Dlulela kokuphakathi

Ukufa Nokuphila

Ukuphila

Iyini Injongo Yokuphila?

Uke wazibuza ukuthi ‘Iyini injongo yokuphila?’ Thola indlela iBhayibheli eliwuphendula ngayo lowo mbuzo.

Iyini Intando KaNkulunkulu Ngami?

Ingabe udinga uphawu olukhethekile, umbono noma ubizo oluvela kuNkulunkulu ukuze wazi intando yakhe ngawe? Thola impendulo yeBhayibheli.

Yini Ongayenza Ukuze Uphile Phakade?

IBhayibheli lithembisa ukuthi labo abenza intando kaNkulunkulu bangaphila phakade. Nazi izinto ezintathu afuna sizenze.

Uyini Umphefumulo?

Ingabe ungokuthile okungaphakathi kuwe? Ingabe uyaqhubeka uphila ngemva kokufa?

Amagama Obani Abhalwe “Encwadini Yokuphila”?

UNkulunkulu uthembisa ukukhumbula labo abathembekile kuye. Ingabe igama lakho libhaliwe “encwadini yokuphila”?

Ukufa

Kungani Abantu Befa?

Izimpendulo zeBhayibheli zalo mbuzo zisinika kokubili induduzo nethemba.

Kwenzekani Lapho Ufa?

Ingabe abafileyo bayazi ukuthi kwenzekani endaweni ebazungezile?

Lithini IBhayibheli Ngokushiswa Komuntu Oshonile?

Zingaki izindlela ezamukelekayo zokungcwaba umuntu oshonile?

Angisafuni Ukuphila—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?

Umuntu ofuna ukuzibulala angasithola yini iseluleko esiwusizo eBhayibhelini?

Ukwesaba Ukufa​—Ungakunqoba Kanjani?

Ukunqoba ukwesaba ukufa kungakwenza ujabule ekuphileni

Izinkumbulo Zokusinda Ekufeni​—Yini Ezingayichazi?

Ingabe zinikeza amazwibela okuphila kwangemva kokufa? Indaba yokuvuswa kukaLazaru eseBhayibhelini isinikeza umhlahlandlela kule ndaba.

Ingabe Usuku Lwethu Lokufa Selunqunyiwe Kakade?

Kungani iBhayibheli lithi ‘kunesikhathi sokufa’?

Lithini IBhayibheli Ngokuqedela Umuntu Noma Isilwane Esigulela Ukufa?

Kuthiwani uma umuntu egulela ukufa? Uma esefa kufanele yini kunwetshwe isikhathi sokufa kwakhe?

Izulu Nesihogo

Liyini Izulu?

Njengoba lisetshenziswe eBhayibhelini, leli gama linezincazelo ezintathu.

Obani Abaya Ezulwini?

Kungumbono ovamile oyiphutha ukuthi bonke abantu abalungile bazoya ezulwini. Lifundisani ngempela iBhayibheli?

Sikhona Ngempela Yini Isihogo? Lithini IBhayibheli Ngesihogo?

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi isihogo indawo lapho kujeziswa khona abantu ababi phakade. Kodwa ingabe yilokho okufundiswa iBhayibheli?

Obani Abaya Esihogweni?

Ingabe kungenzeka ukuba abantu abalungile baye esihogweni? Ingabe umuntu angaphuma esihogweni? Ingabe isihogo siyohlale sikhona. IBhayibheli liyayiphendula le mibuzo.

Liyini Ichibi Lomlilo? Ingabe Liyafana Nesihogo Noma NeGehena?

UJesu ‘unezihluthulelo zokufa,’ kodwa ingabe unaso isihluthulelo sechibi lomlilo?

Isicebi NoLazaru—Kwakungobani?

Ingabe umfanekiso kaJesu ufundisa ukuthi abantu abalungile baya ezulwini kuyilapho abantu abangalungile beya esihogweni?

Ingabe IBhayibheli Liyakhuluma Ngesihlanzo?

Kuzokumangaza ukuthi yaqala kanjani le mfundiso.

Izilwane Ziyaya Yini Ezulwini?

EBhayibhelini akukhulunywa ngesilwane esifuywayo sasezulwini noma inja yasezulwini—kube kufanele.

Ithemba Ngabafileyo

Luyini Uvuko?

Kungase kukumangaze ukwazi ukuthi obani abayovuswa.