Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Unqobe Ukusebenzisa Kabi Izidakamizwa?

Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Unqobe Ukusebenzisa Kabi Izidakamizwa?

 Unyaka nonyaka, kufa izigidi zabantu ngenxa yokusebenzisa kabi izidakamizwa, ngezindlela eziqondile noma ezicashile. Phakathi nobhubhane lwe-COVID-19, le nkinga iye yaba nkulu ngisho nakakhulu. Ukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini kusize abaningi ukunqoba ukuba imilutha yezidakamizwa. Uma nawe unenkinga yezidakamizwa, lokho kuhlakanipha kungakusiza. a

Kulesi sihloko

 Kungani kufanele ufune iseluleko seBhayibheli ukuze uyeke izidakamizwa?

 Abacwaningi bathole ukuthi ukuba umlutha wezidakamizwa kuvame ukuhlotshaniswa nomzwangedwa, i-stress, ukukhathazeka nesifo sokucindezeleka. IBhayibheli lingakusiza wakhe ukholo oludingekayo oluzokusiza ubhekane ngokuphumelelayo nezinkinga ezibangela ukuba umlutha wezidakamizwa. Libonisa indlela ongaba ngayo nobungani obuseduze noNkulunkulu. (IHubo 25:14) Ngosizo lwakhe, unganqoba izinkinga obona sengathi zingaphezu kwamandla akho.—Marku 11:22-24.

 Izinyathelo ezine ezisekelwe eBhayibhelini ezingakusiza ugqashule kulo mkhuba

  1.  1. Funda ngoJehova uNkulunkulu. b (Johane 17:3) UnguMdali noMthombo wamandla angapheli. Ngaphezu kwalokho, unguBaba wakho wasezulwini okuthandayo. Ufuna ube umngani wakhe omkhulu, ufuna nokusebenzisa amandla akhe ukuze akusize. (Isaya 40:29-31; Jakobe 4:8) Ukuthembisa ikusasa elihle kakhulu uma ulwamukela uthando lwakhe.—Jeremiya 29:11; Johane 3:16.

  2.  2. Cela uJehova akusize. Thandaza kuNkulunkulu umcele akusize unqobe izidakamizwa ukuze ube ‘ngcwele [noma, uhlanzeke] futhi wamukeleke [kuye].’ (Roma 12:1) Esebenzisa umoya wakhe ongcwele, noma amandla asebenzayo, uzokunika “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Korinte 4:7; Luka 11:13) La mandla azokusiza uyeke ukusebenzisa kabi izidakamizwa, wakhe “ubuntu obusha” obuvumelana nentando yakhe.—Kolose 3:9, 10.

  3.  3. Gcwalisa ingqondo yakho ngemicabango kaNkulunkulu. (Isaya 55:9) Uzokusiza ‘wenziwe musha endleleni yakho yokucabanga,’ noma ushintshe indlela ocabanga ngayo, okuzokusiza uyeke ukusebenzisa kabi izidakamizwa. (Efesu 4:23) Imicabango kaNkulunkulu itholakala eBhayibhelini, ngakho kubalulekile ukuba ulifunde njalo. (IHubo 1:1-3) Kubasizile abaningi ukwamukela usizo ukuze baqonde okufundiswa iBhayibheli. (IzEnzo 8:30, 31) OFakazi BakaJehova bangakuqhubela isifundo seBhayibheli mahhala. Sikumema nokuba ube khona emihlanganweni yethu, esifundisa lokho okushiwo iBhayibheli nendlela esingakusebenzisa ngayo elikushoyo ekuphileni kwethu.

  4.  4. Khetha abangani abahle. Abangani bakho bangaba ithonya elinamandla kuwe, elihle noma elibi, njengoba ulwa nokusebenzisa kabi izidakamizwa. (IzAga 13:20) UNkulunkulu wenze kwaba nabantu abangaba abangani abahle phakathi kwezikhonzi zakhe, ufuna uzuze kulobo bungani. (IHubo 119:63; Roma 1:12) Kukhethe ngokuhlakanipha ozijabulisa ngakho, ngoba usuke uzihlanganisa nabantu abakulokho okubukelayo, okulalelayo noma okufundayo. Gwema noma yini ezokwenza kube nzima ukuba wenze okulungile.—IHubo 101:3; Amose 5:14.

 Amavesi eBhayibheli angakusiza unqobe ukuba umlutha wezidakamizwa

 IHubo 27:10: “Ngisho noma ubaba nomama bengangishiya, uJehova ngokwakhe uyongamukela.”

 “Angimazi ubaba ongizalayo, lokho kwakungenza ngizwe sengathi kukhona okushodayo. Lapho sengifunde ukuthi uJehova uNkulunkulu ungokoqobo futhi ungithanda ngempela, ukuphila kwami kwaba nenjongo ngakwazi nokunqoba ukuba umlutha wezidakamizwa.”—uWilby, waseHaiti.

 IHubo 50:15: “Ngibize ngesikhathi sokucindezeleka. Ngizokukhulula.”

 “Sekukaningi leli vesi lingikhuthaza ukuba ngiqhubeke, ngisho noma ngangibuye ngiwele kulesi silingo. UJehova wasigcina isithembiso sakhe.”—uSerhiy, wase-Ukraine.

 IzAga 3:5, 6: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungathembeli kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”

 “La mavesi angisiza ngathembela kuJehova, ngangathembela kokwami ukuqonda. Ngamandla angipha wona, ngakwazi ukukushintsha ngokuphelele ukuphila kwami.”—uMichele, wase-Italy.

 Isaya 41:10: “Ungesabi ngoba nginawe. Ungakhathazeki ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa, impela ngizokusiza, impela ngizokubamba ngesandla sami sokudla sokulunga.”

 “Ngangikhathazeka kakhulu uma ngingazitholi izidakamizwa. Lo mBhalo wangiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uzongisiza nginqobe ukukhathazeka, nangempela wangisiza.”—u-Andy, waseNingizimu Afrika.

 1 Korinte 15:33, umbhalo waphansi: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa isimilo.”

 “Abangani ababi bangifundisa izidakamizwa, bangenza ngaba umlutha wazo. Into eyangisiza ngaphunyuka ukuhlukana nalabo bangani, ngaba umngani nabantu abanesimilo abaphila ngendlela engiyithandayo.”—u-Isaac, waseKenya.

 2 Korinte 7:1: “Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.”

 “Lawo mazwi angikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngilwa ukuze ngihlanze umzimba wami nokuthi ngihlukane nemikhuba emidala eyayimosha ukuphila kwami.”—uRosa, waseColombia.

 Filipi 4:13: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”

 “Ngangazi ukuthi ngangingeke ngibe namandla anele okuyeka ukusebenzisa izidakamizwa, ngakho ngathandazela usizo lukaNkulunkulu. Wangipha amandla engangiwadinga.”—uPatrizia, wase-Italy.

 Abanye abanqoba ukuba umlutha wezidakamizwa ngosizo lweBhayibheli

 UJoseph Ehrenbogen wakhulela endaweni enodlame, waba umlutha wotshwala, ugwayi, insangu ne-heroin. Kukaningi ecishe efa ngenxa yokweqisa ekusebenziseni izidakamizwa. Kunevesi elilodwa ngokukhethekile elamqinisekisa ngokuthi angashintsha. Funda indaba yakhe esihlokweni esithi “Ngafunda Ukuzihlonipha Nokuhlonipha Abesifazane.”

 UDmitry Korshunov wahluleka kaningi ukuyeka ukuphuza utshwala ngokweqile. Bukela ividiyo ethi ‘Yayisingicikile Indlela Engangiphila Ngayo’ ukuze ubone ukuthi yini eyamsiza waphumelela.

 Ingabe iBhayibheli liyakwenqabela ukuthola usizo lwabezokwelapha?

 Cha. IBhayibheli liyavuma: “Abantu abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.” (Mathewu 9:12) Ngokufanayo, i-U.S. National Institute on Drug Abuse ithi: “Ukuba umlutha wezidakamizwa isifo esinzima kakhulu, futhi ukunqoba lo mkhuba kuhilela okungaphezu kokuba nesifiso esinamandla noma ukuzithiba.” Empeleni, usizo uNkulunkulu alunikezayo lunamandla ukwedlula noma isiphi isifiso umuntu anaso. Noma kunjalo, abaningi abaye bagqashula ekubeni imilutha ngokusebenzisa iseluleko seBhayibheli nabo baye badinga usizo lwabezokwelapha. c Ngokwesibonelo, u-Allen uthi: “Ngesikhathi ngiyeka utshwala, ngavele ngezwa izinhlungu ezinkulu emzimbeni. Ngabona lapho ukuthi ngidinga usizo lwezokwelapha ngaphezu kosizo engangiluthola eBhayibhelini.”

 Ingabe iBhayibheli liyakwenqabela ukusetshenziswa kwezidakamizwa ngezinjongo zokwelashwa?

 Cha. Eqinisweni, iBhayibheli likhuluma ngokusetshenziswa kotshwala ukuze kwelashwe ukugula noma kuncishiswe izinhlungu zomuntu osezoshona. (IzAga 31:6; 1 Thimothewu 5:23) Nokho, njengoba kunjalo ngotshwala, nezidakamizwa ezisetshenziselwa ukudambisa izinhlungu nazo zingaba ezilutha kakhulu. Ngakho, kuwukuhlakanipha ukubona ingozi engaba khona bese uqapha indlela osebenzisa ngayo amaphilisi ezinhlungu kadokotela.—IzAga 22:3.

a Nakuba lesi sihloko sigxile ekunqobeni ukuba umlutha wezidakamizwa, kodwa amavesi eBhayibheli asetshenzisiwe angabasiza nalabo abalwisana nezinye izinkinga, njengotshwala, ukubhema, ukudla ngokweqile, ukugembula, ukubuka izithombe zocansi, nokusebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana.

b Elithi Jehova igama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Funda isihloko esithi “Ungubani UJehova?

c Izikhungo eziningi zokwelapha, izibhedlela, nezinhlelo ezisiza abantu balulame nazo zingasiza. Umuntu ngamunye kufanele ahlolisise izinto ezingamsiza bese eyanquma ukuthi iyiphi indlela yokwelashwa engcono kakhulu azoyamukela.—IzAga 14:15.