho, ukuzalwa kabusha kuqeqesha umuntu ukuba akulungele ukubusa noKristu eMbusweni kaNkulunkulu. Lo Mbuso ubusa usezulwini, ngakho iBhayibheli likuchaza lokhu “kuzalwa okusha” njengesipho esiyifa ‘eligcinwe ezulwini.’ (1 Petru 1:​3, 4) Labo abazelwe kabusha banikezwa uphawu lokuthi ‘bayobusa njengamakhosi’ kanye noKristu.​—2 Thimothewu 2:12; 2 Korinte 1:21, 22.

Umuntu uzalwa kanjani kabusha?

Lapho uJesu ekhuluma ngale ndaba, wathi labo abazelwe kabusha ‘bayozalwa ngamanzi nomoya.’ (Johane 3:5) Le nkulumo ibhekisela ekubhapathizweni ngamanzi bese kulandela ubhapathizo lomoya ongcwele.​—IzEnzo 1:5; 2:1-4

UJesu waba umuntu wokuqala owazalwa kabusha. Wabhapathizwa eMfuleni iJordani, okwathi ngemva kwalokho uNkulunkulu wamgcoba (noma wambhapathiza) ngomoya ongcwele. Ngaleyo ndlela uJesu wazalwa kabusha njengendodana engokomoya kaNkulunkulu enethemba lokubuyela ekuphileni kwasezulwini. (Marku 1:​9-​11) UNkulunkulu waligcwalisa lelo themba ngokumvusa uJesu njengesidalwa somoya.​—IzEnzo 13:33.

Nabanye abazelwe kabusha nabo babhapathizwa ngamanzi ngaphambi kokwamukela umoya ongcwele. a (IzEnzo 2:38, 41) Babe sebeba nethemba eliqinisekisiwe lokuphila ezulwini, lelo uNkulunkulu aligcwalisa ngovuko.​—1 Korinte 15:42-49.

Imibono eyiphutha ngokuzalwa kabusha

Umbono oyiphutha: Umuntu kumelwe azalwe kabusha ukuze athole insindiso noma abe umKristu.

Iqiniso: Umhlatshelo kaKristu unikeza insindiso kokubili kulabo abazelwe kabusha ukuze babuse ezulwini noKristu, kanye nakulabo abayizikhonzi zasemhlabeni zoMbuso kaNkulunkulu. (1 Johane 2:1, 2; IsAmbulo 5:9, 10) Lelo qembu lesibili lamaKristu linethuba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni.​—IHubo 37:29; Mathewu 6:9, 10; IsAmbulo 21:1-5.

Umbono oyiphutha: Umuntu angazikhethela ukuzalwa kabusha.

Iqiniso: Ithuba lokuba nobudlelwano noNkulunkulu nokuzuza insindiso livuleleke wonke umuntu. (1 Thimothewu 2:3, 4; Jakobe 4:8) Nokho, uNkulunkulu okhetha labo abazozalwa kabusha, noma abazogcotshwa ngomoya ongcwele. NgokweBhayibheli, ukuzalwa kabusha “akuncikile kulowo ofisayo, kodwa kuNkulunkulu.” (Roma 9:​16) Inkulumo ethi “ukuzalwa kabusha” ingabuye ibekwe ngokuthi ‘ukuzalwa ngokwaphezulu,’ okuqinisekisa ukuthi ukukhethwa kwalabo abazalwa kabusha kuqhamuka ‘phezulu,’ noma kuNkulunkulu.​—Johane 3:3.

a Kwenzeka okuhlukile kanye kuphela, endabeni kaKorneliyu nalabo ababenaye.​—IzEnzo 10:44-48.