Dlulela kokuphakathi

Ingabe Ukubhema Kuyisono?

Ingabe Ukubhema Kuyisono?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alikhulumi ngokubhema a noma ngezinye izindlela zokusebenzisa ugwayi. Nokho, ikhona imiBhalo ebonisa ukuthi uNkulunkulu akayamukeli imikhuba engahlanzekile nelimaza impilo, okwenza sibheke ukubhema njengesono.

  • Ukuhlonipha ukuphila. “UNkulunkulu . . . unika bonke abantu ukuphila nomoya.” (IzEnzo 17:24, 25) Njengoba ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu, akufanele senze noma yini engenza siphile isikhathi esifushane, njengokubhema. Ukubhema kungenye yezinto eziyimbangela yokufa kwabantu obekungagwenywa emhlabeni wonke.

  • Ukuthanda umakhelwane. “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) Ukubhema phakathi kwabantu akubonisi uthando. Abantu abangabhemi kodwa abahogela intuthu esuke ibhenywa abanye, basemathubeni amaningi kakhulu okuthola izifo ezitholwa abantu ababhemayo.

  • Isidingo sokuba ngcwele. ‘Nikelani imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu.’ (Roma 12:1) “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Ukubhema akukho ngokwemvelo futhi akuhambisani nokuba ngcwele, okusho ukuhlanzeka nokuba msulwa, ngoba abantu ababhemayo balimaza imizimba yabo ngamabomu.

Kukhona yini iBhayibheli elikushoyo ngokuzijabulisa ngokusebenzisa insangu noma ezinye izidakamizwa?

IBhayibheli alizisho ngamagama izidakamizwa ezifana nensangu nezinye. Kodwa ikhona imiBhalo esenza sibone ukuthi akulungile ukuzijabulisa ngokusebenzisa izidakamizwa. Ngaphezu kwemiBhalo esesixoxe ngayo, nansi neminye okufanele sicabange ngayo:

  • Isidingo sokulawula indlela esicabanga ngayo. “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke . . . ingqondo yakho.” (Mathewu 22:37, 38) “Hlalani nisanguluké ngokuphelele.” (1 Petru 1:13) Umuntu osebenzisa izidakamizwa akakwazi ukulawula ingqondo yakhe, kanti abanye bagcina sebengakwazi ukuphila ngaphandle kwazo. Kunokucabanga izinto ezakhayo, ukuphela kwento abacabanga ngayo izidakamizwa.—Filipi 4:8.

  • Ukulalela imithetho yezwe. ‘Lalelani ohulumeni neziphathimandla.’ (Thithu 3:1) Kwamanye amazwe kunemithetho elawula indlela yokusetshenziswa kwezinye izidakamizwa. Uma sifuna ukujabulisa uJehova, kufanele siyilalele imithetho yezwe.—Roma 13:1.

a Ukubhema okukhulunywa ngakho kulesi sihloko kubhekisela ekuhogeleni ngamabomu intuthu kagwayi, yesigazu, yenqawe noma ye-hubbly bubbly. Nokho, imiBhalo ekulesi sihloko iyasebenza nalapho umuntu ehlafuna ugwayi, ebhema isinemfu, ugwayi osebenza ngogesi one-nicotine nezinye izinhlobo zezidakamizwa ezifana nalezi.